NGEMVA kokudilizwa emsebenzini wasungula inkampani yokudla eyaqala igxile ezikhaftinini zabantwana nokwalandelwa wokugcina esephekela imicimbi yezinkampani ezinkulu.
UKUWA kwenye wukuvuka kwenye. Sisho njalo isiZulu. Kunenqwaba yosomabhizinisi abakhalayo ngenxa yokuqubuka kweCovid-19 ngoba kuholele ekuweni kwamabhizinisi abo kodwa kukhona abahleka bodwa ngenxa yeminyango evulekile.
UKUVALELEKA ngenxa yemigomo ehambisana nokunqanda iCOVID-19, kuzale elinye ibhizinisi kowesifazane osengene nasemkhakheni wethelevishini.
OSOMABHIZINISI abasebenzela emalokishini eNingizimu Afrika bashayekile ngenkathi izwe livaliwe futhi kwabaningi babo imali ebingeniswa ngamabhizinisi abo yehlile ngaphezu kukahhafu. Yize kunjalo, abaningi bazimisele ukuqhubeka namabhizinisi abo uma izwe selivulwe ngokugcwele futhi abanye bayaqhubeka nokusebenzela emakhaya.
NAMHLANJE ngifisa sibheke izindlela eziyisikhombisa ongazisebenza ukuze ube wumuntu ongcono empilweni.
ISIMEMEZELO sangesonto eledlule sokuqokwa kwezinkampani ezingabaphehli bakagesi abazimele yigxathu elisiyisa phambili ekuqinisekiseni ukuthi sinogesi owenele kanjalo nokuvula ukufakwa kwezicelo somzuliswano wesihlanu kulabo abaphehla ugesi ongakhiqizwa ngamalahle.
UMNYANGO wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya KwaZulu-Natali unezinhlelo eziwu-64 ozozethula nohlose ngazo ukuqhubeka nemizamo yokuguqula le mboni ukuze abantu abamnyama babambe iqhaza kuzona zonke izigaba zokukhiqiza.
UMSUNGULI wenkampani eyenza izikhangiso isebenzisa kakhulu ulwazi nezibalo enalo ngamakhasimende, phecelezi i-data), wangena kwezamabhizinisi eneminyaka ewu-13 njengoba wayesekwazi ukusebenzisa ikhamera, nayeyisebenzisa ukushutha abangani bakhe izithombe bese ebadayisela.
ISABELOMALI sonyaka wezimali wango-2021/22 esisanda kwethulwa wumNyango wezeziMali KwaZulu-Natali sifakazele ukuthi uhulumeni uzibophozele ekulweni nokubhebhetheka kweCOVID-19, ukuvuselela umnotho ngokweseka osomabhizinisi abasafufusa nokuthuthukisa ingqalasizinda.
AKE SIBHEKE ukuthi njengomholi uhola kanjani ngezikhathi zesiphithiphithi? Siyazi ukuthi kuba nzima ukwenza izinqumo uma izinto zimapekwetwane. Abaholi abaningi bajwayele indlela endala yokwenza izinqumo lapho umuntu engajahi ukwenza isinqumo uma kuvele inkinga, ngaphandle uma iphoqa ukuthi sithathwe ngokushesha.
KUNGEKUDALA kangako umnotho waseNingizimu Afrika ubukhula ngaphezu kwa-5% ngonyaka. Kusukela ngo-2004 kuya ku-2007 bekuyinto ejwayelekile. Uma kwenzekile kwaba ngaphansi kwaloko, bekuthathwa ngokuthi izwe liyisehluleki.
UBEHOLA ibhakede likatamatisi ngenkathi ebamba amatoho emapulazini umlimi osemncane waseMzimkhulu, KwaZulu-Natali. Kepha zishintshile izinto njengoba esephakela amasuphamakethe.
USEPHENDUKE isixazululo emindenini eminingi uthisha oqale esiza izingane ezifundweni zazo, osekuphendule ibhizinisi eliseceleni ukufundisa eceleni.
NGENKATHI enza unyaka wesine ezifundweni zobudokotela, kwathi ngelinye ilanga esendleni elalele umsakazo wezwa umuntu omnyama ekhuluma, wachazeka yindlela ayeyibeka ngayo indaba yakhe nendlela ayekhipha ngayo isiNgisi ngamakhala.
SIGQEMEKE kakhulu sonke e-Absa namazwe ase-Afrika ngokushona kukaPeter (Matlare). Kwabaningi bethu ubengesiye nje umlingani kodwa ubewumeluleki, esicathulisa futhi ewubhuti onesikhathi sokukupha indlebe.
MHLA KA-8 Mashi bekuwuSuku lwabeSifazane eMhlabeni. Ngakho sifisa ukubheka umphumela weCOVID-19 kubantu besifazane; ukuthi sifundani nokuthi usishintsha kanjani.
CABANGA emuva kokushaya isitshulu esehla esiphundu bese uphoxwa yi-dessert ekugcineni. Abantu bavele bakhohlwe nayisitshulu leso ngoba isidlo sokugcina okuyi-dessert, yisona esivala sonke isikhala sokudliwe.
LANGA limbe ngo-2018 uNksz uNompumelelo Ngcobo wayedinga iqhwa, wase ekhetha ukufaka izitsha ezinamanzi kwi-freezer yakubo, lahlangana kanjalo iqhwa kwafezeka isidingo sakhe.
SEKUPHELE amasonto amabili, kanti manje siphakathi kwelinye isonto elihle futhi. Yebo, ngisafisa ukuthi uphephe online, ngakho sizoqhubeka lapho esasigcine khona emasontweni edlule. Sagcina sichaze i-online safety, saxoxa ngokubaluleka kwakho nezito eziyingozi esizenza online. Njengoba sesazi ukubaluleka kokuphepha online, siphepha kanjani na? Kukodwa ukwazi ukuthi uhlala endaweni enengozi, angithi? Kodwa kusizani ukwazi loko kodwa uma ungazi ukuthi uphepha kanjani engozini?
NGESONTO eledlule ngabuyelwa yithemba lokuthi uhulumeni ugxile ekuletheni nasekwakheni umbuso osebenzayo ngenxa yezinto ezimbili. Okokuqala uMengameli uCyril Ramaphosa usebenzise incwadi yakhe ayibhala masonto onke ukubhunga ngohlaka okuhloswe ngalo ukuphucula indlela okusetshenzwa ngayo kuhulumeni, iNational Implementation towards the Professionalisation of the Public Service.
NAMUHLA akesibheke ukuthi uwumholi onjani. Ngike ngafunda enye incwadi ekhuluma ngezinhlobo zobuholi. Emasontweni adlule ngike ngathinta indaba yobuholi kodwa ngigxile kakhulu kwezamabhizinisi. Namahlanje ngithanda sibheke ubuholi bakho jikelele.
AKASEKHO emhlabeni uMnu uPeter Matlare, obeyiphini lesikhulu esiphezulu e-Absa. Udlule emhlabeni ngeSonto emva kokuphathwa yiCOVID-19.
NGEMVA kokuphasa umatikuletsheni kwenye yama-boarding school aziwa ngokukhiqiza ubisi lwabafundi wayefisa ukuba wudokotela, nokho wagcina engalifakanga ijazi elimhlophe. Noma agcina engeyena udokotela owelapha iziguli kodwa namhlanje uwudokotela – udokotela ngokwemfundo.
KUTHIWA lapho izinto zimapeketwane khona yilapho okukhona ithuba lokwenza izinto ezintsha ngoba kusuke kudingeka isisombululo. Loku kumsebenzele owesifazane osemncane njengoba kuholele ekutheni asungule ibhizinisi eseliwole nemiklomelo yamabhizinisi ezwenikazi i-Afrika.
ABEZIKHWAMA zempesheni nabatshalimali embonini ezimele bayakuthakasela ukuthi uhulumeni nge ubaphoqa ukuthi batshale imali kwingqalasizinda eyakhiwayo ezweni.
UMSEBENZI wokupenda ububukelwa phansi, umuntu owenzayo abizwe ngamagama ayiziswana. Namanje abantu abapendayo basabizwa ngomapendane, okufakazela ukubukelwa phansi kwalo msebenzi.
ISINQUMO (sangeSonto) sokwehlisela ukuvalwa kwezwe esigabeni sokuqala sizosiza abantu abaningi baseNingizimu Afrika babuyele emsebenzini futhi sizosiza ukuvuselela umnotho. Ukushintshwa komthetho wewashi kuzosiza kakhulu imboni yezindawo zokudlela cishe okuyiyona eshayeke kakhulu ngenxa yobhubhane nokuvaleleka. Isekhona imithetho eyinqandayo kancane kodwa kungcono ngoba isizokwazi ukucishe ivule nokudayisa utshwala njengokwejwayelekile.
NAMHLANJE ngithanda sike sibheke ukubaluleka kokukugcina isikhathi ebhizinisini noma empilweni nje. Ukugcina isikhathi kukhombisa labo osebenzisana nabo ukuthi uyasihlonipha isikhathi nokuthi uyabahlonipha nabo. Ukugcina isikhathi kukhombisa inhlonipho.
LILODWA igama angachazwa ngalo umlimi waseMthatha, eMpumalanga Kapa. Uzulazayithole. Unjalo uNkk uSiphesihle Kwetana, oneminyaka ewu-26. Uma efuna into uyaphokophela aze ayithole. Ngaphezu kokuba wuzulazayithole unesinye isikhali – ukukhulunyelwa wumsebenzi wakhe, … Read More
ZIMBILI izinto ezigqama ngamangwevu esikhulu esisemkhakheni wezezimali esinamava okusebenza emabhange akuleli zwe nakwamanye amazwe – imfundo nobuchopho bezezimali.
OSOMABHIZINISI abancane abazinze emalokishini nasemakhaya bathenjiswe uR4 billion kwisabelomali sango2021/22.
IMBONI yezolimo ijabula ibuye nganeno ngesabelomali sika-2021/22. Iyakuthakasela ukuthi kunemali ehlinzekelwe ukuqhuba uhlelo lokubuyisela umhlaba kwababephucwe wona kanjalo nokutakula i-Land Bank kodwa ikhala iyazithulisa ngentela yogwayi notshwala, nethi izoyinyusela izindleko futhi ibeka imisebenzi engcupheni.
UNGQONGQOSHE womNyango wezeziMali uMnu uTito Mboweni wethule isabelomali esifakazele ukuthi impela uma sekuzosa kuba mnyama kakhulu. Isithombe esivezwe yilesi sabelomali siyatshengisa ukuthi iseyinde indlela esazohanjwa ngaphambi kokuthi kulunge umnotho waseNingizimu Afrika kodwa zikhona izinto ezimbalwa eziletha ithemba.
USolwazi uBonke Dumisa, usomnotho: “Yisabelomali lesi esizama ukwenza into ebonakalayo, ke singabantu asiyi nganxanye singemanzi. Benze okusemandleni njengoba nezeMpilo zinikwe omunye uR8 billion wemigomo. Sithe uma siphela isabelomali, ngabheka ukuthi … Read More
BESEKUPHELE iminyaka emibili kumhlupha ukubona indlela amaqanda abiza ngayo ngoba ukholwa wukuthi loku ngokunye kokudla okujwayelekile futhi okufanele wonke umuntu akwazi ukukuthola kalula.
AYIKHO into esiyenze impilo yethu yaba lula ukudlula i-internet. Sikwazi ukwenza noma yini noma siye noma yikuphi ngokuphazima kweso. Sikwazi ukuthenga nokudayisa, sibuke amafilimu noma siye “esiqiwini”; konke sikwenza kwi-internet. Kodwa ngabe konke loku ngamakhekhe noswidi? Ngeshwa, akunjalo. Iqiniso lithi noma i-internet iyinhle kodwa futhi ingasilimaza.
ISABELOMALI esizokwethulwa kuleli sonto simqoka ekukhombiseni wonke umuntu ukuthi uhulumeni uyayazi into ayenzayo ngemali. Ngonyaka odlule kwakucacile ukuthi akayazi ngoba izindleko zazingaphezu kwemali engenayo, loku yinto eyayiqale ingakahlaseli iCOVID-19 futhi sasingazami ukukuguqula loko. Sasibhekene nenkinga enkulu.
EMASONTWENI edlule sIbheke ukuthi ungaliqala kanjani ibhizinisi. Sibalule izindlela ezimbalwa ezenza ukuthi abantu bagcine basungule amabhizinisi.
UMLIMI osemncane waseDundee, KwaZulu-Natali, osengene shi kulo mkhakha uthole ugqozi kumzala wakhe obemeseka.
AMALUNGISELELO omshado wakhe amvule amehlo wabona ithuba lebhizinisi uNkk uPhetsile Gamede osewumthungi.
NGOLWESITHATHU kuzokwethulwa isabelomali sonyaka wezimali u-2020/21 kanti osomnotho bathi enye into abayibheke ngamehlo abomvu wukubona ukuthi umNyango wezeziMali uzoyisebenzisa kanjani le mali elinganiselwa kuR150 billion obungayilindele njengoba kuvele ukuthi ukuqoqa intela kube ngcono kakhulu kunalokhu obekulindelekile.
WAYENGAZI ukuthi ufuna ukwenza muphi umsebenzi ngenkathi ekhula kodwa ayekwazi kahle yizinto ezine ayengafuni ukuba yizona. Uthi wayengakufuni ukuhlupheka, ukuba wumhlengikazi, uthisha nephoyisa.
“MINA abantu abangicathulisayo ngiyazi bahlale bematasatasa, ngakho angibangi isicefe ngokubafonela njalo. Enye into engiyigadayo wukuthi bakubone ukuthi nami ngiwusizo empilweni yabo. Uyabona nje omunye wayedinga uDJ umntwana wakhe ezoba nomcimbi, ngambhekela uDJ futhi ngamkhokhela ngoba ngiyazi ukuthi nami ngelinye ilanga ngiyothola usizo olukhulu. (Ukucathuliswa)akubona ubudlelwano bokuthi wena uhlale uthatha nje.”
YAQALA ibhizinisi ngoba izama ukuxazulula inkinga eyayixakile intokazi esizikhiqizela amalahle. UNksz uZinhle Loraine usedayisela nezitolo amalahle nezinkuni.
MADUZE kuzophela unyaka kusukela kwabikwa ngomuntu wokuqala owatholakala ene-coronavirus ezweni lethu. Lolu bhubhane lusilimazile uma sibheka ezempilo kanjalo nempilo yezigidi zabantu bakithi.
NGITHANDA sikesibheke ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa ubephetheni emgodleni wakhe wenkulumo ebikhuluma ngesimo sezwe uma kuza emabhizinisini, ikakhulukazi amancane.
EKHULA wayefisa ukuba wusomabhizinisi kodwa wayengazitsheli ukuthi lelo bhizinisi lingaba semkhakheni wezolimo. Kodwa namhlanje uMnu uMpho Mangquzana usengomunye wabalimi abasebancane kodwa osekucacile ukuthi banekusasa eliqhakazile.
ABALIMI bawotha ubomvu ngokuthi izisebenzi zasemapulazini sekuzofanele zihole uR21.69 ngehora njengoba bethi loku kuzobeka imisebenzi engcupheni ngoba ngeke bakwazi ukumelana nalezi zindleko.
ISIKHATHI okuphilwa kusona manje silawulwa wubuchwepheshe yonke ndawo futhi ayikho indlela yokukugwema loku. Kodwa ubuhle nemivuzo yobuchwepheshe nobuxhakaxhaka abufinyeleli kuwona wonke umuntu eNingizimu Afrika.
UTHATHE ilokishi wayolifaka shi esilungwini ngokuvula indawo yokudlela, iBite of Africa. Le ndawo idayisa amagwinya endaweni yomntakabani, iSandton, eGoli, neyisizinda somnotho kuleli dolobha.
KUHLE konke okuthenjiswe wuMengameli uCyril Ramaphosa ngenkathi ethula inkulumo yesimo sezwe ngoLwesine futhi kuyalivuselela ithemba kosomabhizinisi kodwa okuzobajabulisa kakhulu wukubona lezi zithembiso zifezeka.
UKUTHOKOZISWA yimiphumela yezimonyo azithakele zona ngemva kokugqigqa kodokotela besikhumba engasizakali kumgqugquzele ukuthi asize nabanye abanenkinga yesikhumba esizwelayo.
OKWAKOBANI ukulahlekelwa yithuba obukade ulithandazela lomsebenzi noma lebhizinisi? Phezu kokubamba umoya nokucela ukuthi abakini bakubheke kodwa ukuphunyuke kanjalo umsebenzi ngenxa yezono zakudala. Yiloku kanye okwehlele unobuhle obengomunye wabangenele umncintiswano kaMiss SA ngonyaka odlule.
NAMHLANJE ngithanda sikesigxile ekubukeni izindlela ezincane nezinganakekile ongazisebenzisa ukukhulisa ibhizinisi lakho. Ayikho into ebaluleke njengoxhaxha lwabantu ozwana nabo ebhizinisini ngoba ngabo ungakwazi ukukhulisa ibhizinisi lakho lindlondlobale noma lisabalalele kwezinye izindawo.
Kusukela yasungulwa, i-internet nokusebenza kwayo isingene yagxila empilweni yethu, yathinta kakhulu indlela esenza ngayo izinto. Loku kuyiqiniso futhi kugqame esikhathini samanje noma njengoba kunobhubhane iCOVID-19 noma ngabe alukho. Abantu sebahlale bekwi-internet (noma be-online) kakhulu manje kunakuqala noma ngabe kungenxa yobumnandi, ukufunda, kukhona abafisa ukukuthenga noma “ukuya” emshadweni noma emngcwabeni.
SANIBONANI bantu baseNingizimu Afrika, Njengezwe eselijwayele ukuzwa izindaba zenkohlakalo, besingakulindele ukubona imininingwane nokuthi yini abanye abantu abebezimisele ukuyenza ukuntshontsha ngalesi sikhathi isizwe sethu sibhekene nesimo sezempilo esibi kunazo zonke esezike … Read More
USOMABHIZINISI ohweba ngonogwaja usuka kude nalezi zilwane ezidume ezinganekwaneni njengezikhaliphe ukwedlula ezinye. Iwu-20 golokoqo uNksz uDaisy Moleko esebenza ngonogwaja.
AMAKHOLWA athi uNkulunkulu akawuvali umnyango engeke avule omunye kanti isiZulu sithi ukuwa kwenye wukuvuka kwenye. Emva kokuxoshwa eSupersport, nokwase kumphinda njengoba naseSABC wake waxoshwa, kugcine kuyisibusiso kuMnu uRobert Marawa.
NGENKATHI izwe livaliwe uNksz uSindile Ramabele, oyi-fashion designer, wafikelwa umcabango wokuthi abantu besifazane abekho embonini yokukhiqiza amateki. Okunye akucabanga ukuthi alikho iteki okuthiwa elaseSoweto.
KUDINGEKA ubuholi obunomgogodla futhi obengakhohlakele, ingalo yomthetho eqinile nomphakathi ongazibandakanyi nobugebengu ukulwa nokudlondlobala kwemboni yokudayiswa kwezimpahla ngokungemthetho kanjalo nempahla ewumkokotelo eNingizimu Afrika.
NJENGOBA kwanda isidingo sokuthi zonke izinkampani zibe sezinkundleni zobuchwepheshe kumqoka uma ucabanga ukuba ne-website ukubheka indaba ye-web design ne-web development. Kumqoka ukubheka ikhono lenkampani noma uchwepheshe okwenzela lo msebenzi omkhulu.
NAMHLANJE ngithanda sibheke ukuthi yisiphi isikhathi esifanele sokuvala iminyango yebhizinisi lakho. Siyazi sisesimweni esibucayi kwezomnotho, ezepolitiki nesimo sempilo ngenxa yobhubhane iCOVID-19. Sibona amabhizinisi amaningi ewa, kwamanye kwembulwa kwembeswa kuthi kwamanye kuvalwe amehlo.
UKUPHELA kukaJanuwari bekusho ukuqala konyaka omusha, unyaka omusha oletha amathuba amasha okuthi sibuyekeze indlela esiphatha imali ngayo futhi siqale uhlelo lokuphatha imali olusha ukulungiselela izinyana ezisele onyakeni. Ngeshwa sisabhekene nengwadla yeCOVID-19 nokuqhubeka nokusimisa kabi ngasezimalini. Yingezikhathi ezinjena lapho siyaye sikhuthaze khona abathengi ukuthi babhekisise izinto abanamandla okuzenza ukuphatha imali yabo kahle nokunakekela ikusasa.
UNGENE ebhizinisini lokulima ngoba efuna ukuba yisibonelo kubafundi bakhe uthishanhloko osewumlimi.
WAQALA isikole singakafiki isikhathi ngoba wakhalela ukuya uma ebona odadewabo bevuka beya esikoleni. Loku “kushesha” ukwenza izinto “ezinkulu” kumlandele impilo yakhe yonke njengoba ephathe nezinkampani ezinkulu esamncane.
UKUKHULA ebona umshini wokuthunga uduvile, ulele uthuli kubo kwenza insizwa yaseNdawana, e-Underberg, KwaZulu-Natali, ibe nesifiso sokukwazi ukuwusebenzisa. Lo mshini owenza indaba kwakungokagogo wale nsizwa eqhamuke nomqondo wokuthunga amajakhethi angavamile.
YIMICIKILISHO yezingxoxo nabadayisayo nezinto okumele zihlelwe ukulungiselela ukugomela abantu iCOVID-19 ebambezelayo, hhayi ukushoda kwemali yokuthenga le migomo.
BEKUPHITHIZELA kuWhatsApp nakwezinye izinkundla zokuxhumana ngendaba ebisegudwini yokuthi le nkampani “isizofunda futhi ilalele imiyalezo yethu”, “izontshontsha imininingwane yethu yasebhange” futhi “izobona yonke into esiyenzayo ocingweni”.
NAMHLANJE sizobuka okumbalwa okwenza umholi oqavile futhi onohlonze ebhizinisini. Ziningi izindlela zokuhola ebhizinisini. Kunendlela eyisidala yokuhola, lapho umholi eba khona wuzwi lakhe, azi ukuthi kukhala isicathulo sakhe.
IMBEWU yothando lokufuya yatshalwa wuninakhulu esakhula emncane kumfuyi wesifazane waseRichmond, ngaseMgungundlovu, KwaZulu-Natali. Namuhla unepulazi lakhe elingamahektha ayisikhombisa.
Umbele: Ningakuqinisekisa njengeNCC ukuthi i-multi-level marketing yimboni esemthethweni eNingizimu Afrika futhi niyayilawula?
UMA uzwa izinhlelo zomqondisi wenkampani ekhucululayo nebulala izilokazana, mhlawumbe kufanele le nkampani yaKwaZulu-Natali ishintshe igama layo.
ABAPHATHI abamnyama abayeke ukugwema ukuthathela abantu abangawuhloniphi umsebenzi izinyathelo ngoba besaba ukuthi kuzothiwa abanabo ubuntu. Akukho lapho isintu sigqugquzela khona ukungaziphathi kahle emsebenzini.
UNEMINYAKA eyishumi eziphilisa ngokwenza izikhwama, izicathulo namabhande ngesandla kwesikhumba uMnu uHlobo Mbube weHlobo Mbube Creatives eBhayi, eMpumalanga Kapa.
KUSUKELA kuqale le nyanga abangcwabi bakhala isililo esifanayo ngokucinana kotshumo ngenxa yemingcwabo eminingi. Ngaphezu kokushoda kwemigodi, kuke kwashoda ngisho amabhokisi kanti njengoba esetholakala nje, asemba eqolo.
NAMHLANJE ngithanda sibheke izindlela eziqavile zokuhlobisa ibhizinisi lakho. Ngifuna sibheke ukuthi kungani amabhizinisi amaningi amancane engalihlobisi ibhizinisi lawo.
INHLANGANO engenzi inzuzo newubumbano lwezinkampani ezihlinzeka ngomshwalense wezempilo, phecelezi ama-medical aid, iBoard of Healthcare Funders (iBHF) isikuqinisekisile ukuthi labo abangamalungu alezi zinkampani bazowuthola umgomo weCOVID-19 kodwa nazo zizowagoma ngokulandela uhla lwabantu okumele kuqalwe ngabo njengokusho kukahulumeni.
UMNDENI wakwaMsomi eMzinyathi, eThekwini, osungene shi kwezolimo ufisa ukwandisa amakhasimende. Lo mndeni ovele unebhizinisi lendawo yokulala nelokupheka ukudla okuvuthiwe emicimbini usuwengeze ngebhizinisi lokulima ngonyaka odlule nothi nalo liyawuvuma ngendlela emangalisayo.
NGENXA yokuthi kuyaphileka ngokuzisebenza, umnikazi webhizinisi lefenisha yekhethelo uthi akaziboni esebenza ku“mlungu”.
KWASHESHE kwamcacela uma eqala ukuhlela imicimbi ukuthi uselutholile ubizo lwakhe nokungakho namanje esaqhubeka nalo msebenzi yize sekukhona ushintsho endleleni okwenziwa ngayo ngenxa yokuhlasela kweCOVID-19.
“UMA uthola ithuba lenetwork marketing oliqonda kahle, ngicela ulisebenzise mfowethu noma dadewethu. Kuzothatha iminyaka engaphezu kwemibili ukuthi noma yimuphi umnotho uvuseleleke. Inqwaba yemizi nezimoto kuzodliwa kanti iyodwa kuphela indlela esizophuma … Read More
NGESONTO elidlule sibuke ukuguqulwa komqondo njengoba singena ku-2021. Namhlanje ngifisa sibheke loku okubizwa ngenqubomgomo yezamabhizinisi, phecelezi i-business model canvas.
UKUKHOKHELA ingxenye noma zonke izikweletu zakho kuke kubukeke kuwumqansa uma ubheka umthamo wazo. Yingakho kumqoka ukuthi ucabangisise ngaphambi kokuthatha isikweletu esisha, kungaba isikweletu esikhulu njengokuthenga imoto noma ukudinga imali ngenxa yesimo esiphuthumayo kodwa kuqala kumele uzibuze ukuthi uzokwazi yini ukumelana nesikweletu ngaphezu kwazo zonke izindleko zemihla ngemihla.
UKUHLALA nezilwane nokulandela abafana uma besenga kutshale imbewu yothando lwemfuyo kuNksz uNcumisa Valashiya, umnikazi wepulazi iHlumisa Farm eliseRichmond, KwaZulu-Natali.
UNEKHONO lokuqhakazisa imicimbi onebhizinisi lokuhlobisa elihlukile. I-Table Manners yenza umhlobiso wemicimbi oneNkosi phakathi.
IZINTO ezimsebenzelayo, nokuyizona aphokophela ukuzilandela emsebenzini wakhe njengomholi, uzifunde kuyise, nathi nguye umholi abukela kuyena kukhona konke.
PHAKATHI kuka-2016 no-2018 uNksz uKedibone Tsiloane weRamtsilo Trading ubegoduka ngempelasonto asuke eGauteng alibangise eSasolburg, eFree State, afike axove usimende nenhlabathi bakha ama-blocks nodadewabo uKekeletso, ababambisene naye kule nkampani.
SAWUBONA, halala mfundi wale ngosi ngokweqela ku-2021. Nokuba ufunda le ngosi yokuqala ka-2021, kusho kona ukuthi uNkulunkulu usakuthandile nanamhlanje; wakupha isipho sempilo. Ngaloko kufanele sonke simbonge ngomusa ongaka. Ngiyathemba ukuthi usazoba nathi, asiphe umusa osanele sonke ukuze nami ngiqhubeke nokuphakela isizwe nabantu baKhe ukudla kwengqondo, nani nikhongozele nincele kogwansile.
NAMHLANJE ngifisa sithinte ingxenye ebalulekile ebhizinisini emayelana nokuqashwa kwezisebenzi. Isikhathi esiningi sithi uma siqala amabhizinisi singalunaki lolu phiko noma sekufika isikhathi sokuthi siqashe izisebenzi sikhethe ngobungani, hhayi ngamakhono adingwa yizikhundla zomsebenzi ebhizinisini.
WAQALA ukulima ezama ukulekelela umyeni wakhe ukondla umndeni owesifazane osephakela izitolo imifino.
WAGCINA eseyihlaya lapho ayebambe itoho khona ngesikhathi esaqhubeka nezifundo zokuqeqeshelwa umsebenzi ngoba wayenganqeni ukufaka izicelo zomsebenzi okwakusuke kufuneka izikhulu eziphezulu kuwona yize wayesuke azi kahle ukuthi akanawo amava alowo msebenzi.
<p>Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.</p>
To provide the best experiences, we use technologies like cookies to store and/or access device information. Consenting to these technologies will allow us to process data such as browsing behavior or unique IDs on this site. Not consenting or withdrawing consent, may adversely affect certain features and functions.
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes.
The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage consent