Inkinga yamanzi icindezela amabhizinisi amancane kakhulu, kuloba uNtokozo Biyela
SEKUCACILE ukuthi inkinga kagesi ngeke ilunge maduze ngoba uhulumeni uthi kuzokwenzeka cishe emva kweminyaka emibili. Ngesonto elidlule ngithe osomabhizinisi kufanele babumbane ukuvulela uhulumeni ne-Eskom icala ngokulahlekelwa yinzuzo emabhizinisini.
Kungcono ngoba kukhona izinhlangano eseziqalile zenza loku kodwa kufanele sifake isandla siwosomabhizinisi. Okungiphatha kabi wukubona ukuthi manje sesinenkinga entsha, inkinga yokushoda kwamanzi.
Sekukaningi ngihlangana nenkinga ebizwa nge-water shedding uma ngiyosebenza eGoli. Loku kusho ukuthi sisesikhathini lapho omasipala sebevala amanzi ngezikhathi ezithile ngosuku noma ngesonto edolobheni elishoda ngamanzi.
Loku kwenzeka kaningi eGoli, idolobha eliwumgogodla womnotho, hhayi eNingizimu Afrika kuphela kodwa e-Afrika yonkana. Loku yinkinga enkulu edlula ugesi.
Uye ubone ukuthi kuba lukhuni kanjani endlini uma uhanjelwe amanzi noma umasipala wangakini uthi ngeke nibe namanzi izinsuku ezimbalwa. Inkinga eba khona kakhulu kuba wukusetshenziswa kwezindlu ezincane, ikakhulukazi uma kunezisebenzi eziningi enkampanini.
Ngisho zimbalwa kuye kube lukhuni ukusebenza kahle ngenxa yokuthi uma izindlu zangasese zingenamanzi loko kugcina kuholele ekutheni izindlu ezincane zigcine zingasahlanzwa, okwenza nezisebenzi zingabe zisathandisisa ukuba semsebenzini.
Kuba nzima kakhulu uma kuwukuthi yimboni noma yinkampani edinga ukusebenzisa amanzi ukukhiqiza noma ukusebenza. Kuba lukhuni futhi ezimbonini ezenza ukudla ngoba kufanele abantu bahlale behlanzekile ngenxa yemigomo yokusebenza embonini yezokudla.
Le ngxubevange yezinkinga yenza kubenzima ukuthi amabhizinisi amancane akwazi ukusebenza kahle noma akwazi ukusimama ngoba kufanele ingxenye enkulu yemali ayenzayo iphelele ekufakeni ugesi ozowasiza ngezikhathi ucishiwe noma athenge injini kagesi ezokwenza isiqiniseko sokuthi ugesi ukhona.
Okunye okuyinkinga wukuthi enye imali kufanele ithenge amathangi amanzi. Loko kusho ukuthi iningi imali okufanele iye ekuthengeni lezi zinsiza ukuze amabhizinisi akwazi ukusimama nokwenza umsebenzini ngendlela.
Okungishaqe kakhulu wukuthola ukuthi njengoba sisenkingeni yokucinywa kukagesi inqwaba yamabhizinisi asezinxanxatheleni zezitolo azithola engakwazi ukukhokhela ugesi ngenkathi ugesi ucishiwe. Loku kwenza acindezeleke kakhulu ngoba kuba ngamabhizinisi amakhulu kuphela akwazi ukukhokhela ugesi ukuze uma kudunyiswa injini kagesi wona angahlupheki ngogesi ongekho.
Ngiphatheke kabi ngesikhathi ngikwenye inxanxathela yezitolo ngithola ukuthi inqwaba yamabhizinisi amancane avaliwe ngenkathi ugesi ungekho ngenxa yokuthi awakwazi ukukhokhela ugesi njengezikhondlakhondla zamabhizinisi, phecelezi ama-anchor tenant.
Kuyacaca ukuthi sekuya ngamandla okuthi abanikazi zitolo basifaka sishone kangakanani isandla uma kufanele balethe izinsiza ezizokwazi ukwenza ibhizinisi lisebenze ngendlela esesimweni esifanele.
Ngiyavumelana nekhwelo elithi uhulumeni sekufanele usize amabhizinisi ngezinsiza zikagesi namanzi ngoba uma kungenjalo, kusho ukuthi maningi amabhizinisi asazoshabalala.
● UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting
Facebook: Ntokozo Mondli Biyela
