Izithandani zenza obenyebenye bokuqhakazisa indlu ibenyezele
WUKELETSO MKHWANAZI
IZITHANDANI zazinesifiso sokudayisa izinto zokuhlanza izindlu nezinkampani ngamanani angagugisi iphakethe.
Lesi sifo saholela ekutheni zisungule isitolo esidayisa izinto zokuhlanza esi-Atteridgeville, eTshwane, esiqaphela izithako esizibenzisayo. I–Star Cleaner Detergents ikhiqiza insipho yokuwasha izitsha nokhrimu bokuhlanza okusetshenziswa yizinkampani nabantu abakusebenzisayo noma bakudayise.
Nakuba le nkampani yasungulwa ngoNovemba wango-2019 kodwa ngenxa yokubheduka kwe-COVID-19 yaphoqeka ukuthi ivale, yavula ngo-2021.
UMpho Bokaba, oneminyaka ewu-34, noDikeledi Bokang, oneminyaka ewu-31, abasunguli benkampani abagcini nje ngokubanendawo eyenza imikhiqizo yokuhlanza eyidayisela izitolo kodwa futhi banesitolo esi-online, i-co.space endaweni yamabhizinisi esePretoria East.
I-Star Cleaner Detergents yawina umklomelo wenkampani esafufusa evelele i-Most Innovative SMME ngo-2023, owawuxhaswe yinkampani engenzi nzuzo iRanyaka neCity of Tshwane neNedbank.
UBokaba uthi ngenxa yokuthi bayinkampani ekhiqizayo, ukuphela kukagesi kwakuphazamisa isikhathi abakwazi ukuqeda umsebenzi wamakhasimende ngaso. Loku kwaphoqa ukuthi bandise isikhathi sokusebenza ukuze bakwazi ukuqeda umsebenzi wamakhasimende.
“Senza izinto ezihlukene, ngayinye inesikhathi sayo sokuyikhiqiza. Siyakwazi ukwenza umthamo omkhulu womsebenzi ngehora. Nokho, siye sizinike izinsuku ezintathu zokuthi umkhiqizo wethu ufinyelele emakhasimendeni ethu.
“Indlela esenza izinto ngayo ayinzima. Senza imikhiqizo, siyipakishe, siyibhale, siyigqishe bese siyidiliva,” kusho yena.
Imikhiqizo yokukhuculula yeStar Cleaner Detergents
Uthi into enkulu asebeyenzile wukuthi imikhiqizo yabo inemvume yeSouth African Bureau of Standards.
UBokaba uthi inselelo enkulu abavame ukubhekana nayo wukubiza kwezinto zokusebenza. “Uma sithenga isinto ezincane ziyabiza, ngakho i-oda elincane lidla thina ephaketheni.”
Amakhasimende amaningi bawathola ngomlomo wabanye abakhiqizi bese bekhangisa ezinkundleni zokuxhumana, noma ngokuphuma bengena ezindaweni zabantu nangezindlela zokukhangisa ezijwayelekile.
Isifiso sabo esikhulu wukuhlale bekhiqiza bangaze baye kude. “Isifiso sethu esikhulu wukusabalalisa imikhiqizo yethu ezweni nokuthi iStar Cleaner Detergents yaziwe kuwo wonke amalokishi njengegama elivelele lemikhiqizo yokuhlanza eNingizimu Afrika,” kusho uBokaba.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za
- Facebook: Star Cleaner Detergents
- Instagram: starcleaner_sa
- X: @StarCleanerSA