UMnu uSihle Magubane, umsunguli weSihle’s Brew yaseGoli, eGauteng, eyenza ikhofi

Izithombe: Zithunyelwe

Uwumuntu wokuqala omnyama onekhofi lakhe kanti usengenise ngamandla ezitolo zokudla ezweni lonke. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

WAQALA evubela ikhofi esebenzela enye yezinkampani ezihamba phambili ekukhiqizeni ikhofi kanti manje usenekhofi elithi yena. UMnu uSihle Magubane usizwe wukubekezela ngenkathi elinde izinto ukuthi zihlangane njengoba esenekhofi lakhe iSihle’s Brew, nokuyikhofi lokuqala lomuntu omnyama eNingizimu Afrika.

Le nkampani iqashe abantu abawu-18 kanti kukhona abanye abathathu abazoqashwa maduze. UMagubane, odabuka eNkandla, KwaZulu-Natali, uqale ibhizinisi lakhe ngo-2012 kanti manje unezitolo ezimbili zekhofi, iBarista Lovers eNorthriding naseWoodmead, eGoli, eGauteng.

UMagubane udayisela nezitolo ezinkulu ezinjengoSPAR noFood Lover’s Market. Uyazikhiqizela ikhofi esebenzisa izithako azithenga eCentral America, e-Ethiopia, eKenya, eTanzania, eGuatemala naseBrazil. Ngalezi zithako uhlanganisa izihlobo ezinhlanu zekhofi lohlobo lwe-arabica.

UMagubane ezibambele mathupha

UMagubane utshele iVutivi News ukuthi uqale kule mboni ngo-2003 eqashiwe eThekwini. 

“Ngesikhathi ngisebenza njenge-barista ezitolo ezihlukene, ngaqeqeshwa nguRoberto Monterrage, nowangifundisa yonke into engiyaziyo ngekhofi.

“Ngasebenza njenge-product specialist yekhofi embonini ye-retail ngaphambi kokuya eCiro Coffee. Ngenze nezifundo eziningi ngemboni yekhofi, ngathola izitifiketi,” kusho yena. 

Izinhlobo zekhofi laseSihle’s Brew

UMagubane uthi ngenkathi esebona ukuthi usehlome ngolwazi nangesipiliyoni esanele, unqume ukusungula ibhizinisi lakhe.

“Ngivule i-coffee shop yami yokuqala eNorthriding, kwathi ngo-2018 ngaxhaswa ngemali yokuthenga umshini wokukhiqiza yiSmall Enterprise Development Agency, nokungisizile ukuthi ngikwazi ukungena embonini ye-retail. Njengamanje sidayisela izitolo zakwaFood Lover’s Market eziwu-32 neziyisikhombisa zaseSPAR ezweni lonke. Sisanda kuthola inkontileka yokukhiqizela uPick n Pay ikhofi azolisebenzisa njengengxenye yemikhiqizo yawo i-No-name Brand nokuthi sidayise ikhofi lethu ezitolo zawo.” 

Enye yama-coffee shop aseSihle’s Brew

UMagubane uthi ukungena embonini ye-retail ukuze ukwazi ukudayisela izitolo ezinkulu zokudla kudinga isineke nokuphokophela. 

“Kusithathe iminyaka emithathu ukuthola inkontileka yakwaPick n Pay neminyaka emine ukuthola inkontileka yaseFood Lover’s Market. Ukuthola eyaseSPAR kube lula ngoba banabantu abanqumayo ukuthi bayayithenga yini imikhiqizo yabo, ama-buyer yonke indawo,” kusho yena.

Ukholwa wukuthi ukuhlonipha imigomo yemboni yikhona okumsizile. 

Uthi: “Ukuhlonipha nokugcina yonke imigomo elindelekile kulisizile ibhizinisi. Nakuba kungithathe isikhathi kodwa kungisizile ngoba kungivulele iminyango. Ngifunde nesineke, ikakhulukazi ngesikhathi ngizama ukuncintisana ezitolo zokudla. Akulula ukuncintisana namakhofi amakhulu futhi aziwayo futhi ngaphandle kokuzikhandla, ngeke uphumeleliswe wukholo kuphela.”

Uthi indlela asebephumelele ngayo kunezinkampani eziningi esezike zacela ukubathenga kodwa wanqaba.

“Imali ababeyibeka etafuleni yayiyinhle kodwa ngazibuza ukuthi ngifuna imali noma ukwakha inkampani ezohlale yondla umndeni wami. Nginqume ukuqinisa ukholo lwami futhi ngiphokophele. Uma ngihluleka, ngiyohluleka ngizamile,” kusho uMagubane. 

Instagram: Sihlesbrew_coffee

Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page