Akukho okuzuzwe osomabhizinisi enkulumweni kamengameli, kuloba uNtokozo Biyela

NGESONTO elidlule uMengameli uCyril Ramaphosa wethule iNkulumo eBhekiswe esiZweni isizwe ebesiyibheke ngabomvu.

Ngaphandle kwezidubedube ze-Economic Freedom Fighters, esihlale sizilindele ePhalamende, kuthe uma umengameli esethula inkulumo yakhe kwavele kwabanda. Ayikho into etheni entsha ayishilo. 

Uma ubheka, ikakhulukazi usizo oluhlelelwe osomabhizinisi, akukho umengameli aqhamuke nakho, ngaphandle kokuthi osomabhizinisi bazosizwa ngama-solar panel ukumelana nokucima kukagesi.

Kuyabonakala ukuthi umengameli nohulumeni abazi ukuthi babasize kanjani osomabhizinisi abasafufusa, bayafunisela nje. Amabhizinisi awadingi kuphela ukugwema ukuhamba kukagesi, okwenzeka mihla namalanga. Uma ungekho ugesi endaweni, akubi amahhovisi kuphela aba nenkinga kodwa kuvamise ukuthi kuhambe ne-network esiza osomabhizinisi ukuxhumana kalula.

Loku kusho ukuthi maningi amabhizinisi agcina engakwazi ukuqhubeka nomsebenzi wawo ngendlela efanele. Abaningi abakwazi ukuba nemihlangano ngobuchwepheshe njengokujwayelekile. 

Kunosomabhizinisi baseNingizimu Afrika abahweba nosomabhizinisi baphesheya okugcina sekunzima ukuthi ubudlelwano babo bube buhle ngenxa yokuhamba kukagesi mihla namalanga.

Abanye uthola ukuthi amahora amabili yiwona asuke ebaluleke kakhulu ebhizinisini labo ukungenisa imali eningi kanti uma kungasebenzeki bayalahlekelwa. 

Sisanda kuzwa ePosini bememezela ukuthi bazodiliza izisebenzi eziwu-3 000 ezweni lonke. Uma ubheka loku, uyabona ukuthi baningi abantu abazohlupheka. Uma abantu abawu-3 000 bephelelwa wumsebenzi, kusho ukuthi kunabantu ababalelwa ku-15 000 emindenini yabo bonke laba bantu abazolahlekelwa umsebenzi abazothinteka, njengoba kulinganiswa ukuthi umuntu wondla abantu abahlanu.

Kuyacaca ukuthi umnotho wethu usazoba senkingeni ngoba sekucacile ukuthi akukho okuzoshintsha. Umbuzo omkhulu uthi yini okufanele thina njengezakhamuzi siyenze ukuze izinto zibuyele esimweni ezweni? Sivika imicibisholo ngapha nangapha. 

Kube buhlungu ukubulawa ngesihluku komculi uKiernan Forbes, obedume ngelika-“AKA”. Omunye angamangala ukuthi kungani ngibalula ukubulawa kwalo mculi? 

Ngikubalula ngoba kuveza ukuthi akusaphephe kangakanani nasezindaweni zokudlela nezobumnandi. Kungenzeka ukuthi kukhona asebenqume ukuthi ngeke besalubhada kuFlorida Road wodumo eThekwini.  

Loku kusho ukuthi uma abantu sebengasazimisele ukuvakashela izindawo ezithize kuFlorida, kunamabhizinisi azolahlekelwa yinzuzo. Loku kusho ukuvala kwamabhizinisi nokudilizwa kwabantu emsebenzini. 

Kukhona abakhala ngokuthi akusaphephile kuFlorida Road ngoba bakhona nabanye ababulewe khona. 

Akuwona lo mgwaqo ongaphephile, abantu babulawa ngesihluku nakwezinye izindawo. 

Okubalulekile wukuthi kusezandleni zethu ukuguqula imithetho yezwe. 

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi enkampanini yakhe iMindset Shift Consulting 

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page