Amasu okuqala ibhizinisi ngo-2024
WUSIMANGALISO NTSHANGASE noNQOBILE NDLOVU
KUTHIWA indlela ibuzwa kwabaphambili. Njengoba kuzoqala unyaka omusha u-2024, abantu banamaphupho ahlukene abafisa ukuwafeza. Kwabanye elinye lawo wukuqala ibhizinisi.
Ukulekelela labo abanaleso sifiso, Umbele uxoxe nabanye osomabhizinisi asebeneminyaka beyibambile ukucebisa abazothatha lolu hambo.
UMnu uSiboniso Madlala weBequethal Enterprise, etshala amaveji, yaseJozini, enyakatho yeKwaZulu-Natali, uthe kumqoka ukuqala ngocwaningo.
“Okunye okungabasiza wukubheka into ezokwenza behluke kwasebenamabhizinisi, kuthi noma bezoqala amabhizinisi ajwayelekile bawenze ngendlela ehlukile ukuheha amakhasimende amaningi, aqikelele nokuwaphatha kahle uma sebewaqalile ukuze ahlale ejabule ngomsebenzi abawenzayo,” kucebisa yena.

UNksz uPhumi Zuma wePhumi Bakes, yaKwaNyuswa, entshonalanga yaseThekwini, uthe: “Okunye okungasiza ukugwema ukuqala ibhizinisi elingezukuchuma, wukuqala ubuze emphakathini ukuthi ungaleseka yini ibhizinisi olicabangayo, ukusiza ukuqala into osunesiqiniseko sokuthi izosebenza.”

UMnu uSfundo Gcaba weLiteBruim, eyenza ama-globe yaseThekwini, KwaZulu-Natali uthe: “Ngikhuthaza abaqala amabhizinisi ukwenza okusemandleni abo ukuwakhangisa ezinkundleni zokuxhumana, bakhulume ngawo yonke indawo lapho behamba khona ukuze azeke kubantu abaningi ezindaweni ezihlukene. Abazethembe futhi bayithembe nento abayenzayo.”

UMnu uSiyabonga Magwaza weS.J Once Doubted yaseThekwini, KwaZulu-Natali, ucebise ngokuthi uma unomcabango webhizinisi ungalindi uze ube nako konke okudingayo ngaphambi kokuqala.
“Loko ngikubone ngami, ngiqale inkampani nginekhamera eyodwa, yangitholela amanye ngokuhamba kwesikhathi nokuthi kumele wazi futhi ukulindele ukuthi akuzukuhlala kumnandi ebhizinisini kuzoza isikhathi zobunzima esidinga uqine ukhakhayi ukuze ungadikibaliswa wubunzima,” kweluleka yena.

UNksz uThandokazi Mthembu weKwaMaBhayi, yaseThekwini, KwaZulu-Natali, uthe amakhasimende ahehwa yizinto ongeke uzinake kalula njengegama lenkampani.
Uthi ukuheha kwegama kungakwenzela izimanga.
“Kusemqoka ukuba yiciko ngegama oqamba inkampani yakho ngalo, ujwayele iminyango ehlukene exhasa amabhizinisi njengeSeda (iSmall Enterprise Development Agency) neCIPC (iCompanies and Intellectual Property) bese usebenzisa izinkundla zokuxhumana kakhulu ukulisabalalisa.”