Ukulungisa izinkinga e-Eskom kubalulekile ukulungisa izinkinga zomnotho wezwe, kuloba uBusi Mavuso

SIYIZINHLANGANO ezimele osomabhizinisi sihlale siphikisana ngokuthi kumele kube nezinguquko ezinqala ukuze umnotho waseNingizimu Afrika ukhule. Loko kusho ukuguqula izinto kusetshenziswa imigomo ekhona.
Eminye yemigomo okumele ishintshe yilena ethinta i-spectrum ukuze kuzovuleka ukudayiswa komoya wokudonsa i-internet, indlela okuhlinzekwa ngayo ugesi ukuqinisekisa ukuthi kunogesi ongawethemba futhi obiza kahle wokweseka ingqalasizinda eseka umnotho.
Ikhona neminye imogomo eyinqwaba engashintshwa ukuze kuthuthukiswe amakhono, okubalwa nezimvume zokuvakasha ezinikwa abasuke bezosebenza ezweni.
Ngihlale ngiqinisekiswa ukuthi uhulumeni uyazeseka lezi zinjongo. UMengameli uCyril Ramaphosa wavuma enkulumweni ethinta isimo sezwe kulo nyaka ukuthi “ngeke sikhule ngendlela esifisa ngayo futhi sakhe amathuba emisebenzi uma singenzi izinguquko endleleni esenza ngayo”. Ihhovisi lakhe lisungule i-Operation Vulindlela ngokubambisana nomNyango wezeziMali ukuhola uhlelo lwalezi zinguquko.
Nokho-ke okubuhlungu ukuthi akukho mnyakazo otheni. I-spectrum okwakumele siqale ngoMashi siyabangwa ezinkantolo njengoba kunenqwaba egijimela ezinkantolo ithi akwenziwanga kahle. “Umzuliswano osheshisiwe” wokuthenga ugesi nawo usufakwe enkantolo kuthiwa akwenziwanga ngendlela, nokuqalayo ukuthi lolu hlelo lokuqokwa kwabaphehli bakagesi abazimele lufakwe enkantolo. Ukugqoza kwabatshala kwingqalasizinda yaseNingizimu Afrika akushintshile.
Ngiyayibonga imizamo yehhovisi likaMengameli yokungenelela. Uhlanganise ithimba labantu abanamava ukuthi lihole le mizamo. Kodwa le mizamo ngeke ivale isikhala sokuphucula ukusebenza kwezinhlaka zikahulumeni.
Kumele lezi zinhlaka zisebenze kahle ngaphandle kokuthi kungenelelwe. Ukungenelela kungaba yinto yesikhashana ngenkathi kulungiswa ukuze izinhlaka zisebenze kahle.
Into esihluphayo thina yilena ethinta ukuguqulwa kokuhlinzeka ugesi. SiyiBusiness Leadership South Africa (iBLSA) sesishilo ukuthi sidinga ilayisensi igunyaze ukuthi (izinkampani) zikwazi ukuphehla ugesi owu-50MW. Loku kuzokwenza izinkampani ukuthi zikwazi ukuphehla ugesi wazo kuze cishe kusale ongadayiswa ukuthi usetshenziswe ezweni.
Ngokwenza lesi siphakamiso siyavumelana nesikhulu esiphezulu se-Eskom, naso esithe kumele kube nezinguquko noMengameli uqobo, naye ophakamise ukuthi akwenziwe izinguquko ukuze kutholakale u-5 000MW, nokuyinto engenzeka uma kuvunyelwa ukuthi izinkampani zikhiqize u-50MW.
Kodwa ngesonto eledlule, uNgqongqoshe wokuMbiwa Phansi namaNdla, uMnu uGwede Mantashe ugcizelele ukuthi kumele ilayisensi (yezinkampani) ibe wu-10MW, njengokusho kweziphakamiso zokubuyekezwa komthetho, i-Electricity Regulation Act. Ucashunwe ethi wenze ucwaningo nabantu abawu-10 000 abawesekayo (u-10MW).
Bangobani laba bantu? Emva kwezinsukwana lo mnyango ukhiphe isitatimende uthi awenzanga ucwaningo kodwa uthi kuphawule umphakathi ngaloku.
Iyangimangaza yonke le nto. Akekho umuntu engimaziyo oweseka lesi sikali sikagesi esingaphansi osephumele obala esidlangalaleni. Kuyaziwa ukuthi kukhona abenza imali ngokuthi izinto zihlale zinjengoba zinje njengalabo abathutha amalahle bewayisa eziteshini zikagesi. Labo bantu abafuni kushintshe lutho, ingasaphathwa eyemboni ekhiqiza ugesi ngamanani aphansi. Kodwa umNyango wokuMbiwa Phansi namaNdla kumele wenze okuzovuna umphakathi futhi ubheke ukuthi laba abangafuni ushintsho bayakwenza yini loko. Awukwazi ukukwenza loko ngokubheka izincomo kuphela ngoba izibalo zizodwa azisho ukuthi leyo nto iyahambisana nokuzosiza umphakathi.
Lesi ngesinye sezibonelo lapho sivumelana khona noMengameli kodwa uhulumeni wakhe ubonakala ungavumelani naye. Ukubhuntsha kokudayisa i-spectrum ngesinye salezo zibonelo. Ukudayisa i-spectrum sekube wumgomo kusukela ngo-2007 kodwa akuphothuliwe kuze kube manje ngenxa yabanezinhlelo zabo.
Ukukhankasa akuyona inkinga ngoba impela kungenye yezindlela zokuthi uhulumeni azi lokho okudingwa wumphakathi. Kodwa imvamisa kusetshenziswa ngabantu abasuke befuna ukubambezela ushintsho. Kudinga ubuholi bepolitiki obunamandla ukumelana nako.
I-BLSA izinikele ukweseka uhulumeni nemizamo yakhe yokuguqula imigomo ukuze umnotho ukhule. Ngesonto eledlule ngokubambisana neBusiness Unity South Africa sethule ucwaningo ngokuthengwa kwempahla ezweni. Lolu ngolunye udaba uMengameli aluzwa ngaphakathi, walubalula izikhawu ezingu-15 enkulumweni ebheka isimo sezwe.
Njengomgomo, ukuthengwa kwempahla kuleli zwe kungasiza entuthukweni kodwa kumele kuqikelelwe indlela okwenziwa ngayo, kusetshenziswe ubufakazi. Imigomo engalungile egqugquzela loku, njengokuthi kuthiwe u-20% wempahla othengwa kwamanye amazwe kumele kushintshwe, uthengwe ezweni kungona izinto eziningi, kunyuse amanani futhi unciphise imisebenzi.
Isibonelo nje, ukuthenga imishini emisha kagesi kwamanye amazwe kusho ukuthi sikwazi ukuphakela izwe ugesi masinyane kunokuzama umuntu wakuleli futhi kwakheka amathuba emisebenzi.
Sesashicilela nombiko ngokutshala kwingqalasizinda, enye into emqoka emgomweni womnotho. Njengoba siqhubeka nokuzama ukuguqula izinto, isicelo sethu siyizinhlangano zosomabhizinisi wukubona izinhlaka zikahulumeni zihola lolu guquko nokuqinisekisa ukuthi imigomo isuselwa ebufakazini obubonakalayo.
Ukungenelela kuzohamba kufinyelele endaweni ethize, iminyango kahulumeni kumele ibe nabantu abenele nabaholi ukuze isebenze into ebonakalayo ngaphandle kokuthi kungenelelwe.
Uma sibheka indlela okwenzeke ngayo ngesiqubu sokuqala nesesibili sokuhlasela kweCOVID-19 kunokukhathazeka ngokuthi kuzokwenzakalani njengoba kungathi isiqubu sesithathu sisemome. Ukungazi ukuthi kuzokwenziwani emnothweni osatotoba emva kokuvalwa kwezwe kusazoqhubeka. Sidinga ukuthi izinyathelo ezizothathwa zihlale obala.
Ziningi izimbangela ezidala izinkinga zakwa-Eskom. Enye yazo ngomasipala abakweleta le nkampani imali engaphezu kukaR43 billion, okuwukuthi uR30bn kuwona yimali okufanele ngabe kade yakhokhwa. Uma kukhulunywa ngokuguqula izinto kufanele kutholakale isisombululo nangaloku.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA