Inkampani kaswenka imandla ngezimpahla zokusebenza
WUSIZAKELE NDULI
INTOKAZI yaseMamelodi, ePitoli, iwubufakazi bobuhle bokushintsha iqhinga lebhizinisi ukuze lingawi kulo mkhankha onguwafawafa.
UNksz u-Odirile Moagi, oneminyaka ewu-32, waqale wasungula iKenyada Couture, ethunga izingubo, ngo-2019 ngenxa yothando lwakhe lwezimpahla zokugqoka. Ngokuqhubeka kwesikhathi usenza imishuqulo ye-satin.
“Ngiyakuthanda ukuswenka nokwenza izinto ngobuciko uma ngithola izingubo nengqephu okudinga ukuthungwa. Yingakho ngangena emkhakheni wemfashini,” kusho yena.
Nokho phakathi kwango-2024, uNksz uMoagi walishintsha ibhizinisi lakhe labayiKenyada Workwear, lagxila okwenzeni imisiko yezimpahla zokusebenza. Wangena ebhizinisi ngemva kokudilizwa emsebenzini ngesikhathi sobhubhane i-COVID-19, lapho ayewumhlaziyi ne-product owner ebhange. “Sinethimba lami lonke sadilizwa ngesikhathi kudilizwa ebhange.
UNksz uMoagi uthi ngenkathi esabheka amathuba amasha esimamisa nebhizinisi, unina, oyinesi, wambonisa ukuthi kungani engenzi izimpahla zodokotela. “Ngaqala ngabheka izingubo zokusebenza ngenkathi ngibona amathuba akhona,” kusho yena.
Lowo mqondo watshala uthando lokusimamisa ibhizinisi lakhe ehlanganisa ikhono lokuhlaziya nobuciko bakhe ukwenza imfashini. Ekuqaleni wagxila ezingutsheni zodokotela kodwa izinselelo ngokwenza osayizi abangajwayelekile zenza kwabanzima ukubhekana nama-oda.
“Nganginobudlelwano obusha nendawo yeziguli eziphethwe yizinso, engangihlinzeka izisebenzi zayo ngezimpahla emagatsheni ehlukene ezweni lonke. Ngeshwa lobu budlelwano baphela ngenxa yezinselelo zokukwazi ukuqeda izimpahla ngesikhathi ngenxa yokuswela izinto zokusebenza ngoba ngangenza izimpahla zodokotela ezihlukile, ngingathungi osayizi abajwayelekile.
“Nakuba yayilungile kumakhasimende kepha le ndlela yayingalungile ebhizinisini. Yingakho ngashintsha indlela yebhizinisi, kusho yena. Phakathi kwango-2024 washintsha igama lenkampani yabayiKenyada Workwear, egxile ekwenzeni amaphinifa, izikibha zegalofu nodangara.
Ngokusimama kwebhizinisi, uNksz uMoagi wathola izicelo zabantu becela ukuthi engeze ezinye izimpahla. “Inhloso wukuqala kancane ngokwenza izimpahla zokusebenza ezihlukile zemikhakha ehlukene,” kusho yena. “Sinethimba elincane kanti isasasa lamaphinifa ethu langithusa. Ngeke ngithande ukwenza okungaphezu kwamandla ami, sithembise amakhasimende izinto ezinkulu.”

Ezinye zezimpahla zokusebenza zeKenyada Workwear
Amanani ezimpahla zeKenyaka Workwear aqala kuR399 kuya kuR560.
UNksz uMoagi, ofaka imali yakhe ebhizinisini, uyaqhubeka nokubhekana nezinselelo osomabhizinisi amancane ababhekene nazo. “Enye yezinkinga ezinkulu zamabhizinisi amancane yimali,” kusho yena. “Njengoba ngiyibhizinisi elincane akulula ukutshala izinto ozithandayo. Kufanele uqale kancane, kwenye inkathi umsebenzi uwunike ezinye izinkampani uze ugcine usunamandla okuthenga izinto zakho.”
Okwamanje unomuntu omsizayo oyedwa oyitoho. “Uma uwusomabhizinisi, kufanele wenze izinto eziningi,” kusho yena evuma ukuthi ukuzenzela konke kuyinselelo. “Ngikhuthazwa yizinkampani ezinkulu ezithunga izimpahla zokusebenza nokuthi zizithungela kanjani izimboni ezihlukene. Ngingathanda ukukwazi ukwenza loko ngithi ukushintsha kancane. Ngomuso ngingathanda ukudayisela izinkampani ezinkulu,” kusho uNksz uMoagi.
- Instagram: kenyada.workwear
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za