Izibalo zokwehla kwamalahle ziwubufakazi bezinkinga ezijulile emnothweni wethu, kuloba uBusi Mavuso
ZIYASHAQISA izibalo eziveza ukuthi iRichards Bay Coal Terminal (iRBCT) idayisele amazwe angaphandle amalahle awu-51 million tons, isikali esiphansi kunazo zonke eminyakeni ewu-30. Lesi sikali sehle sisukela ku-70 million tons ngo-2020.
Isikali samalahle esikhulu kunazo zonke esesike sadayiswa siwu-76.4 million tons ngo-2017. I-RBCT imumatha umthamo wamalahle awu-91 million tons.
Izinkinga zeTransnet, ukutshontshwa kwezintambo zikajantshi, ukuphaphalaza kwesitimela nokungabi bikho kwamaguzu nesiteleka sezinsuku eziwu-12 sezisebenzi zaseTransnet kube nesandla ekwehleni kwalo mthamo.
Umonakalo owenzeke emnothweni mkhulu ngendlela emangalisayo kodwa amanani amalahle abephezulu kakhulu ngonyaka odlule njengoba i-European Union ivale ukuthenga kwiRussia ngoba igasele e-Ukraine.
Yize izimayini zamalahle zihlomule kakhulu kodwa futhi yithuba elingasetshenziswanga ngokuphelele njengoba bezingakwazi ukudayisela amanye amazwe kahle ngenxa yokungasebenzi kahle kwezitimela zethu.
Kuthi akufane nangenkathi amanani okumbiwayo ayeqongile phakathi kwango-2000 nango-2001 ngenkathi iChina iseqhulwini lokuvuselela umnotho womhlaba emva kokuwa ngo-2008, iNingizimu Afrika yayingabonwa ndawo yize okumbiwayo kuthi tata ezweni ngenxa yomgomo wezimayini owawungacacile.
Yisimo esibi kanti iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) isebenza kanzima ukulungisa isimo ngosizo lwe-Operation Vulindlela.
Yingakho nje iBLSA ibihlangene nesikhulu esiphezulu seTransnet uNksz uPortia Derby ngoLwesibili oludlule futhi siyayincoma imizamo eyenziwa ngabaholi bamabhizinisi kahulumeni neminyango kahulumeni ukusebenzisana kangcono nosomabhizinisi.
Lezi zingxoxo ziyasisiza futhi ukuthi siqonde kahle izinselelo ababhekene nazo futhi sizinikele ekwesekeni imizamo yokuvuselela nokuphucula indlela okusetshenzwa ngayo.
Yize ngingeke ngikwazi ukudalula imininingwane ngezinto esixoxe ngazo kodwa izinto esizaziyo ziyatshengisa ukuthi uhulumeni ubhekene nezingqinamba ezinzima futhi kudingeka usizo oluphuthumayo.
Ukuvumela abemboni ezimele ukuthi bangene ezitimeleni nasemachwebeni abalwa namanye alawo abizayo futhi okulindwa isikhathi eside kuwo ngezinye izindlela zokukhuthaza ukubambisana ukuze kuxazululwe lezi zinkinga.
Le ndlela okwenzeka ngayo njengamanje ayisebenzi kanti yize zingabakhona izindlela zokunciphisa ingcindezi njengamanje, kodwa isisombululo esiwunomphelo wukuthi uhulumeni abambisane nosomabhizinisi ukuze izinto zenzeke kahle, kungene imali nabantu abanamakhono afanele.
Usizo lweBLSA lokuletha izinguquko embonini yezokuthutha olulethwe nge-Operation Vulindlela eseHhovisi likaMengameli, nelisebenzisana nomNyango wezeziMali, ukuxazulula izingqinamba ezivimba izinguquko futhi njengamanje kugxilwe ekuhlinzekeni amakhono azosiza ukuthi kuqhubeke umsebenzi, ingqalasizinda yezokuthutha.
I-Operation Vulindela inezinto ezimbalwa ezibeke eqhulwini ukuvuselela imboni yezokuthutha ukuze kuphucuke ukusebenza kwamachweba nezitimela. Loku kusho ukuvumela abanye abantu ukuthi bakwazi ukusebenza ezitimeleni nokuthi imboni ezimele ibambe iqhaza lapho kuthuthwa khona izimpahla ngama-container futhi kusungulwe ihhovisi elizolawula umnotho ongena ngemboni yezokuthutha.
Into emqoka wukuqinisekisa ukuthi imboni iyavuseleleka futhi kufezeka izinjongo zeWhite Paper on National Rail Policy ehlose ukulwa nokubambezeleka kokufika kwabatshalimali nokunakekela ingqalasizinda futhi kuphucule indlela ezisebenza ngayo.
Ushintsho olubonakalayo luzokwenzeka ngokuthi siphuthumise imizamo yokungena kwemboni ezimele ukuphucula okuvele kwenzeka. Isibonelo nje wukuthi ukuthembisa ukuthi imboni ezimele ingakwazi ukusebenzisa izitimela iminyaka emibili akuyona into eyanele ukuthi iyihehe ngoba yisikhathi esifishane kakhulu.
Yiculo leli iBLSA ezolokhu ilicula, inqobo nje uma kusadingeka. Ukushoda kwamakhono nemali kwenza kube lukhuni ukuthi uhulumeni ulungise izinto uwodwa.
Njengoba izinguquko kwiKhabhinethi zingenzeka noma yinini, iBLSA ithemba ukuthi kuzoqokwa abaholi abazinikele ngempela ukuxazulula izinkinga ezikhona.
I-BLSA iyasithakasela isimemezelo sekomiti eliqondene nenkinga kagesi iNational Energy Crisis Committee sokuthi uhlaka olusetshenziswayo ukubheka nokulungiselela izidingo zikagesi i-Integrated Resource Plan luzokwethulwa ngoMashi kodwa kufanele ngabe wuhlaka lolu olukhona olubuyekezwa njalo emva kweminyaka emibili. Osomabhizinisi bakholwa wukuthi wuhlaka lolu okufanele luhlanganiswe ngongoti abazimele.
Kulula ukungazibuki izinto ngeso elibanzi ngenxa yokucinywa kukagesi kodwa noma bangampongoloza bathini osopolitiki ngeke lishintshe iqiniso lokuthi ukuguquguquka kwesimo sezulu yinto ekhona futhi umphumela wako e-Afrika eseNingizimu uzoba mubi.
ENingizimu Afrika loku sikuzwa kakhulu ngamanzi. Izikhukhula ezahlasela KwaZulu-Natali ngonyaka odlule ziwubufakazi bokuthi iNingizimu Afrika ayikulungele loku.
Ingqalasizinda yethu idinga ukuphuculwa ngokushesha kanti indlela uhulumeni osebenza ngayo kusukela komasipala kuya phezulu idinga ukulungiswa ukuze uzokwazi ukubhekana nezinhlekelele.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA
