UMengameli uCyril Ramaphosa edlulisa itayitela kubalimi eGroblersdal, eSekhukhune, eLimpopo

Izithombe: yiGCIS

Ziseningi izinselelo ezinqinda ukukhula kwabalimi abamnyama njengokungatholi amatayitela ngesikhathi nokungaxhaswa ngendlela efanele uma sebebuyiselwe umhlaba. USILINDILE NYATHIKAZI uyabika

YIZE umNyango wezoLimo, ukuBuyiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya usubuyisele u-50% womhlaba kahulumeni ukuthi ulinywe kodwa ukwesekwa kwabalimi abasha nokudluliselwa komhlaba ngokuphelele kusazoba yizinto ezisazomhlupha ungqongqoshe walo mnyango. 

UNgqongqoshe uNkk uThoko Didiza usanda kubika ngokwabiwa komhlaba okukhona nemiphakathi ebisebenzisa umhlaba kahulumeni, abalimi izimvume zabo zokuqasha ebeseziphelelwe yisikhathi nabebengakahlinzekwa ngomhlaba; okuwu-50% wabantu besifazane, u-40% wentsha no-6% wabanokukhubazeka.

Ungqongqoshe uthe umnyango wazibekela ukuthi ufisa ukufinyelela kulesi sibalo kanti ngo-Okthoba nyakenye “wacacisa uhlelo okuyilona oluzoqinisekisa amalungelo abesebevele bewusebenzisa umhlaba emva kokuthi kuqalwe ukuphenywa ngawo”.

Uthe kukhona nezinto ebesekunezinyanga zihlupha abalimi nezenze ukuthi babone isidingo sokuguqula indlela abenza izinto ngayo emnyangweni. Ubalule amacala athinta abakwaRakgase, abakwaCloete nabakwaZigana, lapho abalimi abamnyama basatshiswa ngokuxoshwa emapulazini asebenzayo, njengezinye zezinto ezikhathazayo.

UNkk uDidiza ubalule nezinselelo ezithinta amanye amapulazi eRust de Winter okufakwe izicelo zomhlaba wawo, wathembisa ukuthi uhulumeni uzoqinisekisa ukuthi abalimi abanezimvume zokuqasha ezisemthethweni bazokwazi ukuqhubeka nomsebenzi. Uthe uhulumeni uzoqinisekisa ukuthi lapho kubhaliswa khona amatayitela ukuthi izimvume zokuqashisa okulindeleke ukuthi zinikwe abalimi abathile ziyabhaliswa ukuze amabhange nabatshalimali abafisa ukusiza bezokhululeka.

Kodwa nakuba enconywa uhulumeni ngawo wonke lo msebenzi, i-Institute for Poverty, Land and Agrarian Studies (iPLAAS) ithi uhulumeni udinga ukuthi usize ababuyiselwa umhlaba uma seluphothuliwe uhlelo ukuze bezokwazi ukuqhubeka nomsebenzi.

UMnu uNkanyiso Gumede, umcwaningi ePLAAS, uthe: “Isikhathi esiningi abalimi banikezwa umhlaba kodwa bangaxhaswa ukuqinisekisa ukuthi bazokwazi ukuwusebenzisa ngokuphelele umhlaba nokugcina kubanqinda.”

Ngo-Okhtoba nyakenye uNkk uDidiza wathi abahlomula ngomhlaba sebezophoqeka ukuthi baqeqeshwe. Nakuba kunenqwaba yabalimi abamnyama esineminyaka ilima emhlabeni kahulumeni ezweni lonke kodwa lena yokungabi namatayitela isibanqinde kakhulu ukuthi bakwazi ukuboleka imali futhi bakhulise umsebenzi.

UNksz u-Annelize Crosby, inhloko yezomhlaba nomthetho e-Agri SA, uthe: “Ukungabi namakhasimende acacile abazowadayisela umkhiqizo, nokungabi namandla okukwazi ukukhokhela isikweletu nokukwazi ukwengeza eminye imisebenzi eguqula umkhiqizo nakho kuyabanqinda ukuthi bakhule. Amatayitela awabasizi nje abalimi bakhululeke ngokuthi umhlaba bangawusebenzisa kodwa kusho ukuthi bangakwazi ukubambisa ngawo baboleke imali bahehe nabatshalimali.”

UGumede uvumelene naye, wathi: “Kokunye ababuyiselwe umhlaba abakwazi ukwenza izinto ezizobakhulisa ngomuso ngoba amapulazi alokhu engakahulumeni futhi akunasiqiniseko sokuthi imindeni yabo yiyona eyothola umhlaba njengefa uma kuwukuthi okufanele ipulazi libhalwe ngaye uyashona, nokwenza kokunye abahlomulile badembesele ukutshala imali epulazini.”

Ezinye zezinselelo umnyango obhekene nazo owokuthi uyenzenjani imiphakathi ekhetha ukuvele yakhe emhlabeni kunokuthi ilime. Ethula isabelomali somnyango wakhe, uNkk uDidiza ubike ukuthi kunamapulazi awu-116 anomhlaba ongamahekthare awu-127 743 okuhlala imiphakathi kuwona, wathi nomnyango awukafinyeleli ekwabeni u-50% womhlaba isibalo owawuzibekele sona.

Uphenyo olwenziwa ngokubambisana nemiNyango yokuHlaliswa kwaBantu naManzi nowezeMvelo yilona oluzosho ukuthi kumele kwenziwe njani ngale miphakathi.

UmNyango wezoLimo uthi usuphothule ukubuyisa umhlaba okuthinta izicelo ezindala eziwu-240 kodwa awushongo lutho ngamatayitela. 

Usomnotho omkhulu e-Agricultural Business Chamber of South Africa uMnu uWandile Sihlobo uthe: “Kumqoka loko ukuqinisekisa ilungelo lomuntu kulowo mhlaba futhi kuyadingeka ukuze uhehe abatshalimali kwezolimo.”

Engeza ngokubaluleka kokuthi umnyango uphuthumise uphenyo ngomhlaba, uGumede uthe: “Sekuyisikhathi sokuthi umnyango wethule umthethosivivinyo, i-Land Reform Framework Bill, nozosho ukuthi kumele ukushintsha ubunikazi bomhlaba kwenziwe kanjani nokuthi kuzolungiswa kanjani izinto ezingenzeki okwamanje.”

Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.mukurukurumedia.co.za  

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page