Ukusutha indaba yokubuyela emsebenzini ngemva kwe-lockdown kumfake intshisekelo yokuqala ibhizinisi lokusabalalisa umvini nezinyembezi zikaKhwini. Umsunguli walo uxoxe noLANGA KHANYILE
WONKE amabhizinisi anendaba ethile ngokusungulwa kwawo. Kunjalo nangebhizinisi lentokazi ewumsunguli webhizinisi elisabalalisa iwayini nogologo iWines & Spirits Stories.
Indaba enkulu ngeWines & Spirits Stories wukuthi isungulwe ngesikhathi sokuvalwa kwezwe ngenxa yeCOVID-19.
I-Wines & Spirits isungulwe ngemva kokubuya phesheya komsunguli nomnikazi wayo uNksz uZintle Mkize, isungulwa ngoJuni kulo nyaka. “Ngaqala ukuba nomqondo waleli bhizinisi ngaphambi kukaJuni. Kwathi ngesikhathi se-lockdown ngathola ithuba lokuhlela izinto kahle. Inkampani iqalwe ngoJuni ngoba bengingasathandi ukuqashwa ngemva kwe-lockdown futhi bengingafuni ukuthi imali engiyenze phesheya ize iphele,” kusho le ntokazi eneminyaka ewu-26, eziqekethelayo.
UNksz uMkize, osebenze unyaka e-New York, e-USA, uthe enabalingani bakhe babuye eNingizimu Afrika ngaphambi kokuthi kuvalwe izwe ngoba besaba ukuvaleleka phesheya ngemva kokuzwa isimemezelo sikaMengameli uCyril Ramaphosa sokuthi izwi lizovalwa ukugwema ukubhebhetheka kobhubhane iCOVID-19.
“Enye into engenze ngaqala leli bhizinisi wukuthi bengingasathandi ukusebenza embonini yezindawo zokudla ngoba siyaxhashazwa (ngokwemiholo nesimo sokusebenza). Ngoba yiwona mkhakha engiwaziyo, ngithe ‘kungani ngingazidayiseli utshwala?’ ngoba ngenkathi ngisebenza bengibhekele ukuthengela izindawo engisebenza kuzona iwayini nogologo,” kusho yena.
“Esinye isizathu wukuthi bengithi uma ngithenga istokwe seziphuzo, ngithole izinto engingafakanga ama-oda azo. Okubi wukuthi loku bekwenzeka uma ngidilivelwa ngabantu bakithi (abamnyama), kuthi uma ngikhononda, ubone ukuthi akwehli kahle; babona sengathi bangenzela ufefe ngokungidayisela. Ngibone ukuthi esikhundleni soku-oda kubantu, angivele ngingene emkhakheni wokudilivela abanye abantu.”
UNksz uMkhize, onoxhaxha lwezitifiketi kulo mkhakha, okubalwa kuzona nesokuba yi-sommelier (umuntu owungoti ekuhlanganiseni uhla lwamawayini nokuwathaka ahambisane nezidlo ezitholakala endaweni yokudla, uthe wenze ngamabomu ukuthi ibhizinisi libesendaweni edume ngokuthi eyontamolukhuni bamaBhunu. “I-Boksburg (eGauteng) ngiyikhethe ngamabomu. Bengifuna ukungena esizindeni samadoda namadoda angamaBhunu. Kakade ngenkathi ngisasebenza bengijwayele ukusebenza nawo. Ngale ndlela (ukuba sendaweni yamaBhunu), bengifuna ukukhombisa ukuthi angizile ukuzodlala kodwa ngizosebenza.
“Kuhle ukuthi njengomuntu wesifazane omnyama nomncane ngizithola ngemukeleka, kusha umsebenzi,” kusho le ntokazi.
Lihluke ngani kwamanye ibhizinisi lakhe lokuphakela izindawo zokudla namahhotela ngeziphuzo zomvini nezinyembezi zikaKhwini? “NgeWines & Spirits Stories ngihlose ukuthi lo msebenzi kungabi ngowokudayiselana kuphela kodwa futhi kube khona indawo yobuntu ekuhwebeni nokwakha ubungani namakhasimende ethu.”
Kulesi sikhashana ibhizinisi likhona, yini angathi useyizuzile. “Ngenxa yokuthi liselisha ibhizinisi, alikakhuli ngendlela engifisa ngayo, kangangokuthi ngine-mobile bar engileseka ngayo, kodwa into enkulu engingathi sesiyizuzile wukwakha ubudlelwano nabantu kule ndima.”
I-mobile bar yakhe igxile ekuthakeni ama-cocktail ezindaweni zobumnandi zabanye. Uvame ukuyibeka eMoagi Wings eSpruitview, e-East Rand naseMadibuseng, ishisa nyama yodumo yaseBuhle Park, eGermiston.

“Okunye wukuthi sesinabalandeli abevile ku-5 000. Laba balandeli sesingabangani nabo; asikhulumi nabo njengamakhasimende kepha njengabangani. Bakwazi ukusitshela noma yini njengomngani; njengokuthi kwenye inkathi batshela thina ukuthi i-cocktail ishoda ngani. Nakuba siwongoti entweni esiyenzayo, asibaphikisi kodwa sibenzela ngendlela abafuna ngayo,” kusho le ntokazi esike yasebenza ezindaweni ezidla izinjinga koSandton nakwi-golf estate eMogopong, eLimpopo.
Nakuba ibhizinisi lakhe lilisha kodwa useyazazi izinselelo zokuba nebhizinisi. “Inselelo enkulu wukulahlekelwa yimali oyifaka ebhizinisini. Okunye okuyinselelo wukulahlekelwa yizimpahla osanda kuzithenga. Kodwa-ke sifunda kanjalo.”
Le ntokazi eyazalelwa eRiverside, eGauteng, izalwa ngabantu baseThekwini naseMzimkhulu, inephupho elikhulu, ngento ethi iyibone phesheya. Ukulifeza isiqale izingxoxo nenhlangano engenzi nzuzo i-Tree of Unity. Iphupho layo wukuthi uma abantu abangondingasithebeni nabadla izidakamizwa sebegezwe yiTree of Unity bese betholelwa umsebenzi ezindaweni zokudla nasemahhotela. “ENingizimu Afrika sibabukela phansi abantu abangondingasithebeni. Yebo, akusibo bonke abantu abadla izidakamizwa abashintshayo kodwa ababili noma abathathu bayashintsha uma sebegeziwe, batholelwa umsebenzi. Kuhle ukubona abantu beshintsha,” kusho yena.
Zithini izinhlelo anazo? “Eminyakeni emihlanu ezayo ngifisa ukuzibona sengikwazi ukusabalalisa ezweni lonke, ibhizinisi le-mobile bar liqeqesha intsha ukuthi ilungele ukusebenza; okungenye yezinto esihlulayo eNingizimu Afrika (ukufundisa intsha umsebenzi isencane). Isiko lokusebenza kufanele lingene kubantu beneminyaka ewu-18,” kusho uNksz uMkize.
FB: Wines and Stories PTY LTD
Twitter: @WinesStories
Instagram: Winesstories