Ukubalekela ubungozi bokutheleleka nge-coronavirus nokunqena isiminyaminya endaweni yokuwasha imoto akusho ukuthi hlala nemoto exathukayo. Sekune-car wash yezinsizwa ezincane eza kuwena ekhaya, kuloba uSLINDILE KHANYILE

UKUWA kwenye wukuvuka kwenye. Sisho njalo isiZulu. Kunenqwaba yosomabhizinisi abakhalayo ngenxa yokuqubuka kweCovid-19 ngoba kuholele ekuweni kwamabhizinisi abo kodwa kukhona abahleka bodwa ngenxa yeminyango evulekile.

Osomabhizinisi basemalokishini abakhahlanyezwe yiCOVID-19 bathi akulahlwa mbeleko ngakufelwa. USLINDILE KHANYILE uyabika

OSOMABHIZINISI abasebenzela emalokishini eNingizimu Afrika bashayekile ngenkathi izwe livaliwe futhi kwabaningi babo imali ebingeniswa ngamabhizinisi abo yehlile ngaphezu kukahhafu. Yize kunjalo, abaningi bazimisele ukuqhubeka namabhizinisi abo uma izwe selivulwe ngokugcwele futhi abanye bayaqhubeka nokusebenzela emakhaya.

Uhlanganisa isayensi nezokukhangisa ebhizinisini elichuma usuku nosuku. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UMSUNGULI wenkampani eyenza izikhangiso isebenzisa kakhulu ulwazi nezibalo enalo ngamakhasimende, phecelezi i-data), wangena kwezamabhizinisi eneminyaka ewu-13 njengoba wayesekwazi ukusebenzisa ikhamera, nayeyisebenzisa ukushutha abangani bakhe izithombe bese ebadayisela.

Isabelomali saKwaZulu-Natali sigxile ezinhlelweni zokuthuthukisa ingqalasizinda, ukulwa neCOVID-19 nokweseka izinkampani ezisafufusa. USLINDILE KHANYILE uyabika

ISABELOMALI sonyaka wezimali wango-2021/22 esisanda kwethulwa wumNyango wezeziMali KwaZulu-Natali sifakazele ukuthi uhulumeni uzibophozele ekulweni nokubhebhetheka kweCOVID-19, ukuvuselela umnotho ngokweseka osomabhizinisi abasafufusa nokuthuthukisa ingqalasizinda.

Ungomunye wabaholi bamabhizinisi abahlonishwayo eNingizimu Afrika njengoba ehlale elwela abantu abamnyama nabesifazane. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngokungaxazulula inkinga yokuntuleka kwemisebenzi nokunye

NGENKATHI enza unyaka wesine ezifundweni zobudokotela, kwathi ngelinye ilanga esendleni elalele umsakazo wezwa umuntu omnyama ekhuluma, wachazeka yindlela ayeyibeka ngayo indaba yakhe nendlela ayekhipha ngayo isiNgisi ngamakhala.

Hlala uphephile online ngokwenza nokuqaphela lezi zinto, kuloba uZama Simelane

SEKUPHELE amasonto amabili, kanti manje siphakathi kwelinye isonto elihle futhi. Yebo, ngisafisa ukuthi uphephe online, ngakho sizoqhubeka lapho esasigcine khona emasontweni edlule. Sagcina sichaze i-online safety, saxoxa ngokubaluleka kwakho nezito eziyingozi esizenza online. Njengoba sesazi ukubaluleka kokuphepha online, siphepha kanjani na? Kukodwa ukwazi ukuthi uhlala endaweni enengozi, angithi? Kodwa kusizani ukwazi loko kodwa uma ungazi ukuthi uphepha kanjani engozini?

Kunezimpawu eziqhamuka kuhulumeni ezisilethela ithemba siwosomabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO eledlule ngabuyelwa yithemba lokuthi uhulumeni ugxile ekuletheni nasekwakheni umbuso osebenzayo ngenxa yezinto ezimbili. Okokuqala uMengameli uCyril Ramaphosa usebenzise incwadi yakhe ayibhala masonto onke ukubhunga ngohlaka okuhloswe ngalo ukuphucula indlela okusetshenzwa ngayo kuhulumeni, iNational Implementation towards the Professionalisation of the Public Service.

Kwezesayensi uyashelela, kwezobuciko nobugugu uyashibilika, kwezokuvakasha uyazintwezela. Lo makadebona emikhakheni ehlukene ulandise uLANGA KHANYILE ngohambo lwakhe

NGEMVA kokuphasa umatikuletsheni kwenye yama-boarding school aziwa ngokukhiqiza ubisi lwabafundi wayefisa ukuba wudokotela, nokho wagcina engalifakanga ijazi elimhlophe. Noma agcina engeyena udokotela owelapha iziguli kodwa namhlanje uwudokotela – udokotela ngokwemfundo.

Ukugulelwa yingane kuholele ekutheni asungule ibhizinisi eselisiza nezinye izingane. Umsunguli walo uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KUTHIWA lapho izinto zimapeketwane khona yilapho okukhona ithuba lokwenza izinto ezintsha ngoba kusuke kudingeka isisombululo. Loku kumsebenzele owesifazane osemncane njengoba kuholele ekutheni asungule ibhizinisi eseliwole nemiklomelo yamabhizinisi ezwenikazi i-Afrika.

Kuyethembisa okuqhamuka kwiSabelomali, kuloba uBusi Mavuso

ISINQUMO (sangeSonto) sokwehlisela ukuvalwa kwezwe esigabeni sokuqala sizosiza abantu abaningi baseNingizimu Afrika babuyele emsebenzini futhi sizosiza ukuvuselela umnotho. Ukushintshwa komthetho wewashi kuzosiza kakhulu imboni yezindawo zokudlela cishe okuyiyona eshayeke kakhulu ngenxa yobhubhane nokuvaleleka. Isekhona imithetho eyinqandayo kancane kodwa kungcono ngoba isizokwazi ukucishe ivule nokudayisa utshwala njengokwejwayelekile.

Ukudeleleka komlimi ngenxa yeminyaka yakhe nomzimba wakhe akumvimbanga ukuthi afake isivuno sakhe ezitolo ezinkulu. Manje lezi zitolo ezaqala ngokumeya sezidla entendeni yesandla sakhe. Uxoxe noLANGA KHANYILE

LILODWA igama angachazwa ngalo umlimi waseMthatha, eMpumalanga Kapa. Uzulazayithole. Unjalo uNkk uSiphesihle Kwetana, oneminyaka ewu-26. Uma efuna into uyaphokophela aze ayithole. Ngaphezu kokuba wuzulazayithole unesinye isikhali – ukukhulunyelwa wumsebenzi wakhe, … Read More

ISabelomali sango-2021/22 sibi futhi simnandi embonini yezolimo. USLINDILE KHANYILE uyabika

IMBONI yezolimo ijabula ibuye nganeno ngesabelomali sika-2021/22. Iyakuthakasela ukuthi kunemali ehlinzekelwe ukuqhuba uhlelo lokubuyisela umhlaba kwababephucwe wona kanjalo nokutakula i-Land Bank kodwa ikhala iyazithulisa ngentela yogwayi notshwala, nethi izoyinyusela izindleko futhi ibeka imisebenzi engcupheni.

Kusinda kwehlela kuMboweni uma kubhekwa isabelomali sika-2021/22. Nokho zikhona izinto eziqinisa idolo. USLINDILE KHANYILE uyabika

UNGQONGQOSHE womNyango wezeziMali uMnu uTito Mboweni wethule isabelomali esifakazele ukuthi impela uma sekuzosa kuba mnyama kakhulu. Isithombe esivezwe yilesi sabelomali siyatshengisa ukuthi iseyinde indlela esazohanjwa ngaphambi kokuthi kulunge umnotho waseNingizimu Afrika kodwa zikhona izinto ezimbalwa eziletha ithemba.

Nakhu abakushilo ngesabelomali

USolwazi uBonke Dumisa, usomnotho: “Yisabelomali lesi esizama ukwenza into ebonakalayo, ke singabantu asiyi nganxanye singemanzi. Benze okusemandleni njengoba nezeMpilo zinikwe omunye uR8 billion wemigomo. Sithe uma siphela isabelomali, ngabheka ukuthi … Read More

Ukuhlala uphephile online, kuloba uZama Simelane

AYIKHO into esiyenze impilo yethu yaba lula ukudlula i-internet. Sikwazi ukwenza noma yini noma siye noma yikuphi ngokuphazima kweso. Sikwazi ukuthenga nokudayisa, sibuke amafilimu noma siye “esiqiwini”; konke sikwenza kwi-internet. Kodwa ngabe konke loku ngamakhekhe noswidi? Ngeshwa, akunjalo. Iqiniso lithi noma i-internet iyinhle kodwa futhi ingasilimaza.

KUNGABE uzoyisebenzisa kanjani uNgqongqoshe wezeziMali imali yentela eqoqiwe kodwa ebingalindelekile? USLINDILE KHANYILE uyabheka

NGOLWESITHATHU kuzokwethulwa isabelomali sonyaka wezimali u-2020/21 kanti osomnotho bathi enye into abayibheke ngamehlo abomvu wukubona ukuthi umNyango wezeziMali uzoyisebenzisa kanjani le mali elinganiselwa kuR150 billion obungayilindele njengoba kuvele ukuthi ukuqoqa intela kube ngcono kakhulu kunalokhu obekulindelekile.

Imisebenzi eyayithathwa njengehloniphekile ebantwini abamnyama wayeyisabisa okwegazi esakhula. Nokuhlupheka wayekusabisa okwenyoka. Namuhla usebe yisikhulu ezinkampanini ezinkulu ezihlukene. Ulandise uSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

WAYENGAZI ukuthi ufuna ukwenza muphi umsebenzi ngenkathi ekhula kodwa ayekwazi kahle yizinto ezine ayengafuni ukuba yizona. Uthi wayengakufuni ukuhlupheka, ukuba wumhlengikazi, uthisha nephoyisa.

Kuthiwa indlela ibuzwa kwabaphambili. Kodwa ngabe kusho ukuthini ngempela loku uma sikhuluma ngobudlelwano bokucathuliswa emsebenzini, phecelezi i-mentoring. USLINDILE KHANYILE uyabika

“MINA abantu abangicathulisayo ngiyazi bahlale bematasatasa, ngakho angibangi isicefe ngokubafonela njalo. Enye into engiyigadayo wukuthi bakubone ukuthi nami ngiwusizo empilweni yabo. Uyabona nje omunye wayedinga uDJ umntwana wakhe ezoba nomcimbi, ngambhekela uDJ futhi ngamkhokhela ngoba ngiyazi ukuthi nami ngelinye ilanga ngiyothola usizo olukhulu. (Ukucathuliswa)akubona ubudlelwano bokuthi wena uhlale uthatha nje.”

Ukuphinda umatikuletsheni kahlanu nokufelwa yimfuyo akumthenanga amandla umlimi omncane osehlabane ngethuba lokukhiqizela uSPAR wangakubo. Uxoxe noNOKWANDA NCWANE

EKHULA wayefisa ukuba wusomabhizinisi kodwa wayengazitsheli ukuthi lelo bhizinisi lingaba semkhakheni wezolimo. Kodwa namhlanje uMnu uMpho Mangquzana usengomunye wabalimi abasebancane kodwa osekucacile ukuthi banekusasa eliqhakazile.

Zonke izinsuku yena nethimba aliholayo bafana noDavide ebhekene noGoliyathi njengoba belwa nezinkampani ezinkulu ukusiza abathengi futhi bayazinqoba lezi zimpi. UKhomishana weKhomishini yokuNcintisana uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ISIKHATHI okuphilwa kusona manje silawulwa wubuchwepheshe yonke ndawo futhi ayikho indlela yokukugwema loku. Kodwa ubuhle nemivuzo yobuchwepheshe nobuxhakaxhaka abufinyeleli kuwona wonke umuntu eNingizimu Afrika.

Kuhle ugawule ubheke indlela oziphatha ngayo ezinkundleni zokuxhumana ngoba kungakuphuthisela noma kukuqedele umsebenzi. UZANELE MTHETHWA uyabika

OKWAKOBANI ukulahlekelwa yithuba obukade ulithandazela lomsebenzi noma lebhizinisi? Phezu kokubamba umoya nokucela ukuthi abakini bakubheke kodwa ukuphunyuke kanjalo umsebenzi ngenxa yezono zakudala. Yiloku kanye okwehlele unobuhle obengomunye wabangenele umncintiswano kaMiss SA ngonyaka odlule.

Uzigwaza ngowakho uma ungekho online, kuloba uZama Simelane

Kusukela yasungulwa, i-internet nokusebenza kwayo isingene yagxila empilweni yethu, yathinta kakhulu indlela esenza ngayo izinto. Loku kuyiqiniso futhi kugqame esikhathini samanje noma njengoba kunobhubhane iCOVID-19 noma ngabe alukho. Abantu sebahlale bekwi-internet (noma be-online) kakhulu manje kunakuqala noma ngabe kungenxa yobumnandi, ukufunda, kukhona abafisa ukukuthenga noma “ukuya” emshadweni noma emngcwabeni.

Uma kukhulunywa ngomlando wezemidlalo eNingizimu Afrika liyobalwa igama lakhe. Emva kweminyaka ewu-25 esakazela abanye, usenesiteshi sezemidlalo esithi yena nesidlondlobalayo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngalolu shintsho

AMAKHOLWA athi uNkulunkulu akawuvali umnyango engeke avule omunye kanti isiZulu sithi ukuwa kwenye wukuvuka kwenye. Emva kokuxoshwa eSupersport, nokwase kumphinda njengoba naseSABC wake waxoshwa, kugcine kuyisibusiso kuMnu uRobert Marawa.

iNingizimu Afrika ilahlekelwa wuR14.5 billion ngonyaka ngemboni katshwala nogwayi engekho emthethweni, nokudlangile ngenxa yeCOVID-19. Uma kunganqandwa, ziningi izinkampani ezisemthethweni ezizowa. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUDINGEKA ubuholi obunomgogodla futhi obengakhohlakele, ingalo yomthetho eqinile nomphakathi ongazibandakanyi nobugebengu ukulwa nokudlondlobala kwemboni yokudayiswa kwezimpahla ngokungemthetho kanjalo nempahla ewumkokotelo eNingizimu Afrika.

Ungoti wezabathengi wasebhange ucebisa ngemigomo emihlanu yokuphatha imali umthengi angaqala unyaka ngayo

UKUPHELA kukaJanuwari bekusho ukuqala konyaka omusha, unyaka omusha oletha amathuba amasha okuthi sibuyekeze indlela esiphatha imali ngayo futhi siqale uhlelo lokuphatha imali olusha ukulungiselela izinyana ezisele onyakeni. Ngeshwa sisabhekene nengwadla yeCOVID-19 nokuqhubeka nokusimisa kabi ngasezimalini. Yingezikhathi ezinjena lapho siyaye sikhuthaze khona abathengi ukuthi babhekisise izinto abanamandla okuzenza ukuphatha imali yabo kahle nokunakekela ikusasa.

Unogcobo lokwenza izinto ‘ezinkulu’ lumlandele emncane ogile izimanga ekuphatheni izinkampani ezinkulu. Manje useqopha umlando omusha ngenkampani ethi yena kwenye yezimboni okuwumqansa kuyo kwabamnyama. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

WAQALA isikole singakafiki isikhathi ngoba wakhalela ukuya uma ebona odadewabo bevuka beya esikoleni. Loku “kushesha” ukwenza izinto “ezinkulu” kumlandele impilo yakhe yonke njengoba ephathe nezinkampani ezinkulu esamncane.

Ukuswela amandla okuyofundela ayefisa ukukufundela esikoleni akumvimbanga umthungi wasemakhaya ukuthi afeze iphupho lakhe. Uxoxe noLANGA KHANYILE

UKUKHULA ebona umshini wokuthunga uduvile, ulele uthuli kubo kwenza insizwa yaseNdawana, e-Underberg, KwaZulu-Natali, ibe nesifiso sokukwazi ukuwusebenzisa. Lo mshini owenza indaba kwakungokagogo wale nsizwa eqhamuke nomqondo wokuthunga amajakhethi angavamile.

Sikhona ngempela isidingo sokutatazeliswa yimigomo nemibandela emisha ezokwethulwa wuWhatsApp? USLINDILE KHANYILE uxoxe nongoti bezokuchwepheshe ngalesi siphithiphithi

BEKUPHITHIZELA kuWhatsApp nakwezinye izinkundla zokuxhumana ngendaba ebisegudwini yokuthi le nkampani “isizofunda futhi ilalele imiyalezo yethu”, “izontshontsha imininingwane yethu yasebhange” futhi “izobona yonke into esiyenzayo ocingweni”.

Sisanda kubhala ngamabhizinisi ayi-multi-level marketing. Okunye okuvelile wukudidaniswa kwawo nama‘bhanoyi’. Ukucacisela abantu sixoxe noNksz uThezi Mabuza, obambe njengoKhomishana weNational Consumer Commission (iNCC), inhlangano elawula ubudlelwano phakathi kwabathengi namabhizinisi

Umbele: Ningakuqinisekisa njengeNCC ukuthi i-multi-level marketing yimboni esemthethweni eNingizimu Afrika futhi niyayilawula?

Kuwukucasha ngesithupha ukungabuqondisi ubugwegwe emsebenzini ngoba unqena ukuthi kuzothiwa awunabo ubuntu. Isikhulu esiphezulu e-Altron uMnu uMteto Nyati sixoxe noSLINDILE KHANYILE ngaloku nokunye

ABAPHATHI abamnyama abayeke ukugwema ukuthathela abantu abangawuhloniphi umsebenzi izinyathelo ngoba besaba ukuthi kuzothiwa abanabo ubuntu. Akukho lapho isintu sigqugquzela khona ukungaziphathi kahle emsebenzini.

Uneminyaka ewu-10 aqala ibhizinisi lokwenza izicathulo namabhande kwesikhumba kodwa usazishayela ngonyawo lonwabu ekukhuliseni ibhizinisi njengoba ethi akajahe ndawo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UNEMINYAKA eyishumi eziphilisa ngokwenza izikhwama, izicathulo namabhande ngesandla kwesikhumba uMnu uHlobo Mbube weHlobo Mbube Creatives eBhayi, eMpumalanga Kapa.

Abangcwabi ngenye yezimboni ezimatasa kakhulu njengoba abantu bebhubha ngapha nangapha ngenxa yeCOVID-19 kodwa le ndlela imali engena ngayo ngalesi sikhathi ayibajabulisi neze ngoba nabo ibalethele olunye utaku. UZANELE MTHETHWA uxoxe nabanye babo

KUSUKELA kuqale le nyanga abangcwabi bakhala isililo esifanayo ngokucinana kotshumo ngenxa yemingcwabo eminingi. Ngaphezu kokushoda kwemigodi, kuke kwashoda ngisho amabhokisi kanti njengoba esetholakala nje, asemba eqolo.

Abama-medical aid bathi bazimisele ukusiza uhulumeni ukufinyelela kubona bonke abantu abawu-40 million okumele bagonywe kodwa bayaziqhelelanisa nokuthi sebevumile ukukhokha uR6.8 billion ukuze kugonywe nalabo abangesiwo amalungu abo

INHLANGANO engenzi inzuzo newubumbano lwezinkampani ezihlinzeka ngomshwalense wezempilo, phecelezi ama-medical aid, iBoard of Healthcare Funders (iBHF) isikuqinisekisile ukuthi labo abangamalungu alezi zinkampani bazowuthola umgomo weCOVID-19 kodwa nazo zizowagoma ngokulandela uhla lwabantu okumele kuqalwe ngabo njengokusho kukahulumeni.

Abazinwebele ingadi ngesikhathi izwe livaliwe sebevele bavunywa yibhizinisi lezolimo elichumayo. Baxoxe noZIMBILI VILAKAZI

UMNDENI wakwaMsomi eMzinyathi, eThekwini, osungene shi kwezolimo ufisa ukwandisa amakhasimende. Lo mndeni ovele unebhizinisi lendawo yokulala nelokupheka ukudla okuvuthiwe emicimbini usuwengeze ngebhizinisi lokulima ngonyaka odlule nothi nalo liyawuvuma ngendlela emangalisayo.

UNEMINYAKA ewu-22 asungula inkampani ehlela imicimbi nezingqungquthela. Kunokuthi atatazele uma kuhlasela iCOVID-19, uqinise ekubhekeni amathuba amasha kwezinye izimboni kanti nakhona ekuhlelweni kwemicimbi kuqhamuke izindlela ezintsha. USihlalo we-Ikhono Thrive Global uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KWASHESHE kwamcacela uma eqala ukuhlela imicimbi ukuthi uselutholile ubizo lwakhe nokungakho namanje esaqhubeka nalo msebenzi yize sekukhona ushintsho endleleni okwenziwa ngayo ngenxa yokuhlasela kweCOVID-19.

Ngonyaka odlule uNgqongqoshe wezeziMali ugqugquzele abantu ukuthi babheke ukuthi ngeke yini abasiza amabhizinisi aziwa ngenetwork marketing njengoba isimo somnotho sintengantenga emhlabeni jikelele. Ngabe leli bhizinisi abanye abalididanisa namabhanoyi liyasiza ngempela? USLINDILE KHANYILE uyabika

“UMA uthola ithuba lenetwork marketing oliqonda kahle, ngicela ulisebenzise mfowethu noma dadewethu. Kuzothatha iminyaka engaphezu kwemibili ukuthi noma yimuphi umnotho uvuseleleke. Inqwaba yemizi nezimoto kuzodliwa kanti iyodwa kuphela indlela esizophuma … Read More

Uma kuqala unyaka omusha abantu abaningi baye bazibophezele ezintweni ezithile abafisa ukuzifeza nokuziphucula empilweni. Enye yazo wukuphuma ezikweletini. Nanka amanye amathiphu angakusiza ukuqeda izikweletu

UKUKHOKHELA ingxenye noma zonke izikweletu zakho kuke kubukeke kuwumqansa uma ubheka umthamo wazo. Yingakho kumqoka ukuthi ucabangisise ngaphambi kokuthatha isikweletu esisha, kungaba isikweletu esikhulu njengokuthenga imoto noma ukudinga imali ngenxa yesimo esiphuthumayo kodwa kuqala kumele uzibuze ukuthi uzokwazi yini ukumelana nesikweletu ngaphezu kwazo zonke izindleko zemihla ngemihla.

Ukuvama ukuhamba noyise uma eya enkampanini yakhe yokwakha kwatshala imbewu izelamani eziyibone isiqhuma kuzona njengoba nazo sezisebenza kulo mkhakha. USLINDILE KHANYILE uxoxe nesinye sazo

PHAKATHI kuka-2016 no-2018 uNksz uKedibone Tsiloane weRamtsilo Trading ubegoduka ngempelasonto asuke eGauteng alibangise eSasolburg, eFree State, afike axove usimende nenhlabathi bakha ama-blocks nodadewabo uKekeletso, ababambisene naye kule nkampani.

Qala kabusha ngo-2021; ushintshe unyawo oshaya ngalo, kuloba uNtokozo Biyela

SAWUBONA, halala mfundi wale ngosi ngokweqela ku-2021. Nokuba ufunda le ngosi yokuqala ka-2021, kusho kona ukuthi uNkulunkulu usakuthandile nanamhlanje; wakupha isipho sempilo. Ngaloko kufanele sonke simbonge ngomusa ongaka. Ngiyathemba ukuthi usazoba nathi, asiphe umusa osanele sonke ukuze nami ngiqhubeke nokuphakela isizwe nabantu baKhe ukudla kwengqondo, nani nikhongozele nincele kogwansile.

Ukuqaphela ukuthi iphepha elisetshenziswa ehhovisi lihlale liqhamuka ezinkampanini ezimbili kuphela kugqugquzele owesifazane omnyama nomncane ukuthi akhiqize iphepha. USLINDILE KHANYILE uxoxe naye

WAGCINA eseyihlaya lapho ayebambe itoho khona ngesikhathi esaqhubeka nezifundo zokuqeqeshelwa umsebenzi ngoba wayenganqeni ukufaka izicelo zomsebenzi okwakusuke kufuneka izikhulu eziphezulu kuwona yize wayesuke azi kahle ukuthi akanawo amava alowo msebenzi.

Podcasts

Inqolobane