Kumvulele ithuba lokusebenza nezinkampani ezinkulu umpheki osebenzise izinkundla zokuxhumana ukufundisa abantu ukupheka ngenkathi kuvalwe izwe. Uxoxe noZANELE MTHETHWA ngokunyelwa yinyoni esandleni
UKUSEBENZA kanzima ngenkathi kuvalwe izwe ngenxa yokubheduka kweCOVID-19, kumvulele amanye amathuba umpheki osemusha.
UMnu Zibusiso Mnikathi, odume ngelikaChef Linda kulo mkhakha, usanda kuchonywa uphaphe ngokuba wumpheki ovelele. Ngenkathi abanye abapheki bebamba beyeka bezama amasu okuvusa amabhizinisi athikanyezwe yiCovid-19, uklonyeliswe ngelinye lamaphephabhuku ngomsebenzi wakhe. Ukleliswe kwiTop 5 Best Male Chefs.
Uthi awukho umlingo awusebenzisile kodwa wukuzikhandla nothando lomsebenzi okwenze ukuthi avelele.
“Bekuyisikhathi esinzima kosomabhizinisi abaningi ngenkathi kuvalwe izwe. Nami ngangikhathazekile ukuthi ngabe ngizophila kanjani uma kuvalwa nemicimbi. Ngisizwe wuNkulunkulu nje ukuthi ngicabange isu lokuziveza kakhulu ezinkundleni zokuxhumana,” kulanda yena.
Exoxa ngamasu amsebenzele kakhulu, uthi ubefundisa abantu ukupheka ezinkundleni zokuxhumana. Loku kumvulele amathuba okushelwa yizinkampani ezinkulu zemikhiqizo yokudla. Ezinye zazo kubalwa iLucky Star nabeMoet & Chandon, abagcine bemxhasa ukuqhubeka nezinhlelo zakhe zokufundisa ukupheka.
UMnikathi, oneminyaka eyisihlanu esebhizinisini lokupheka, uthi ubeqala ngonyaka odlule ukuthola ithuba lokusebenza nezinkampani ezinkulu.
“Ngesikhathi abantu bevaleleke emakhaya, bengibasiza ngokubanikeza amasu okupheka ngemikhiqizo engabizi, okwenze bangithande nabakwaLucky Star,” kusho yena.

Uthi waqala ngokuphekela imishado neminye imicimbi emincane ngaphambi kokuyofundela ukupheka. Ubevele enothando lokupheka, athi kungenxa kayise akhule ebukela kuyena nobelishaya ibhodwe.
Ngemva kokuphothula umatikuletsheni, waswela imali yokuqhubeka nokufunda. Kwaholela ekutheni abambe itoho endaweni yokucwala izinwele. Esethole imali yokufunda, wenze izifundo zokupheka eCapsicum Culinary Studio, enza i-Diploma kwiFood Preparation and Cooking. Ubuye wengeza ngesitifiketi kwi-Hospitality Management saseRosen College of Hospitality. Engakaliqali ibhizinisi lakhe lokupheka, usebenze ezindaweni zokudla ezimbalwa.
UMnikathi, okhulele eNewcastle KwaZulu-Natali, uke waba wumpheki e-Old Town Italy, waba yimenenja yekhishi e-Oscars Café, wabuye waba yi-head chef eRemo’s Originale.
“Kudingeka uthando nentshisekelo kuleli bhizinisi ngoba sebebaningi abalenzayo. Indlela engangikuthanda ngayo ukupheka, bengithenga amaphephabhuku ngijahe ukubona amakhasi anezidlo,” kukhumbula yena.
Uthe ubevele enamakilasi okufundisa ukupheka, okwenze ukuthi awaqhube ezinkundleni zokuxhumana sekuvalwe izwe. Unendawo yokupheka kubo, lapho amakhasimende akhe ethenga khona.
Okunye okumenze avelele wukuthi ubengakwazi ukubhaka amakhekhe, athi uzifundise khona ngesikhathi kuvalwe izwe.
“Yize ngafundela ukupheka kodwa bengingekho muhle ekubhakeni. Kudingeke ngizicije ngokushesha ngenxa yengcindezi. Bengizama zonke izindlela ezizongingenisela imali ngesikhathi kuvalwe imicimbi. Ngithole ama-oda amakhekhe ebantwini abebenza imicimbi emincane emakhaya,” kusho yena.
Isifiso sakhe wukuba nesikole sokufundisa ukupheka. Usezinhlelweni zokuvula indawo yakhe yokudla, akhiphe nencwadi yokupheka.
Instagram: @cheflindamnikathi