UNksz u-Ayanda Msomi, umnikazi weHair by MaKhomo, yaseNanda, eThekwini, KwaZulu-Natali, edayisa izinwele zokufakelwa zekhethelo. Izithombe: Zithunyelwe

Benza abantu besifazane babebahle ngaphandle nangaphakathi

WUTHOBILE ZWANE

INTOKAZI yaseThekwini ibona ukuthi umholo wetoho wawungeneli izindleko zayo nokunakelela umndeni, yashiya phansi yase ivula isitolo sezinwele zokufakelwa.

UNksz u-Ayanda Msomi waseMatikwe, eNanda, eThekwini, KwaZulu-Natali , uthi into eyamkhuthaza ukuthi aqale ibhizinisi wukuthi wayelangazelela ukwenza izinto ezihlukene. 

UNks Msomi, oneziqu ze-Bachelor of Social Science in Criminology zase-University of KwaZulu Natal, uthi wayengeneme ngomholo nomsebenzi ayewenza ngaleso sikhathi kwazise wayengaqashiwe ngokugcwele.

“Ngazama ukuqala amanye amabhizinisi kodwa wonke awazange aphumelele. Loko akungenzanga ngadikibala ukuzakhela igama, ngaqhubekela phambili ngazama okunye,” kusho le ntokazi eneminyaka ewu-27.

UNksz uMsomi uthi waqala wavula ibhizinisi lezinwele nobuhle, aqale ngokulenza isitolo esi-online edayisa izinwele zekhethelo. Kwathi ngoMeyi wango-2024, wavula isitolo sakhe sokuqala eThekwini kuPixley ka-Isaka Seme Street. 

Uthi inhloso yakhe wukuthi abantu besifazane babukeke bebahle futhi bazizwe bephila. Ufisa abantu besifazane bazithembe futhi babebahle ngaphakathi nangaphandle.

Ezinye zezinwele zekhethelo zeHair by MaKhomo

UNksz uMsomi uthi kwamsiza kakhulu ukubeka imali nokusebenzisa osaziwayo ezinkundleni zokuxhumana ukukhangisa ibhizinisi lakhe, abale kubona ama-influencer oSnothando Nkosi noSqubu seCountry.  

Into ehlukile ngebhizinisi lakhe wukuthi uletha imikhiqizo esezingeni eliphezulu kumakhasimende, izinwele ezifakelwayo nokwenza ezinye izitayela zekhanda nezinsiza ezitholakala ema-salon.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/07/21/owasukunyiswa-wuthando-lokufunda-indlela-elula-yokunakekela-izinwele-zemvelo-uyadlondlobala-ebhizinisini-lokucwala-izinwele-uxoxe-nozimbili-mazibuk

Uthi ibhizinisi waliqamba ngesibongo sikayise ongasekho, nothando ayeluthola kubo bembiza ngoMaKhomo. Wayefuna into ezomkhumbuza uyise owashona esemncane kodwa owabaneqhaza elikhulu nelibalulekile esaphila. 

Uthi akubangalula esaqala ibhizinisi njengoba wayeke aswele amakhasimende azowadayisela. UNksz uMsomi uthi ngaphambi kokuqala wonga imali. “Ngabhekana nezinselelo zemali yokuqala ibhizinisi ngokuthi ngizongele. Bengithenga umkhiqizo ngiwudayise bese ngithatha inzuzo ngiyonge, enye ngiqhubeke nokuthenga izinsiza zokusebenza. Lapha ngibala ilambu elenza ukuthi ngibe nama-video asezingeni elingcono, izithombe nokuba nendawo yami,” kulanda yena. 

Uthi into ayithandayo ngebhizinisi lakhe wukuthola ithuba lokwazana nabantu abaningi abahlukene. Ibhizinisi selisimeme njengoba eseqashe izisebenzi ezintathu ngokugcwele. 

Iseluleko angasinika ofisa ukuqala ibhizinisi sithe: “Qala ngokuncane onako, uqale lapho khona, ubone ukuthi uzofika kuphi.”

UNksz uMsomi uthi isifiso sakhe wukuvula amagatsha ahlukene ezindaweni ezifana neRichards Bay naseMgungundlovu. 

Facebook: Ayanda Msomi/ HairbyMakhomo

 Instagram: @HairbyMakhomo

TikTok: HairByMakhomo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page