Umlimi osemncane ufisa ukulima ku‘dlise’ entsheni
WUTHOBILE ZWANE
INTOKAZI yaseNgonyameni, ngaseMlaza, eningizimu yaseThekwini, KwaZulu-Natali, yabona ukuthi emphakathini ehlala kuwona imisebenzi iyindlala futhi abantu baswela ukudla nsuku zonke. Yalibona kanjalo ithuba lokwenza umehluko ngokulimela umphakathi amaveji.
Umnikazi we-AgriGlam Farm uNksz uSphindile Xulu, oneminyaka ewu-29, utshala ispinashi, iklabishi, u-anyanisi, u-green pepper, ukherothi nopelepele uqinisekisa ukuthi imindeni ithola ukudla okunomsoco okungabizi.
Ngaphezu kwaloko uqeqesha intsha ukunakekela izitshalo, kuhlale kukhona ekwenzayo ukuze igweme izinto ezizoyiphazamisa njengezidakamizwa notshwala.
Echaza igama lebhizinisi lakhe uthi waliqamba ngoba efuna ukwenza ezolimo zibe yimfashini kubantu besifazane, ikakhulu abasha.
“Abantu besifazane abasebasha (imvamisa) abayithandi imboni yezolimo ekubeni inomsebenzi wawo wonke umuntu. Bakhala ngokuthi kuyafukuzwa kodwa mina ngithi ungaba muhle, wenze izinto ezenziwa ngabantu besifazane ukwazi ukusebenza kwezolimo ngoba sisebenzisa izinsiza zokusebenza ukuzivikela,” kusho yena.
Le ntokazi ineziqu zolimo i-Advanced Diploma in Agricultural Extension and Community Development ezenze eMangosuthu University of Technology.
“Ngiwumuntu oyithandayo imfundo futhi ngiyakholelwa kuyona ngoba isinika ulwazi lwaphakade. Uyakwazi ukuthuthukisa nabantu abasondelene nawe uma ufundile,” kusho yena.
Uthi ukukhulela emakhaya kumenze wathanda ukulima ngoba uthi ukubuka uninakhulu elima kwamenza wafisa ukufunda kabanzi ngokulima nokukhulisa imfuyo.
“Ngabona ukuthi ukuze siphile sidinga ukudla. Ayikho into ongayenza ungadlile. Noma kuthiwa wenza muphi umsebenzi uyamdinga umlimi ukuze udle kathathu ngosuku. Ngiwumuntu othanda ushintsho futhi ngifuna ukwenza umehluko emphakathini,” kusho yena.
Uthi wabuka izinga lokungasebenzi kwabantu abasha, wabona ukuthi kungani engaqali ukulima ngoba ikhono nemfundo unako ukuthi enze umehluko.
Ufisa ukudala amathuba omsebenzi kanti ezinye zezinhloso zebhizinisi lakhe wukuthi abantu babenempilo ende ngokubakhiqizela amaveji asezingeni elifanele. Uthi ezitshalweni zakhe akawasebenzisi amakhemikhali kodwa ufaka umquba.

Amaveji akhangayo nanempilo e-AgriGlam
Uthi uyafisa ukufinyelelela emakethe yezitolo ezinkulu kodwa okwamanje inselelo wukuthi enye indawo yakhe ayibiyiwe futhi uke abenenkinga yokungabinamanzi.
Uthi uhambo alubangalula ngoba izinkinga zemali nokungazethembi kukekwamhlasela endleleni kodwa akazange adikibale. Uthi indlela eya empumelelweni inamaphutha kodwa uma uqhubeka, ungafinyelela noma kuphi.
“Okwamanje nginamavolontiya amathathu athanda ukufunda abenekhono ukuze ashintshe impilo yawo ngokuziqalela izinto zawo ngakufunde kimi. Ngibuye ngiqeqeshe abantu bebuka indlela yokusebenza. Angikathandi ukuthatha abantu abaningi ngenxa yokuthi angikayibiyi kahle insimi, ” kusho uNksz uXulu.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/12/03/uqhakazisa-umhlaba-ngamaveji-nezithelo-okungavamile/
Uthi unobudlwelwano obuhle namakhasimende akhe futhi athembekile. Phakathi kwamakhasimende akhe ubale inkampani edayisa inyama ayihlinzeka ngopelepele nemiphakathi ehlukene.
“Intsha iyona efuneka kakhulu kwezolimo. Ngikholwa wukuthi ingabaholi bakusasa. Ngiyajabula ukuzwa imiphumela emihle kubantu engibaqeqeshayo ngokutshala amaveji,” kusho yena.
UNksz uXulu uthi unohlelo lokuvakashela izikole eyozifundisa ngokunakekela izingadi. Ugqugquzela izikole ukuthi zibenezingadi.
“Ngibone ukuthi izingane azazi ukuthi ukudla kuvela kuphi zicabanga ukuthi ukudla kuvela ezitolo ekubeni kuvela emhlabathini. Ngabona ukuthi kunolwazi olungafinyeleli ezinganeni, ngabona ukuthi ngoba nginolwazi angiludlulise lusize nabanye,” kusho uNksz uXulu.
Iseluleko sakhe kubantu abafisa ukuqala ukulima wukuthi baqale lapho bekhona ngabanako. “Izinselelo zikhona kodwa ukuze uvuthwe kufanele uxhumane nabantu abacabanga izinto ezinhle futhi uxoxe nabantu abanamava. Ukuqala kubalulekile ngoba uyakwazi ukusizakala uma kukhona okuqalile,” kusho uNksz uXulu.
Uthi unezifiso ezinkulu ngekusasa zokuphumelela ekubeni wosomabhizi. “Ngizibona ngikhiqiza imikhiqizo ehlukene ngifuye izimbuzi nezinkomo. Ngifisa ukuzibona ngingowesifazane oletha ushintsho emphakathini naseNingizimu Afrika,” kuphetha yena.
Facebook: Sphindile Xulu

