UMnu uMcMillan Masoka, umsunguli weBasani Cleaners, ehlanza izakhiwo

Izithombe: Zithunyelwe

Uwise amabhizinisi amathathu kodwa akangaphela amandla njengoba kuhamba kahle kwelesine. Manje usenabela eezweni lonke. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KUSUKELA ngo-2006 kuze kube wu-2016 uvule futhi wawisa amabhizinisi amathathu. Emva kokuwa kwelesithathu, kwavaleka nenhlanhla yokuthola umsebenzi ebiyaye imtakule ngezinye izikhathi uma esewise ibhizinisi.

Ukuhluleka ukuthola umsebenzi, kwaphoqa ukuthi ayocela indawo yokuhlala kumzala wakhe ngoba engasenasenti ngisho elimnyama.

Konke lokhu sekuwumlando namhlanje kuMnu uMcMillan Masoka, umsunguli nesikhulu esiphezulu seBasani Cleaners, inkampani esineminyaka emine ingenisile embonini yokuhlanza amabhilidi, imizi nefenisha.

IBasani inamakhasimende ayizinkampani ezinkulu, okukhona kuzona nehhotela nosaziwayo abanjengoDJ Zinhle nomethuli wezemidlalo, uCarol Tshabalala.

UMasoka, oneminyaka ewu-39, usungule iBasani ngo-2017 esizwa wumkakhe owaboleka imali ebhange yokuthi baliqale. Ngaleso sikhathi wayeseneminyaka emithathu athola umsebenzi kwelinye lamabhange futhi esefunde nangohlelo lwalo lokucija abasafufusa, i-graduate programme.

Waphinde waziqhuba eWits Business School, lapho athola khona i-Higher Certificate in Entrepreneurship. UMasoka uthi ukuwisa amabhizinisi nokufunda ngezinye zezinto ezimsizile ukukhulisa iBasani.

“La mabhizinisi amanye ngangiwavula ngingalwenzanga ucwaningo kanti kumqoka ukwenza ucwaningo ngaphambi kokuvula ibhizinisi. Imfundo nayo imqoka ngoba kunendlela ekwenza ucabange ngayo.

“Okunye nje wukuthi bekungeke kulunge ukuthi ngingaphumeleli kuloku ngoba senginezingane,” kusho yena.

Ibhizinisi lokuqala alizama kwaba yindawo yokucwala izinwele, nathi lawa cishe emva konyaka. Wayeliqale ngemali ayephume nayo emsebenzini ayewenza e-call centre.

Wathola umsebenzi eMultichoice, nokwathi emva kwesikhashana wayeka nakhona, wasungula ishisanyama kodwa yasheshe yawa nayo.

Emva kwayo wathola umsebenzi eDHL. Emva kwesikhashana wayeka, wasungula indawo yokudla iMogudu Mondays, nakhona kwabheda uhlelo. 

Yilapha-ke engabange esawuthola umsebenzi, wake wayohlala nasePolokwane lapho kudabuka khona umkakhe. 

“Kunzima ukuzisebenza kodwa uma kuyinto esegazini kuwena futhi uyilolu hlobo lukasomabhizinisi elingathembele ekutheni lazana nosopolitiki, uyawa uphinde uvuke ubuyele khona. Kwakuthi uma sengiwutholile umsebenzi kuhamba kahle emsebenzini kodwa umoya wami wawungavumi ukuthi ngihlale nje kube yiloko engikwamukelayo,” kulanda uMasoka.

UMasoka, ozalelwe eBrits, eNorth West, uthi kwasebuncaneni bakhe wayekuthanda ukuzisebenza njengoba ethi wayedayisa iziphuzo erenki yamatekisi. Yena nezingane zakubo ezintathu bakhule bebona unina ongasekho eziphilisa ngokuzisebenza.

IBasani manje iqashe abantu abawu-18 abasebenza ngokugcwele nabawu-15 abayitoho. Le nkampani ezinze eGauteng isanda kuvula elinye igatsha eThekwini, KwaZulu-Natali. Inezinhlelo zokuvula elinye eKapa.

Ithimba laseBasani Cleaners

UMasoka akagcini nje ngokuba wusomabhizinisi kodwa uwumlingisi ne-executive producer yezinye zezinhlelo ezizosakazwa kuSABC 1 maduzane. 

IBasani isanda kuthenga ilungelo lokuba nesitolo seMoja Chicken, nethi ngenye yezindlela ezama ukukhula ngazo. Sebethenge nepulazi umndeni wakhe ozokwakha kulona. 

“Yonke into esiyenzayo sibuyisela ebhizinisini, sikhulise lona. Ngiyajabula ukuthi impumelelo ngiyizuze ngesikhathi eyenzeke ngaso ngoba sengikhulile ngokomqondo. Ukube ngasheshe ngayithola, ngangingeke ngiyisebenzise kahle kanje imali,” kusho yena.

Babambisene nomkakhe ebhizinisini kanti kukhona nomunye umlingani wesifazane abasebenzisana naye eThekwini. Nokho umkakhe usaqhubeka nokusebenza lapho eqashwe khona.

Uthi ukukhula kwebhizinisi kunezinselelo zakho njengengcindezi ebuye ibe khona yokukhokhela wonke umuntu ngesikhathi uma kwenzekile kwanekhasimende elingakhokhile ngesikhathi.

“Kukhona namakhasimende ajwayele ukukhuluma nami ngqo, nokungelula ukukwenza njalo njengoba inkampani isinkulu ngoba kunemihlangano futhi kunabantu engibacathulisayo,” kusho uMasoka.

Uthi eminyakeni eyisithupha ezayo uzozinikela ngakho konke ebhizinisini nokukhulikhulisa ngoba ufisa ukuthatha umhlalaphansi uma eseneminyaka engu-45, agxile ekukhuliseni abantwana bakhe abahlanu. 

Instagram: @basanicleaners

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhiznisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page