Owayefeyila izibalo namhlanje usenebhizinisi elikhiqiza abafundi abaphasa lesi sifundo ngamalengiso. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO
IZIBALO yisifundo abantu abaningi abangasithandi ngoba bathi kunzima ukusiphasa. Kodwa kunensizwa ethanda lesi sifundo kangangokuthi isisungule ibhizinisi lokwenza abantu ukuthi basithande.
UMnu uSibusiso Makhathini, oneminyaka ewu-36, uqale iSbu’s Maths Project eminyakeni eyisikhombisa edlule.
“Into engiyikhumbulayo wukuthi ngesikhathi ngifunda uGrade10 eBhekuzulu High, ngathola u-4% kwi-maths ekupheleni konyaka. Ngaba yinhlekisa kakhulu kwezinye izingane futhi ngaphatheka kabi ngoba kunentombazane esasifunda nayo eyayikulaba bafundi abaphuzayo ukubamba kodwa yaphumelela ngamalengiso kwi-maths ngesikhathi sesikwaGrade11,” kukhumbula uMakhathini, odabuka KwaZiphethe, KwaNongoma, enyakatho yekwaZulu-Natali.
Uthi izinto zashintsha ngemva kokuthi uninakhulu emfunele umuntu owayezomsiza ngalesi sifundo ukuze ezosiphasa uma esefike ebangeni leshumi. Ngempela uthi ngosizo lomuntu owayemcija waphumelela ngamalengiso kulesi sifundo ayekade edonsa kanzima kusona.
Emva kokuphumelela ibanga leshumi ngamalengiso, waya eDurban University of Technology (eDUT) ukuyofundela i-Civil Engineering.
Uthi ngenkathi efunda eDUT izibalo waqhubeka nokuziphasa ngamalengiso, nokwenza isikhungo sagcina sesimthatha ukuthi afundise izitshudeni emikhakheni eyehlukene. “Ngafika eDUT ngiyofunda ngaphansi komkhakha wobunjiniyela kodwa ngenxa yokwenza kahle kwami kwi-maths, ngagcina sengiba womunye wabafundisa kulesi sikhungo ngigxile emkhakheni we-maths,” kusho yena.
Manje uMakhathini unohlelo lokufundisa izingane izibalo kusukela kwaGrade 1 kuye kwizitshudeni ezisezikhungweni zemfundo ephakeme. Izifundo zibiza phakathi kukaR650 noR1 200 kuye nebanga lomfundi.
“Ngonyaka ngiye ngibe nabafundi abawu-25 noma ngaphezulu, bonke bafunda amabanga ahlukene. Into engiyenzayo wukuthi umfundi ngimfundisa yedwa. Angilenzi iphutha lokufundisa abafundi babe babili noma ngaphezulu kanyekanye,” kusho uMakhathini.
Uthi wabona kudala ukuthi izibalo zidinga ukuthi umfundi afundiswe yedwa ukuze acathuliswe kahle aze aqonde ngaphandle kokuzithola engaphansi kwengcindezi.
“Nginenqwaba yabafundi abafike kimina kubheda ngempela bethola o-11%, kodwa bahamba kimina sebephumelela ngo-80% nangaphezulu,” kulanda yena.
Uthi waqala iSbu’s Maths Project ngenxa yothando lwezibalo, wayengahlosile ukuthi kugcine sekuyibhizinisi alenza eceleni ebe esebenza futhi.
Uthi ibhizinisi ubengakalikhangisi kodwa likhule ngamandla ngenxa yabantu abebetshelana ngalo. “Amanye ama-class ngiwenza online nabafundi. Ngiyakwazi ukukunikeza loko uma isikhathi sokuhlangana nami singekho. Futhi ngiyafundisa online nasebusuku, uma sivumelene nje nomzali wengane” kusho uMakhathini.
Uthi unesifiso sokuthi ngelinye ilanga abe nesikhungo sokufundisa izibalo nokuthi uhulumeni kube khona indlela azoxhasa ngayo ibhizinisi elinjengelakhe, ikakhulukazi ngoba izibalo zidingeka kakhulu emikhakheni ebalulekile yomnotho ezweni.
Ukhuthaze abantu abamnyama ukuthi ulwazi abanalo balusebenzisele amabhizinisi.