NGONYAKA ozayo kulindeleke ukuthi kwakhiwe indawo yokuvakasha, iHeritage Lodge, enamagumbi awu-60 nokubhekwe ukuthi idle uR20 million engxenyeni yomhlaba owabuyiselwa umphakathi waseBhangazi, eSt Lucia.
UKUGULA ngenxa yokuwa kwebhizinisi lakhe lezamandla kwamholela ekutheni azithele ebhizinisini elisha ngoba ezama ukuzelapha.
EMVA kweminyaka kuwumsebenzi awenza eceleni ngoba ubesaqashiwe, uNksz uNomvuyo Gwamanda uqunge isibindi kulo nyaka wakhetha ukugxila enkampanini yakhe yokudla, iDelicious Lab ezinze eGoli, eGauteng.
NGENYANGA edlule olunye udaba olube sematheni wukuvalwa komgwaqo u-N2 eThekwini ngamaciko ayebhikishela ukuthi uhulumeni uvule ukuba khona kwemicimbi ngoba efa yindlala.
UKUFIKA ngokuzuma kwegciwane iCOVID-19 kudale inhlekelele kwezomnotho nokudideka ezizweni zonke. Kulethe nokuguquka kwemiqondo kwabaningi. Iningi belithembele emisebenzini yalo ekade liyenza iminyaka ngeminyaka ukuthi izohlale ikhona ingunaphakade nokuthi izoligcina ize iye empeshenini.
ABANTU abadiliziwe njengoba kuqubuke iCOVID-19 nabazothola imali yabo yempesheni kanjalo neyokudilizwa kumele baqaphele imali yabo ingagcini iphelela kwintela ngenxa yendlela abakhetha ukuyisebenzisa ngayo.
KUBALISWA mihla namalanga ngokuthi lubheda kangakanani uhlelo lokubuyiselwa komhlaba njengoba kukhona amanye amapulazi athi uma esebuyiselwe emiphakathini eyayiphucwe umhlaba agcine esephenduke umhume wabaphangi ngoba engasetshenziswa.
USOMABHIZINISI owusondonzima emikhakheni wokudidiyela izinhlelo zethelevishini weluleke intsha ukuthi ingenzi amaphutha enziwa yibona ngoba bephushwa yingcindezi yokufuna udumo.
UMTHETHO ogqugquzela ukuthi kube noguquko kwezomnotho oluzovulela abantu abamnyama amathuba, iBlack Economic Empowerment (iBEE), awuthelanga zithelo ezitheni embonini yezamanzi olwandle ngoba izinkampani eziningi ezikhona ngezakwamanye amazwe nokwenza ukuthi zingayigqizi qakala indaba yalo mthetho ngoba aziwudingi.
KUKHUTHAZWE osomabhizinisi ukuthi basebenzise izinselelo ezidalwe yiCOVID-19 ukubheka izindlela ezintsha zokusimamisa amabhizinisi abo. Loku kuvele kuleli sonto esithangamini sosomabhizinisi engqungqutheleni iDurban Business Fair (iDBF) eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini.
SEKUFIKE isikhathi sokuthi kuqhamuke isizukulwane esizoyeka ukuthembela kuhulumeni kodwa sikwazi ukuziphilisa sona ngoba ukuqubuka kweCOVID-19 kuvule iminyango eminingi.
LESI sikhathi esikuso manje senza ukuthi wonke umuntu owusomabhizinisi abheke izinto ezimayelana nebhizinisi lakhe ngamanye amehlo. Itshe seligaya ngomunye umhlathi manje, loku ebesikwazi futhi sikujwayele sekuphenduke kwasiyisa komunye umhlaba esingawujwayele. Mhlawumbe uyazibuza ukuthi ngabe ngikhuluma ngani kahle hle.
UKUBALULEKA kwamabhizinisi nosomabhizinisi kuhlale kugcizelelwa. Imbangela yaloku kungaba wukuthi osomabhizinisi badala izinsiza ezintsha nemikhiqizo emisha, bakhulise umnotho.
USESUNGULE isikole sokuqeqesha abalimi, iFresh Nest Farmers’Academy, ngoba efuna abalimi bagweme amaphutha awenza ngesikhathi esanda kuqala ukuba wumlimi.
Ingqalabutho kwezokugaya iphepha, ukudweba amaplani, ivulandlela ekuqashiseni ngamathoyilethi, indawo yokungcebeleka nomqondisi emabhodini ezinkampani…
KULULEKWE abesifazane ukuthi bahlukane nokugxila emabhizinisini amancane kuphela nokwenza into eyodwa bonke uma nje sebeke babona oyedwa eyiqalile yase iphumelela.
ISIPHAKAMISO somshwalense wezempilo iNational Health Insurance (iNHI) akuyona into okumele kubhekwe indaba yemali uma kukhulunywa ngayo kodwa kumele kubukwe ukuthi sizolekelela kuphi.
ININGIZIMU Afrika kumele ibuyekeze indlela ephatha ngayo ezolimo ngoba yimboni emqoka engasiza ukuxazulula inqwaba yezinkinga ezikhungethe umnotho wakuleli owe bhu phansi ngenxa yeCOVID-19.
ABANTU abakwamukele ukuthi impilo nesimo sabo semali sishintshile ngenxa yomonakalo odalwe yiCOVID-19 futhi banganqeni ukubuyekeza indlela abaphila ngayo.
KUZONA zonke izinto uDkt Lulu Gwagwa asezizuzile empilweni, akukho ayekuhlelile futhi akayena umuntu ophila ngokuba necebo leminyaka alilandelayo.
UZIMISELE ngokudayisa amabhodlela e-olive oil awu-5 000 ohambweni aluhlelayo lokuzungeza izwe lonke esuka eKapa umlimi osafufusa ogxile ekukhiqizeni amafutha omnqumo.
CISHE bambalwa abathandi bezincwadi zezindaba ezisuselwa ekhanda abangazi ngezincwadi…
KWEZOMNOTHO noma kwezamabhizinisi kuthiwa imfihlo ngempumelelo ilele…
UKUHLASELA kwegciwane iCOVID-19 kulimaze ezomnotho ngendlela engakaze ibonakale, ngaphezu kwaloko kanti vele njengezwe besingena kwinzikamnotho.
<p>Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.</p>
To provide the best experiences, we use technologies like cookies to store and/or access device information. Consenting to these technologies will allow us to process data such as browsing behavior or unique IDs on this site. Not consenting or withdrawing consent, may adversely affect certain features and functions.
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes.
The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage consent