Uqweqwe lomnikazi webhizinisi lokupheka nemicimbi elishaya into ecokeme wavulwa amehlo wumyeni wakhe. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE
UKUBA wuthisha we-Home Economics iminyaka egida ndawonye kwagcina kumcobe amathambo. Waphinde wavuswa nawumyeni ukubona ukuthi kufanele abakhokhise abantu ababevame ukumcela ukuthi akabaphekele.
Yilezi zinto ezikhuthaze uNkk uNtokazi Nkosi, umsunguli weNtokazi Catering & Events yaseThekwini, KwaZulu-Natali, ukuthi agcine evule ibhizinisi ngo-2009. Waqala ngokuthunga kodwa kwasheshe kwacaca ukuthi ngeke ilunge indaba yokuthunga wathatha isinqumo sokukuyeka emva konyaka.
“Nginabantu engangibathungele abangakaze bangikhokhele nanamhlanje,” kukhumbula uNkk uNkosi ehleka.
Nokho uthi kwathi uma eshintshela ekuphekeni izinto zavele zamchuma. Namhlanje iNtokazi Catering & Events iphekela imishado, izinkampani ezinkulu njengoDube Tradeport, iTransnet, isiShayamthetho saseKZN futhi unendawo yokudlela edolobheni laseThekwini. Ngaphambi kweCOVID-19 zase zintathu lezi zindawo kodwa ezimbili kwaphoqeka ukuthi izivale.
Uthi: “Abantu babengicela ngibaphekele ngibuye ngikhathele waze wathi umyeni wami angibakhokhisi ngani njengoba ngibuya ngikhathele kangaka? Ngangingakaze ngicabange ukuthi kuzonyuka kube kungaka.”
INtokazi Catering & Events iqashe abantu abawu-10 abaqashwe ngokugcwele kanti bakhona nabayitoho kuye nokuthi umsebenzi usuke ungakanani ngaleso sikhathi. Ngaphambi kweCOVID-19, babengaphezu kuka-20 abantu ababeqashwe ngokugcwele.
“Ngiye ngithi usuke ungakalazi ibhizinisi uma ungakaze ushayeke phansi ubone ukuthi yonke into iyabheda. Kodwa-ke sikhula ngawo amaphutha nokuqhubeka ukuzama ukulimisa. Ngesikhathi ngiqala ngangena ngekhanda ngingazi lutho ngo-tax clearance certificate.
“Ngenza amaphutha nangokuhlela isabelomali, ngangingasho ukuthi njengoba kunemali engaka ngizokwazi yini ukuholela izisebenzi. Maningi amaphutha esiwenzayo kodwa sifunda ngawo amaphutha,” kusho uNkk uNkosi.

Uthi nakuba ayefundele ubuthisha kodwa ukuba wumpheki wemicimbi nokuba nekhishi kunemithetho yakhona ongeke nje usuke uthi ngoba nakhu wazi ukupheka bese uthi uzolivula.
Uthi uyaziqhenya ngesitifiketi sekhishi esifanele, nesimvulela neminyango yokuthi athole imisebenzi ezinkampanini ezinkulu. Ugabe nge-Diploma in Food Preparation & Cooking yaseCapsicum Culinary Studio futhi uyilungu leSA Chef Association.
“Ngiyaziqhenya nangokuthi ngiqashe abantu abakuqeqeshelwe ukupheka, banezitifiketi okungaba ezokuba o-assistant chef noma o-professional chef. Nenhlanzeko ehambisana nokupheka inemithetho yayo njengokuthi ibhodi oqobela kulona inyama yenkukhu awukwazi ukuthi uphinde futhi uqobele kulona inyama yenkomo.
“Kubalulekile ukuba nolwazi ungathathi ngokuthi uyakwazi nje ukupheka. Uma uqeqeshwa ufundiswa nokonga kodwa futhi ukudla kwanele, ukukuhlela ukudla epuletini ngoba abantu badla ngamehlo kuqala. Zikhona nezifundo ezike zenziwe yiKZN Tourism ezisizayo,” kucebisa yena.
UNkk uNkosi uthi okunye okumsizile ohambeni lwakhe wumkhuleko nokwesekwa wumndeni wakhe omgqugquzelayo. Uthi uyabuka nakwabanye futhi uyazamukela neziphakamiso zabanye abantu.
Okunye ngaye:
- Uphumula ngokuya esontweni, ukuhlanganyela nakhuleka nabo nokuhlala nomndeni wakhe;
- Unabantwana abathathu;
- Ukhonze ukufunda izincwadi ezingamanoveli nezenkolo;
- Ukhonze noma yikuphi ukudla okunenkukhu;
- Uthanda umculo wokholo neR&B yakudala.

