Akungathathwa izinqumo ezibudedengu egameni lokulungisa inkilayitheka kagesi, kuloba uBusi Mavuso

ISIPHAKAMISO se-ANC sokuthi kufanele kuthiwe kunenhlekelele ezweni ngenxa yenkinga kagesi simangaze abantu abaningi emaphakathini. Abezinhlangano zosomabhizinisi nabo bamangalile ngoba ezinyangeni ezimbalwa ezidlule umengameli wathi yinto ebike yacatshangwa kodwa iseluleko sabameli sathi ngeke kwenzeke. Ngiyazibuza ukuthi pho kushintsheni. 

Uma kunesimo senhlelekelele amandla ababheke izimo eziphuthumayo abuye anqinde amalungelo avikelwa wuMthethosisekelo. Umthetho othinta izinhlekelele uthi kufanele kuthiwe kunesimo senhlekelele ikakhulukazi ukulekelela nokuvikela umphakathi, ukuwuphungulela umthwalo, ukuvikela izimpahla nokunqanda inkohlakalo. Uma kunesimo senhlekelele, uhulumeni ungakhipha imiyalelo enqinda amalungelo kodwa uma ngokwenza loko kuzofezeka izinjongo isimo senhlekelele esibekelwe yona.

Siyakhumbula sonke ukuthi ukubekwa kwesimo senhlekelele ngenkathi kuqala iCOVID-19 kwadala izinkinga ezinjani njengoba sabona amasosha namaphoyisa ehlukumeza abantu emigwaqweni yemiphakathi yethu; njengoba ashaya babulala noMnu uCollins Khosa.

Siyakhumbula futhi nesinqumo esathathwa budlabha sokuvala ukudayisa ugwayi notshalwa, isenzo esesidale umonakalo omkhulu emnothweni njengoba senze kwachuma ukudayisa kwalezi zinto ngokungekho emthethweni.

Lena yimiphumela yokuvala inkululeko yabantu neyosomabhizinisi. Kwabonakala ukuthi uma iziphathimandla zinamandla athe xaxa kulula ukwenza noma yikanjani nokuthatha izinqumo ezingalungile.

Inkinga yethu kagesi yinkilayitheka kanti idinga isisombululo esingaphezu kwesijwayelekile. Kepha ngiyazibuza ukuthi kungabe ukumemezela isimo senhlekelele yisisombululo esizosilekelela yini. 

Okunye engizibuza kona wukuthi ngeke yini uma sekunesimo senhlekelele sibe nezinkinga ezintsha ezizosixaka ngaphezu kokusisiza? 

Sikhuluma nje kunohlelo oluqhubekayo kwiNational Energy Crisis Committee (iNECOM). Izinselelo ezinkulu ezibhekene naleli komidi wukuthi lenze uhulumeni ulethe izinguquko emigomweni nasezinyathelo okufanele zithathwe ukuze kuxazululwe inkinga. Angiboni ukuthi isimo senhlekelele sizosiza ngani. 

Osomabhizinisi bathembele ekutheni bahlale bazi ukuthi imithetho ishaywa kanjani nanendlela esetshenziswa ngayo. Izinqumo zokutshala imali zenziwa kubhekwa iminyaka eminingi ngomuso. 

Uma abamabhizinisi bephelelwa yithemba lokuthi bayazi ukuthi yini abangayilindela endaweni abasebenzela kuyona, ingozi emalini abayitshalile iyanyuka, nokusho ukuncipha kwemali etshalwayo. 

Uma kuphasiswa isimo senhlekelele kusho ukuthi noma ngabe yini eyaziwayo ukuthi yenzeka ngendlela ethile izophela ngoba amandla amaningi azobe esesezandleni zikahulumeni futhi ungawasebenzisa ngendlela obona ngayo. 

Isimo senhlekelele siyasiza uma sizonciphisa imiphumela emibi yenhlekelele esuke yehlile. Kepha kumqoka ukuthi inciphe ngempela leyo miphumela. 

Ngikhumbula into eyashiwo yiJaji uHans Fabricius ngenkathi lilahla ngecala ongqongqoshe wezokuvikela nowamaphoyisa ngokufa kukaKhosa. Lathi: “Abantu kufanele bakwazi ukuthemba uhulumeni ukuthi uzowuhlonipha umthetho futhi uzobeka imigomo egqugquzela loko ebekelwe khona. Uma kunyathelwa amalungelo abantu (nawosomabhizinisi) noma uma kungenzeki kanjalo, kufanele kube nesizathu esizwakalayo sokwenza njalo kanti loku yinto okufanele umphakathi waziswe kahle ngayo.”

Ikhwelo lokuthi kube nesimo senhlekelele lihlatshwe yi-ANC. Uhulumeni kufanele uzinqumele wona ukuthi yinto efanele yini futhi kungezeka ungaboni kanjalo.  Kepha uma uzokwenza isinqumo esinje, kubalulekile ukuchaza ukuthi kungani isimo senhlekelele sidingeka.

Emva kwalokho kuzofanele uchaze ukuthi yimiphi imithetho ezobekwa nokuthi izosiza kanjani ukuqeda inkinga ekhona. Kufanele itshengise ukuthi izingozi ezikhona kuzobhekwana kanjani nazo, ikakhulukazi izingozi zenkohlakalo eziqhamuka uma iziphathimandla zikahulumeni zikwazi ukwenza noma yikanjani, nokuthi amalungelo abantu nawosomabhizinisi azovikelwa kanjani. 

Noma kungenzekani ngesimo senhlekelele, kumqoka ukuthi zonke izinhlaka zixoxisane nangohlelo lweNECOM nemizamo ekhona yokulungisa inkinga kagesi. Asingadidiseki.

Ukuba nezinsolo nokukhuluma amampunge yinto ejwayelekile kwipolitiki yaseNingizimu Afrika kodwa kuya kudlanga njengoba sibheke okhethweni lezwe lonke ngonyaka ozayo. 

Osopolitiki abaxakekile ngisho nongqongqoshe babambelela kunoma ngabe yini ukuze kungabi yibona abaphendulayo njengoba izinkinga zanda. Kuningi okusengozini njengoba sinenkinga kagesi kanti kubalulekile ukubambisana ukuze abaholi bezokwenza izinqumo benolwazi oluphelele nangento ephathekayo. Uma singenzi kanjalo sizobe sibudedengu.

Uma esethula inkulumo ayibhekise esizweni mhla ka-9 Febhuwari uMengameli uCyril Ramaphosa kuzofanele amemezele imigomo yokulwa nenkohlakalo kuzo zonke izinto eziseqhulwini kulo nyaka futhi akhombise ubuholi uma esekhuluma ngokulungisa inkinga kagesi nezinselelo zeTransnet.

Njengoba silindele izinguquko kwiKhabinethi, umengameli kufanele akhethe abaholi abazokwazi ukuphatha imisebenzi yabo futhi balekelele ukuguqula umnotho weNingizimu Afrika. 

Osomabhizinisi bakholwa wukuthi izwe lidinga iKhabhinethi ezophuthumisa izinguquko futhi ezoqonda ukubaluleka phakathi kokusebenzisana kukahulumeni nosomabhizinisi ukuze kwenzeke izinto futhi kuheheke abatshalimali.

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page