Caba indlela ezokwenza uphile kahle ngemali onayo, kuloba uNokwazi Chonco
ZIHLOLISISE
- Okukuqala, hlolisisa ubudlelwane bakho nemali yakho.
- Yazi isimo sakho sezimali samanje – ungazikhohlisi. Yazi ukuthi yimalini engenayo, yimalini ephumayo, zingakanani izikweletu, imali ayisekho kodwa ihole izolo. Akulula ukubhekana neqiniso.
- Uma usuyivumile lendaba yakho yemali, usuyakwazi ke manje ukubona uhambo okumele ulithathe ukuguqula isimo sakho.
- Konke lokhu kufanele ukubhale phansi, kube phambi kwamehlo akho.
- Bhala nezifiso sakho, mhlawumbe ungazibekela ofisa ukukuzuza esikhathini esingangonyaka. Mhlawumbe kungaba wukuthi ufisa ukuba usuziqedile zonke izikweletu zakho noma ufisa ukubeka imali ukuze ukwazi ukukhokha imali yesikole sengane umkanye, njalonjalo.
- Abantu bavame ukuthi – uma ngingaba nemali eningi, zonke izinkinga zami zemali zingaphela. Yebo mhlawumbe zingaphela kodwa futhi kungavela ezinye izinkinga. Yazi ukuthi akusikho ukuthi unemali engakanani kodwa wukuthi uyiphatha kanjani imali onayo
- Ukufunda ngezezimali (ifinancial literacy) nokuzifundisa imikhuba emihle yokuphatha imali kubaluleke kakhulu uma ufuna ukuba nemivuzo emihle.
- Asiyeke ukuphila nokusebenzisa imali ngokunganaki. Fanele siphile ngokuqonda ukuthi sifunani ngempilo yethu. Njalo uma sikhipha imali sithenga, sikhokha, siqondisise ukuthi izinqumo esizithathayo zinomthelela, ngakhoke akube nomphumela omuhle njalo.
- Uma ufuna ukuphumelela kunoma yini, kumele ube nohlelo uhlelisise – kunjalo ke ngisho uma sikhuluma ngemali. Hlela isabelomali nyanga zonke, uzosebenzisa malini, uzokonga malini, uzotshala malini, njalonjalo.
- Uma usunohlelo usuyabona ke manje ukuthi kufanele uphile kanjani zinyanga zonke ukuze uphumelele ukufeza amaphupho akho ezimali.
- Uwena manje ophethe imali akusiyona ephethe wena. Usuyakwazi ngisho ukubona uma uphume eceleni, usuthenga kungenasdingo. Awusathengi uxhamazela.
- Isabelomali sisiza impilo yakho ihleleke. Imali engenayo, nephumayo uyibona kusekude, awuphili ebumnyameni uthandazela ukuphila kuzekuphele inyanga.
- Phila impilo yakho ngokwamandla akho nephakethe lakho.
- Gwema ingcindezi ezokwenza usebenzise imali ongenayo, ungaweli ogibeni lokuphilela imanje.
- Ukushintsha indlela ocabanga ngayo, nendlela ojwayele ukwenza ngayo izinto akukho lula, kodwa kuyenzeka.
- Njalo uma uzokhipha imali uthenga noma ukhokha, zibuze ukuthi – ingabe lokhu engikwenzayo kunomphumela omuhle noma omubi empilweni yami?
- UNkk uChonco uwungoti wezimali nomsunguli we-Ibanokwazi, inkampani efundisa ngokuphatha imali.
