‘Tshala ezintweni ezizokungenisela imali’
WUTHOBILE ZWANE
Kuleli kulelisonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNonhlanhla Zondi odume ngelika‘Ms Mamellow’. Uwumsakazi nomculi. Emculweni udume ngokucula ikhorasi kwiculo elithi Sikilidi, ayelicula noDJ Tira. Uke wasakaza kwiVuma FM, iNtokozo FM neBlaqlive TV
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Angifuni ukuqamba amanga, ngisemncane bengingaphiwa imali ngoba bengiphuma emndenini ohlwempu. Ngikhuliswe wugogo. Ngaleso sikhathi ugogo wayengakayiholi imali yempesheni. Ngikhule sizidlela ukotapeya nophuthu ngoba imali ingekho.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?
Ngaqala ukubanayo sengiqede uMatikuletsheni. Ngayivula eNedbank.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ekukhuleni kwami into engayifunda ngemali wukuthi imali iyasetshenzelwa. Imali eza kalula kulula ukuthi isheshe iphele kanti oyisebenzele kunzima ukuthi ishabalale ngoba uyijulukele.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngaqala emabangeni aphansi ukusebenza. Ngangisebenzela ukudla ekhaya, ngifihla ihlazo lasekhaya, lapho nganginamakhaya amabili ayengimele ngoba kwakungasebenzi muntu. Kwakufanele nginake ekhaya lakwaMa, nginake nelakwaBaba.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukuthi umndeni wami awukaze ulale ungadlile ngikhona. Into engijabulisa kakhulu wukuthi sengisize kakhulu ekhaya ngoba ifenisha yasekhaya kwaMa cishe u-80% wathengwa yimina, kubalwa osofa, i-TV, umbhede, o-wardrobe. NakwaBaba ngathi ngifika nako bajabula kakhulu, ngaze ngafaka ngisho ama-tiles.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukuphuma nabangani ubone abangani bakho bekusebenzisa nokuthi kube uwena wedwa opha abangani imali kodwa bona bahluleke wukukusiza. Abantu ebengihamba nabo isikhathi esiningi bengingeve ngibasiza kodwa mina uma sekufanele ngisizwe uthole ukuthi angisizakali. Ngiyajabula ukuthi manje sekushintshile loko ngoba sengakhetha ukubanabangani abakhulile kunami esihlalisana nabo phansi bangitshele ukuthi imali isetshenziswa kanjani.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Angikaze ngilidlale ibhanoyi, angibheji nhlobo.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi imali ifuna ukuthi ungabinabantu abalingana nawe ngoba bazokutshela izinto ezibhedayo. Imali ifuna ukuthi uyisebenzise ezintweni ezizokungenisela imali.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingakha umuzi ngiqashise bese ngithenga amatekisi angase angingenisele imali.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Wukuthi abasebenzise imali ngendlela efanele, ngoba (abanye) abantu sebegxile ezidakamizweni nasekugqokeni izingubo ezibizayo bese beyakhohlwa amakubo. Abantu abalungise emakubo nalapho behlala khona, batshale ezintweni ezizobangenisela imali.