UNkk uZanele Maphumulo, umsunguli weMabliza Lifestyle yaseThekwini, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Ukusukumela ukunciphisa isisindo somzimba kumvulele iminyango esikhiqize inqwaba yamabhizinisi emikhakheni ehlukene. Umsunguli weMabliza Lifestyle uxoxe noSLINDILE KHANYILE

EKHULA wayazi ukuthi unesifiso sokujimisa abantu noma ayengaqondi kahle ukuthi wumsebenzi owenziwa kanjani futhi ofundelwa kuphi.  Kodwa wathi uma eyibika indaba kunina akangayizwa kahle wase ekhetha omunye umkhakha.  

Kodwa ngoba into uma iwubizo lwakho igcina ikutholile. Seligcine lifezekile leli phupho njengoba ngo-2014 eqale ukujimisa abantu besifazane ngesikhathi ethula inkampani esinamalungu agcwele iNingizimu Afrika yonke iMabliza Lifestyle.

UNkk uZanele Maphumulo usenezinkampani eziningi ezingaphansi kweMabliza Lifestyle. Kukhona eyokujimisa, eyokonga imali, eyokulima neyokuvakasha.

Eqala iMabliza nokuyigama elihlanganisa isibongo sakhe namagama akhe amabili, uBridgette (ateketiswa kuthiwe wuBli) noZanele, wayekade esanda kunqoba impi yokukhuluphala njengoba wayekade esezimuke wafika ku-140kg, egqoka usayizi 48. 

“Ngesikhathi ngikhuluphele ngokweqile ngaba nezinkinga abantu abazimukile ababa nazo… uyagula kube nezinto ongakwazi ukuzenza. Ngase ngithi sekuyisikhathi sokuthi ngizikhumbule mina ngoba ekukhuleni kwami ngikhule ngiwumuntu ojimayo kodwa ngabuye ngakuyeka.

“Singabantu besifazane siyathwala bese nawe uyazikhohlwa ugxile kwezinye izinto. Kodwa mina ngibe sengishintsha ngathi manje akube wuNkulunkulu, kube yimina bese konke (okunye) kuyalandela,” kusho yena.

Isisekelo seMabliza Lifestyle yijimu

Eqala iMabliza uthi wazibuza ukuthi yini lena eyenza abantu besifazane babuye baphazamiseke ekusebenzeleni amaphupho abo nokwenza izinto abazithandayo. Yasungulwa kanjalo-ke ngoba ethi ufisa kube nesithangami lapho abesifazane bezohlangana khona okungenani kabili ngenyanga bagqugquzelane ngokunakekela impilo. 

Waqala ngabesifazane abayisithupha, kwathi emva kwenyanga base bewu-5 000. Waqala wabona ukuthi ikhona ngempela le nto ayenzayo ngempela sikhona isidingo sayo. 

Kuthe uma ebona abantu bekuthakasela, wayeseqala engeza ezinye izinto ngoba enzela ukuthi bacebisane nangezinye izinto njengoba ethi abantu bathanda izinto ezingafani.

Namhlanje iMabliza Lifestyle ilandelwa ngabantu abawu-171 000 kuFacebook kanti uNkk uMaphumulo useyinxusa lezinkampani ezifana noMsinsi Resorts, uShaka Marine World, iJohn Dory’s nezinye.

Kukhona namanye amathuba asevulekile ngenxa yalo msebenzi. “Ngathi nje ngizihlalele ngelinye ilanga kwangena ucingo luqhamuka ehhovisi likaMengameli (uCyril Ramaphosa), bathi kade bengibuka bacela ukuthi ngibe ngomunye wabantu abazohamba noMengameli njengoba kade ehamba nabantu egqugquzela ukujima.

“Ngake ngahamba nanowayeyiMeya yaseThekwini, uMama uZandile Gumede, nakhona sigqugquzela ukujima, lapho kwakukhona abantu abacela ku-5 000. Ngake ngacelwa nawu-Transnet ukuzobasiza ngolunye uhlelo lwabantu besifazane,” kusho uNkk uMaphumulo.

Ngaphambi kokuzisebenza, uNkk Maphumulo usebenze kwezokusakaza iminyaka ewu-20 njengoba wayesethimbeni elaqala i-East Coast Radio ngesikhathi isizimela. Usebenze eminyangweni ehlukene kulo msakazo.

Uwumfelokazi njengoba esanda kushonelwa wumyeni. Ushona nje umyeni wakhe, bese beqale izinhlelo zokuthi bazophindela emakhaya njengoba uMaphumulo wayethi usefisa kanjalo kanti bazothi besanda kubuyela athathwe yiCOVID-19. Wayekade esanda kumsikela indawo angalima kuyo njengoba ayefuna into azochitha ngayo isizungu uma besemakhaya.

Selivele lachuma nebhizinisi lokulima njengoba ehlale ematasa ediliva ama-oda futhi usebenzisana nomakhelwane endaweni. Nakuba ukulima kuyibhizinisi elikhulayo ngamandla nalo, kodwa kukhona enye into okumsiza ngayo.

“Mina ngiwumuntu ohlale eqalaza amathuba amasha, angikwazi ukuhlala nje ngithi dekle. Kuthe uma eshona umyeni wami, ngama kancane nezinhlelo zokulima kodwa emva kwezinyanga ezintathu sengiqale nokululekwa ngomqondo kwase kuyavela ukuthi yini into engingayenza uma ngisemakhaya ngoba uma ngihleli ngingenzi lutho luyabuya usizi ngoba nanti ithuna la egcekeni.

Isivuno sikaMabliza

“Leyo nto ibingenza nami ngigcine sengifisa ukumlandela ngoba ingasekho enye into ngoba izwe belivaliwe ibhizinisi lami lingangenisi mali, umuntu okuwuyena obebhekelela izinto eziningi akasekho. Ngithe yini into engingayenza kodwa futhi ngibe nokuthula, ngaqala ngatshala. Kwase kuyangisiza ukuthi ngoba ngivuka ekuseni ngiyotshala, angisagxilile ekubukeni ithuna… kwaya ngokuya usizi lwancipha,” kusho yena.

Useqashe abantu asebenzisana nabo futhi ulekelela omakhelwane ukuthi bakwazi ukudayisa umkhiqizo wabo. 

Uthi nakuba kukhona abangayizwa kahle indlela enza ngayo njengoba esazilile kodwa uthi uthemba ukuthi bazosizakala nabanye abafelokazi uma bembuka ngoba uthi kumqoka ukuthi bakwazi ukuqhubeka nempilo, bakwazi ukuzinakekela futhi baziphilise.

Facebook: Mabliza Lifestyle

Instagram: i_am_mabliza

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page