UMnu uDiphete Bopape, umakadebona womlobi, umshicileli nesishabasheki solimi saseLimpopo

Izithombe: wuLucas Ledwaba

Ukubona unina ehluphekela ukuthola incwadi yolimi lwebele angayifunda kwamkhuthaza ukuthi kungabi yiBhayibheli nezincwadi zesikole kuphela okubhalwe ngolimi lwakhe. Uxoxe noLUCAS LEDWABA ngohambo lwakhe

UMLOBI, umsunguli wephephandaba nesishabasheki sezilimi zomdabu sikholwa wukuthi nakuba ubandlululo lwaluyinto embi kodwa lwalunakho okubili okuthathu okuhle.

UMnu uDiphete Bopape, oneminyaka ewu-64, umsunguli wephepha lesiPedi iSepoine (isibuko ngesiZulu), uthi: “Nakuba ubandlululo lwaluyinqubo enesihluku ngisakhula kodwa kwakunamaphephandaba amabili ngolimi lwami, isiPedi, iTšwelopele (Inqubekelaphambili) neMotswalle wa Bana (Umngani Wezingane).

“Nakuba la maphephandaba ayesetshenziselwa imfundisoze kakhulu, kodwa, ngaphandle kweBhayibheli, ayenza ukuthi kube khona into efundekayo ngolimi lwami nangaziqhenya ngayo umuntu. 

“Ngokuphela kobandlululo ngama-1990, ashabalala la maphephandaba kanti akukho okwavala isikhala sawo. Loku kusho ukuthi ngaphandle kwezincwadi zesikole, into eyodwa engafundwa ngabantu abakhuluma ulimi lwami yiBhayibheli; iBhayibheli kuphela. Loku kusho ukuthi uma abantu bakithi beqeda isikole, ayikho enye into abangayifunda impilo yabo yonke,” kusho yena.

Le nto uBopape akagcinanga ngokuyibona kubaPedi kodwa wayibona nakubo. Yamenza wabona ubumqoka bokugcina igugu eliwulimi lwakubo. 

“Umama ongasekho wayegcine emabangeni aphansi ayekwazi ukufunda iBhayibheli nezinye izincwadi ezibhalwe ngesiPedi kanti wayeziqonda futhi ezithakasela. Uma thina, singabantwana bakhe sifunda, ikakhulukazi amaphephandaba angesonto abhalwe ngesiNgisi, wayevele awapheqe, azibukele izithombe kuphela.

“Wayengasazi isiNgisi, ngakho wayephoqeka ukuthi agcine ngokuzibukela izithombe ephephandabeni, ngale kokulifunda. Kwakungiphatha kabi. (Ngabhala) izincwadi ngesiPedi eziyisishiyagalolunye, kanti uMa wazifunda zonke, waziqonda futhi wazithakasela; wayeke axoxe ngakufundile.

UBopabe ukholwa wukuthi baningi abantu abanjengonina; abangakwazi ukufunda isiNgisi kodwa abakwazi ukufunda izilimi zabo kuphela. Ingozi ayibona ngaloku wukuthi izilimi zomdabu zigcine zishabalele. Yiloko kanye okwamkhuthaza ukuthi asungule iphephandaba iSeipone, ngo-2002.

ISeipone ngenkathi isungulwa yaqala ishicilelwa ngezilimi ezintathu ezande eLimpopo, okuyisiPedi, isiTsonga nesiVenda. Ushicilelo lwesiTsonga lwalubizwa ngeXivoni kanti olwesiVenda lwalubizwa ngeTshivhoni.

Ngeshwa ngenxa yokudonsa kanzima, isiTsonga nesiVenda kwakugcina kuvaliwe, kwasala isiPedi.

Lapho ehamba khona uBopape, kungabe uyafundisa, ubhala izincwadi noma izindaba noma ushicilela amaphephandaba uzithola eshumayela ivangeli lobumqoka bezilimi zomdabu, ikakhulukazi isiPedi asincela ebeleni.

Ngaphambi kokusungula iphephandaba, uBopape wayewumlobi wezincwadi. Ubhala amanoveli, izincwadi zemidlalo yeshashalazi nezindatshana. Ngaphambi kwaloko wayewuthisha.

“Ngafundela ubuthisha. Njengothisha ngikholwa wukuthi ulimi luyinsika yokufundisa; njengento yokucabanga neyokuxhumana.

“Abafundi abanenkinga yolimi babanenkinga yokuqonda okufundiswa wuthisha nokuvezela abanye abantu ukuthi bayakuqonda abakufundisiwe.

“Ulimi lwebele kuvelile ukuthi luhambisana nokukwazi ukufunda nokuthi luyisisekelo sokufunda ezinye izinto ngomuso. Abafundi abazi ulimi lwebele banamakhono okufunda ayisisekelo sezinye izifundo nezinye izilimi,” kusho uBopape.

Nokho likhona ithemba ngomsebenzi weSeipone. Uthi: “Othisha basezikoleni ezihlukene bathi bathembele kwiSeipone ukufundisa izinto ezinjengespelingi, ukuqonda, ukufunda, njll. Njengoba zingekho ezinye izinto, wukusetshenziswa kwephephandaba ukufundisa nokufunda okungenze ngaphokophela nephepha kuzona zonke izinselelo.”    

ISeipone nezinye izincwadi zikaBopape

Kuye kuthiwe izilimi zomdabu zisele emuva, azinawo amagama ezinto zesimanje njengezemnotho nezobuchwepheshe. Luthini uvo lwakhe?

“Umqondo wokuthi izilimi zomdabu zisemuva wumcabango wabantu abadla izwe. Lona wumqondo wabantu abadla izwe, hhayi abanikazi bezwe.

“Izilimi zomdabu akuyona into yokuxhumana kuphela kodwa okumqoka wukuthi ziwuphawu olumqoka olwenza abantu bazazi ukuthi bawobani, baqonde impilo nendawo yawo emhlabeni. Umuntu uyiNgisi ngenxa yolimi lwakhe lwesiNgisi, iFrench ngoba abakubo bangama-French umTswana ngoba ulimi lwakhe yisiTswana,” kusho yena.

Uthi kunzima ukuba wumshicileli ozimele wephephandaba lolimi lomdabu.

“Ziningi izinselelo ekushicileleni iphaphandaba lesintu eNingizimu Afrika. Inselelo enkulu engiyibone ngeSeipone wukuthi njengezinye izilimi okuthiwa ‘zisemthethweni’ ukuba semthethweni kwazo kuphelela ku-Article 6 womthethosisekelo. Lesi sigaba sikuchaza kahle okufanele kwenziwe wuhulumeni ngendaba yezilimi zomdabu nokuzithuthukisa.

“Okuxakayo wuthi isiNgisi sithathwa ‘njengolimi oluvamile’ kuzona zonke izakhamuzi noma ngabe zikhuluma luphi ulimi. IsiNgisi yilona limi olusemthethweni nolokusebenza. Loku kwenza ukuthi zonke izinto zikahulumeni zenziwe ngesiNgisi okubalwa izimemezelo, izindaba ezikhokhelwe, izikhangiso zemisebenzi namathuba emisebenzi okungaba amathenda; konke kubhalwa ngesiNgisi futhi kukhishwa emaphephandabeni esiNgisi,” kusho uBopape.

Kungenxa yezizathu ezinjenga iphephandaba lesintu elifana neSeipone lizithola libhekene nezindleko kodwa kungangeni mali. Ngokuswela izikhangiso, izindaba ezikhokhelwe, iphephandaba liswela amandla okuqhubeka nomsebenzi.

UBopape ukholwa wukuthi uhulumeni unomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi izilimi zomdabu azigcini nje ngokufukulwa nokuvikelwa kodwa kufanele zinikwe indawo elinganayo kwezamabhizinisi, kuhulumeni nakwezemfundo. 

“Ngikholwa wukuthi uhulumeni ungazifukula izilimi zomdabu ngokuthi zibe yindlela yokuxhumana kuzona zonke izinkundla, kungaba emaphepheni, emsakazweni, kwithelevishini, ezinkundleni zokuxhumana nasezithangami nasemihlanganweni. Ngokuxhumana nemiphakathi ngezilimi zayo zomdabu, imiphakathi izokwazi ukufukuleka, ibambe iqhaza ekuzithuthukiseni.” 

OKUNYE NGAYE:

  • Elinye igama lakhe wuHeniel;
  • Une-BA in Psychology yase-UNISA; 
  • Wake wafundisa eDr CN Phatudi College;
  • Wabhala umdlalo weshashalaiz othi Makgale. Amanoveli awabhalile athi Lenong la Gauta (Inqe Legolide), Dikeledi (Izinyembezi), Rena Magomotša (Thina Madelakufa). Iqoqo lezindatshana alibhalile lithi Bogobe bja Tswiitswii (Iphalishi likaTswiitswii).

Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.mukurukurumedia.co.za

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page