Abatshalimali asingabadidi ngemithetho ebuye iziphikise yona, kuloba uBusi Mavuso

UDABA lobunikazi bempahla lubuye lube yibhola lomnqakiswano losopolitiki eliqhatha abacebile nabantulayo. Ngenkathi siphikisana ngezinto kulula ukuthi sikhohlwe wukubaluleka kweqhaza lamalungelo okuthi izinto zisungulwa kanjani, hhayi ukuthi zabiwa kanjani. 

Cishe akukaze kubaluleke ukudlula lesi sikhathi esiphila kusona manje ukugqugquzela ukuthi kutshalwe imali ezinhlotsheni ezihlukene zempahla ezoguqula futhi ithuthukise umnotho wethu ngezinto ezingacekeli imvelo phansi nezigxile ebuchwephesheni obulungele ikusasa.

Ngenkathi siqhubeka nokuphikisana ngezichibiyelo okumele zenziwe kuMthethosisekelo nasemthethweni okhuluma ngokudliwa kwempahla, singakhohlwa yinto eyodwa ewukuthi abantu abayitshali imali empahleni abangenalo ithemba ukuthi kuyoba ngeyabo ngelinye ilanga. Uma abantu bengayitshali imali, umnotho awukhuli.

Umthethosivivinyo okhuluma ngokudliwa komhlaba, phecelezi i-Expropriation Bill, cishe yiwona ozozwela kakhulu kuzona zonke izichibiyelo ezicatshangwayo. Ukhuluma ngokungaphezu kokubuyiswa komhlaba. Impela into enkulu engikhathazayo wukuthi lo mthethosivivinyo uma ukhuluma ngempahla “awusho umhlaba kuphela”. Loku kusho ukuthi noma yini ingadliwa, imizi, imali ngisho nobunikazi bokuthi into yasungulwa nguwena, i-intellectual property?

Nakuba lo mthethosivivinyo ukhuluma ngemigomo ezolandelwa ukuthi kube nobulungiswa kodwa uma uwumtshalimali ocabanga ukufaka imali kuleli zwe, kukhona okungakwenza ube manqika nokwengeza ubungozi okufanele ubugade.

Asazi izinhlaka zikahulumeni zizowubona kanjani lo mthethosivivinyo nokuthi inkantolo izinquma kanjani. Awusho lutho umthethosivivinyo ngenhlawulo lapho kungenziwa kahle khona noma kuzanywe inkohlakalo ukudla impahla ukuze wonke umuntu avikeleke.

Angiboni ukuthi kusiza ngani ukuchaza impahla ngale ndlela okwenziwe ngayo. Akukusizi ngalutho ukubuyiswa komhlaba, kunalokho kudalela abatshalimali ingozi engenasidingo.

Ngibona kuzoba nomphumela omubi kakhulu uma sikhuluma ngokutshalwa kwemali ezintweni ezincike kakhulu kwi-intellectual property. Ngonyaka odlule umbiko weKhomishana kaMengameli kwi-Fourth Industrial Revolution (i-4IR) ushicilelwe ngokusemthethweni ePhalamende. Uthe: “Njengoba iNingizimu Afrika izama ukuhlanganisa imali yohlelo lwayo lwe-4IR kumele ibhekane nezinselelo zokungaqondakali komthetho, imigomo nokubusa, imizamo kahulumeni nemithetho ye-intellectual property edoba abatshalimali…”

Kodwa futhi siyasiphikisa lesi seluleko ngomthethosivivinywa wokudliwa komhlaba. Siqala umthetho onciphisa amalungelo okuba wumnikazi wempahla, nokuzoxosha abatshalimali.

Uma umuntu efunda lo mthethosivivinywa kuyacaca ukuthi abawubhalile bacabanga ukubuyiswa komhlaba. Loku kungacaci kahle kokuthi kuqondwe ukuthini uma kukhulunywa ngempahla yisinqumo esenziwe nje ngokunganaki. Asikho isibonelo esenziwe nesiveza imibandela lapho kungabe kufanele khona ukuthi kudliwe ubunikazi umuntu abuthola ngokuthi into isungulwe noma iqanjwe nguye noma impahla efana nesabelo enkampanini. Ngakho yenziwelani into ezodida abatshalimali? 

Kunomkhankaso wokuheha abatshalimali ezinkampanini ezisafufusa okhona kanti iNigizimu Afrika iyahlulwa  kuyo. Nakuba umnotho wethu uthuthukile kodwa kuyavela ukuthi siyehluleka ukuheha abatshalimali. Umbiko wePartech Africa ubeke iNingizimu Afrika endaweni yesine ngemva kweNigeria, iKenya ne-Egypt ezwekazini ngokuthola abazoxhasa izinkampani ezisafufusa ezigxile kwezobuchwepheshe ngo-2020 nango-2019.

Nakuba sibona ukuthi umnotho wethu uyaguquka ngenxa yokuthi ubuchwepheshe bushintsha indlela esenza ngayo izinto kodwa kokunye asenzi kube lula kubatshalimali abafisa ukwakha ubuchwepheshe obusha obuzokwenza sikwazi ukuhlale sincintisana nabanye. 

Umnotho wethu uyashintsha kakhulu. Impahla ezobaluleka ngomuso akuyona into ephathekayo njengoba sikhuluma lapha ngezinto ezifana ne-software nenye impahla ethinta ulwazi izinkampani ezitshala imali ukuyakha ngenhloso yokuhlomula kuzo ngelinye ilanga, okungelula ukukuqagula. 

Osomabhizinisi abakha lezi zinto abahlali ndawonye. Amazwe afana noRwanda noKenya abeka imigomo eyenza ukuthi lezi zinkampani zichume, nokuyimizamo yokuqinisekisa ukuthi ngelinye ilanga ne-Afrika iyokwazi ukukhiqiza izinkampani ezifana noGoogle noFacebook.

INingizimu Afrika isikhiqize izinkampani zobuchwepheshe ezisezingeni lomhlaba. Kodwa ukuze loko kuholele ekutheni kwande ukwenza izinto ngendlela entsha kumele kube nemithetho osomabhizinisi abangayithemba ukuthi izovikela ilungelo labo lokuba ngabanikazi bomsebenzi abazinikele ekuwusunguleni. Lo mthetho wokudliwa komhlaba awukwenzi loku.

Njengoba siqhubeka nenkulumompikiswano sikhumbule iseluleko seKhomishana kaMengamelii futhi siqinisekise ukuthi senza izinto ezizoheha abatshalimali futhi zikhuthaze osomabhizinisi ukuthi bakhe izinto esizidingayo. 

Isinqumo seS&P Global Ratings sokungaquli indlela eklelise ngayo iNingizimu Afrika sisizile. Kumqoka ukukhumbula ukuthi lezi zinto ezisivunayo ngezesikhashana. Sidinga ukwenza izinto ezizosiza izwe livune izithelo isikhathi eside bese kuthi okwenza sibe buthaka kulungiseke.

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page