Asafufusa kwezokuvakasha athole isigxivizo
WUTHOBILE ZWANE
KUBONGWE abanikazi bamabhizinisi ezokuvakasha asafufusa kwi-Africa’s Travel Indaba izolo ngesikhathi benikwa izitifiketi eziqinisekisa ukuthi amabhizinisi abo asezingeni elifanele ukuhlinzeka ngomsebenzi.
La mabhizinisi awu-150 asezindaweni zasemakhaya nasemadolobheni amancane aphothule uhlelo lokubafukula i-Basic Quality Verification (iBVQ) ngosuku lwesibili lwe-Africa’s Travel Indaba e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini, KwaZulu-Natali.
Lolu hlelo luzosiza ukuphucula la mabhizinisi nokwandisa isibalo sabantu ababencishwe amathuba.
Ethula inkulumo kulo mcimbi, uMnu uFish Mahlalela, iphini likangqongqoshe wezokuVakasha, uthe lolu hlelo lubeka isisekelo esiqinile semboni yokuvakasha.
“Sizokwazi ukukhulisa imboni yethu ngalesi sisekelo esiqinile ngoba sizobe sinesiqiniseko sokuthi ezokuvakasha zizoqhubeka zivule amathuba okukhulisa umnotho, ikakhulukazi entsheni, abantu besifazane nabantu abanokukhubazeka,” kusho yena.
Okunye akuncomile uMahlalela ngalolu hlelo wukuthi luvule namathuba okuqeqesha abantu abebenza umsebenzi wokuhlola izindawo ukuqikelela ukuthi zisezingeni elifanele.
I-BVQ yenziwa yiTourism Grading Council of SA, ewuphiko lweSouth African Tourism, ukuseka izindawo zokuvakasha ezisafufusa emakhaya nasemadolobhaneni. Yenza ukuthi lezi zindawo kube nendlela ezihlolwa ngayo zikwazi ukufinyelela ezingeni elithile njengoba kwenzeka ezinkampanini ezinkulu.
Luqale lwahlolwa eMpumalanga Kapa phakathi kwango-2020 nango-2021, lwase lwethulwa eKZN phakathi kwango-2022 nango-2023, lapho lukhiqize khona abantu abangu-29 abaqeqeshiwe ukuhlola izindawo.
UNks uBronwen Auret, i-chief quality assurance officer eSouth African Tourism, uchaze kabanzi ngendlela lolu hlelo olwenziwe ngayo eKZN ngonyaka odlule.
“Lolu hlelo lwethula izindawo zokuhlala ezintweni ezidingekayo ukuze zibe sezingeni elemukelekile emabhizinisini amakhulu,” kusho yena.
Omunye wabantu abathole izitifiketi uMnu uLuyanda Khoza weVikama Guest House uthe: “Loku kukhulisa igama lethu futhi kusivulela iminyango yokukhula nokubambisana nabanye abantu.”
UNksz uLungile Hlabisa, umnikazi weMbopha Guest House oLundi, ubongile ngokunakwa komsebenzi owenzeka ezindaweni zasemakhaya.
“Lesi sitifiketi sifakazela iqhaza elibalulekile lezokuvakasha ezindaweni zasemakhaya futhi siyasigqugquzela,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/03/20/kuntwela-ezansi-embonini-yezokuvakasha-ebhujiswe-yicovid-19-intatheli-yombele-iyabika/