UNgqongqoshe wezimali uMnu Enock Godongwana uthi iNingizimu Afrika inezinhlelo zokuguqula umnotho wezwe. Isithombe: Sithunyelwe

Siphokophele ukushintsha umnotho, kusho uGodongwana

UNGQONGQOSHE wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthi iNingizimu Afrika isazimisele ukwethula izinguquko ezinqala emnothweni futhi yilona umyalezo ezowuqhakambisa kwiWorld Economic Forum (iWEF) eDavos, eSwitzerland, ngesonto elizayo.

 UGodongwana, obekhuluma emcimbini owandulela iWEF izolo, uthe ziningi izinselelo ezikhona ezweni nasemhlabeni kodwa wathi uhulumeni usazibophezele ukukhulisa umnotho. 

  • UMKHIQIZO unyuke ngo-1.9% ngoNovemba wangonyaka odlule uma kuqhathaniswa noNovemba wango-2022. 

Ngokwezibalo ezikhishwe yiStatistics South Africa izolo, izimboni ezibeyimbangela enkulu kuloku ngeyokhuni, amaphepha nokushicilela, ekhuphuke ngo-8.0% neyezimoto nezinsimbi ezisetshenziswa kwezokuthutha, esimame ngo-5.7%.

Izimboni ezehlile ngeyokudla neziphuzo, enciphe ngo-2.0%, neyokusansimbi, eyehle ngo-1.4%. 

  • UKUDAYISA kwezimoto ezintsha kuqhubekile ukwehla ngoDisemba, nobesekungokwesihlanu izinyanga zilandelana. 

Kudayiswe izimoto eziwu-40 329, okungaphansi ngezimoto eziwu-1 392 noma u-3.3% uma kuqhathaniswa nangoDisemba wango-2022. 

Isitatimende seNational Association of Automobile Manufactures of South Africa sithe ukuthengwa kwezimoto ezincane yikona okwehle kakhulu, njengoba kungaphansi ngo-3.9%, kuthi ezokusebenza kodwa ezingenkulu kakhulu zona zinciphe ngo-2.9%. Ukudayiswa kwezimoto zokusebenza ezinkulu namabhasi kona kunyuke ngo-13.9%.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page