Iphini lemeya kaMasipala waseThekwini uNksz uZandile Myeni lithi bazoqaphela ukuthi imali isebenza kokufanele ikwenze. Isithombe: Sithunyelwe

UMasipala waseThekwini ubeke uR10 billion ukulungisa ingqalasizinda

YINTATHELI YOMBELE

UMASIPALA waseThekwini unikwe uR10 billion wokulungisa ingqalasizinda yamanzi, ekagesi noyokuthutha nokukhuculula udoti.

Le mali izolekelela umasipala ukuthi uhambise izidingo kubantu futhi ubenengqalasizinda esesimweni esifanele. 

Kubikwa ukuthi ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana unikeze uMasipala waseThekwini uR3.33bn wokusiza lo masipala ukuthi uze nezinsiza ezifanele ophikweni lwawo i-Trading Services.

Le mali kulindele ukuthi isize umasipala ukulungisa izinhlelo zawo zokuhambisa amanzi kubantu, ulungise ingqalasizinda yamanzi nezitamkoko nokunye eminyakeni emithathu ezayo.

Ngonyaka wezimali wokuqala u-2025/26 kufanele ulungise izinsiza zamanzi nogesi. Umasipala uzimisele ukubanendawo eyodwa lapho kuchazwa khona ngosekwenziwe ukuze abangahambisi kahle bakwazi ukuziphendulela. Kuzobanabaphathi abanamakhono afanele, abazokwazi ukusiza ukuthi izindaba zamanzi nogesi zihambe ngendlela efanele. Kuzoqinisekiswa ukuthi imali yenza okufanele ikwenze.

Umasipala uthe le mali ihambisana nezinhlelo eseziqalile zokuphucula ukusebenza nokuhambisa izidingo kubantu.

Khonamanjalo, umasipala uphasise iSabelomali samaphakathi nonyaka wezimali wango-2024/25 ukuze ukwazi ukuhambisa izidingo kubantu, ikakhulu ezamanzi, ukukhuculula nogesi. Isabelomali siphasiswe mhlaka-28 wangoFebhuwari emhlanganweni womkhandlu.

Ukulungisa ingqalasizinda kuzoqinisekisa ukuthi umasipala uthumela ithimba ngokushesha uma kunezinkinga zamanzi futhi kunezinsiza ezifanele ezifana namamitha amanzi.

Iphini lemeya kaMasipala waseThekwini uNksz uZandile Myeni lithi bazoyiqapha ngeso lokhozi imali ukuqinisekisa ukuthi yenza ehlinzekelwe kona.

“Sijabule ukuthi kunemali eyanele ekhishelwe ukulungisa izinkinga zamanzi nezikagesi. Okusijabulisa kakhulu wukuthi sekunohlelo olucacile lokuguqula izinkinga zamanzi i-Water Turnaround Strategy Business Plan. Kunemali engaphezu kukaR400 million ezosiza uPhiko lwaManzi nokuwaKhuculula. Le mali izosebenza ezinhlelweni ezikhona zokuguqula isimo,” kusho yena.

Uthe uphiko lukagesi lunikwe uR426m ukuze lukwazi ukulungisa izinkinga zikagesi nezinkontileka. KunoR378 m ozosiza ukulungisa ingqalasizinda yokukhuculula amanzi, kulandele ukulungisa imigwaqo nezitamkoko okubekelwe uR197m.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/06/lwemukeliwe-uhlaka-lwesabelomali-ethekwini/

U-R121m ubekelwe ezempilo nenhlalakahle, kuthi uR147m kube owezinhlelo ezintsha ezizohambisa izidingo kubantu.

Umkhandlu uphasise uhlelo olukhuthaza ukuthi umphakathi uzikhulumele ezinhlelweni ezibizwa nge-Spatial Development Framework nokuthi kukhangiswe i-Land Use Scheme ne-Sub-Scheme zenkaba yaseThekwini, iningizimu, intshonalanga emaphakathi nentshonalanga eqhelile.

Kugunyaziwe ukuthi ukunyuka kwentela emakethe yezithelo namaveji kuye emphakathini ukuze uzobeka uvo lwawo. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page