INkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini isizoba neWorld Trade Centre ukugqugquzela uhwebo nokudaleka kwemisebenzi. Isithombe: Sithunyelwe

I-ICC yaseThekwini isizoba neWorld Trade Centre 

YINTATHELI YOMBELE 


UMASIPALA waseThekwini uvule isikhungo sohwebo iWorld Trade Centre e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (e-ICC) ukuze iqhubeke ikwazi ukukhulisa umnotho, ukudala imisebenzi, ukuphucula ukuhambisa izidingo kubantu nokwenza izinto ngendlela entsha. 

I-ICC ithathwa njengendawo ekahle kakhulu ukuthi ibe neWorld Trade Centre, kwazise yiyona evelele e-Afrika ngokwenza izingqungquthela nemicimbi yohwebo esezingeni eliphezulu.

Lezi zindaba zithulwe eKomitini lokuThuthukisa umNotho nokuHlela likaMasipala waseThekwini.

I-World Trade Centre izoseka izinhlelo nombono kamasipala wokubayisizinda esikahle kwabafuna ukuqala ukuhweba ne-Afrika yonkana nokutshala imali kuleli zwekazi.

Ukuthokala kwelayisensi yeWorld Trade Centre kubiza uR5.8 billion futhi kuzoqinisekisa ukuthi umasipala uheha abatshalimali, kudaleke imisebenzi, kucijwe abantu ngamakhono adingekayo.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/23/umasipala-wasethekwini-nezinhlelo-ezinqala-zokusimamisa-umnotho-wabamatafula/

Usihlalo wekomiti uMnu uThembo Ntuli uthi: “Impumelelo yamaWorld Trade Centre emadolobheni amakhulu emhlabeni ikhombisa ukuthi abalulekile. Ukuthi nathi sibenayo eThekwini kusho ukuthi sizoba yingxenye yamadolobha athola ulwazi olunzulu. 

“Ngokusebenzisa uphawu lweWorld Trade Centre kuzosilekelela ukungena ezinkundleni zokucobelelana ngolwazi lokuhweba oluhlanganisa amanye amaWorld Trade Centre angaphezu kuka-300 asemazweni awu-100 emhlabeni,” kusho yena.

Khonamanjalo, ucwaningo olusha luveza ukuthi ukuvakasha ngomkhumbi iCruise Tourism kunomphumela omuhle emnothweni waseThekwini nowaseNingizimu Afrika. Kusukela ngoNovemba wango-2023 kuze kubewuMeyi wango-2024 iwu-88 imikhumbi yokungcebeleka efike eThekwini.

NgoNovemba wango-2023 uMengameli uCyril Ramaphosa wavula ngokusemthethweni indawo yokupaka imikhumbi yokungcebeleka iNelson Mandela Cruise Terminal ewu-6 000m2 ubukhulu futhi engawudli ugesi. 

Ikwazi ukumumatha abagibeli abawu-4 000 ngosuku. Ukuyakha kudale imisebenzi ewu-10 000. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page