UNkk uLindiwe Khuzwayo, iNhloko yezokuXhumana kuMasipala waseThekwini

Isithombe: Sithunyelwe

Usesebenze ezimbonini ezihlukene kanti konke lapho edlule khona siyabonakala isandla sakhe. Manje la magalelo adume ngawo sekubhekwe ukuthi awasebenzise ukulekelela uMasipala waseThekwini uxhumane kangcono nezakhamuzi. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

UMHOLI ukwazi ukuzuza izinto ezinhle nezinkulu uma enobudlelwano obuhle nabambisene nabo ngoba akuyena ngqo owenza umsebenzi kodwa yilabo abasuke bengaphansi kwakhe. Ngakho kumqoka ukuba nobudlelwano obuhle nobaholayo, ukwazi abakulindele kuwena futhi ukuhloniphe kanti nezwi lakho ulisebenzise. 

Yilesi sifundo esikhulu ngobuholi esibusa uNkk uLindiwe Khuzwayo, osanda kuqokwa wayiNhloko yezokuXhumana kuMasipala waseThekwini.

Uthi okunye okumqoka ngomholi wukuba ngumuntu othembekile, oyifezayo into ayithembisile ukuze abantu bezokwethemba nokuphatha abantu ngendlela efanayo; kungabi bikho owenzelelayo kubona.

“Ngikholwa wukuthi ukuhlonipha umsebenzi kwenza izinto zibe lula. Noma usebenzela uhulumeni, kufanele uwuhloniphe umsebenzi,” kusho yena.

Nakuba zikhona izinto azibonayo ukuthi zizodinga ukushintshwa endleleni uMasipala waseThekwini oxhumana ngayo nezakhamuzi kodwa okwamanje usalandela le nkolelo yakhe yokuthi akaqale akhe ubudlelwano obuhle nasebenza nabo ngoba ngokwenza njalo uzobe esekhathule indima enkulu.

UNkk uKhuzwayo wumholi omnkantshubomvu oqhamuka embonini kawoyela njengoba ebesesebenze eSapref iminyaka ewu-13. Wayefike khona eqashwe njenge-sustainability manager, kwathi emva konyaka efikile kwengezwa umsebenzi wokufukula osomabhizinisi abamnyama bathole amathuba kule nkampani futhi kuthuthukiswe amakhono. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi wagcina sekunguye ujikelele ephethe uphiko lakwandabazabantu.

Uphiko lwezokuxhumana belungaphansi kwakhe njengoba nemenenja ebiphethe ezokuxhumana ibingaphansi kwakhe.

Uthi umsebenzi awenze kule nkampani, ikakhulukazi lona oqondene nokufukula osomabhizinisi abantu abamnyama nendlela iSapref ekhulise ngayo uhlelo lwayo lwemifundaze, yizinto aziqhenya ngazo.

“Sikhulise amabhizinisi abantu abamnyama, abantu obekungeke kube lula ukuthi bathole amathuba e-refinery. Uhlelo lomfundaze belufana nento yami ngoba nami ngafunda ngomfundaze. Kunezinto esizengizile kulona ngoba besifuna abafundi abawutholayo umfundaze bazikhathaze ngezifundo zabo kuphela, hhayi okunye,” kulanda uNkk uKhuzwayo.

Ngaphambi kwaloku wayekade ephethe ezokuxhumana e-Absa KwaZulu-Natali, nayefike khona emva kokuba nenkampani yakhe yezokuxhumana. Wasungula inkampani emva kokudunwa imoto kade eshiya indodana yakhe esikoleni. 

Wanquma ukuzisebenza njengenye yezindlela yokuzelapha yena nendodana yakhe, athi kwakuyisiza ukuthi imfice ekhaya uma ibuya esikoleni. Kukhona nokunye lesi sikhathi sokuzisebenza okwamfundisa kona.

“Into enkulu okwangifundisa yona wukungakusabi (ukungaqashwa),” kusho yena. 

Nakuba eseqhamuka embonini ezimele kodwa akakuqabuki ukusebenzela uhulumeni. Eqala ukuphatha abantu, wayesebenza emNyangweni wezeMpilo KwaZulu-Natali, lapho ayephethe ezokuxhumana khona.

“Hhayi, inkonyane yayithuka isisinga laphaya. Ngangiqala ukuphatha abantu, umsebenzi osemehlweni abantu, ukusebenza nabezindaba, osopolitiki… Ngafunda lukhulu. Ngiyaye ngisho ngithi angive ngibadabukela engaqala ngabo ukuphatha abantu… kodwa kwakungabantu abakhulile, okwakusebenzeka kahle nabo.”

UNkk uKhuzwayo, ozalwa ePort Shepstone, ogwini oluseNingizimu yeKwaZulu-Natali, ukhule azi ukuthi ufisa ukusebenza embonini yabezindaba nokuxhumana ngoba uyakuthanda ukubhala nokufunda.

Emva kokuba wuthisha wathola ithuba lokuqala lokungena kule mboni ayithandayo. Waqashwa waba ngomunye wabahluzi bezindaba e-Independent Newspapers (esiyi-Independent Media SA) lapho esebenze khona emaphephandabeni i-Daily News, i-Independent on Saturday neSolezwe.

Ehamba eSapref ubenolunye uhlelo futhi azi ukuthi noma yini azoyenza akuzwa egazini njengomsebenzi wezokuxhumana. Yingakho kuthe uma kuqhamuka ithuba lokuza kuMasipala waseThekwini, wavumela phezulu ngoba ebona ukuthi wumsebenzi angawujabulela.

“Ngimdala kabi ukuthi ngingenza umsebenzi engingawuthandi. Uma usemncane, wenza noma yini eqhamukayo ngoba usemncane, usanda kuthenga umuzi, abantwana basafunda, unezikweletu. Kodwa ngikholwa wukuthi uma sesineminyaka eko-50 kumele ukwazi ukukhetha into oyithathayo. Uma uzihlele kahle izinto zakho kumele ukwazi ukuthi ‘cha, cha ngeke ngikwenze lokhuya… loku kubukeka kumnandi’. Yingakho ngilana ngoba umsebenzi wokuphatha ezokuxhumana kuMasipala weTheku yinselelo emnandi kimina futhi ngiyazithanda ezokuxhumana ngoba yiyona nto engiyaziyo.

“Enye into yinselelo yokuba wumholi emnandi kimina ngoba angikaze ngihole ithimba elikhulu kangaka. Ngizofunda njengomholi, yinselelo emnandi kimina. Ngifisa ukubona ukuthi yini engizokwazi ukuyenza nokuyizuza. Ngizosebenzisa isipiliyoni sami embonini ezimele nekahulumeni.”

Uthi unethemba lokuthi uzolekelela uMasipala waseThekwini uxhumane kangcono nomphakathi, ukwazi ukuchaza izinqumo ozenzayo ukuthi uzenza kanjani nokuthi lapho intuthuko ibambezelekile khona kudalwa yini. 

Uthi ufisa wonke umuntu azi ukuthi kumele ashone kuphi uma ufuna usizo lukamasipala.

“Yizinto ezincane ezisenza sibukeke njengohulumeni ongenandaba,” kusho yena.

Yize esezuze zonke lezi zinto futhi waphatha zonke lezi zikhundla kodwa uthi naye uke wahlushwa yisifo esiphatha abesifazane kakhulu – ukungazethembi nokungakholwa ukuthi umsebenzi uwenza kahle, phecelezi i-imposter syndrome. Kodwa uthi usagcina ebonile ukuthi umsebenzi uwenza kangcono kunakucabangayo.

Uthi akulula ukwenza zonke izinto kukhona nemisebenzi yasekhaya ekubhekile kodwa kuyasiza ukuba nabantu abakwesekayo.

OKUNYE NGAYE:  

  • UwuMaNgcobo. Benomyeni wakhe banabantwana ababili;  
  • Bayisishiyagalombili kubo; 
  • Uneziqu ze-BA, i-Higher Diploma in Education ne-BA Honours in Media and Communication zase-University of Natal (eseyi-UKZN), une-B Tech in Management yaseDUT, une-Post-graduate Diploma in Leadership Studies yaseStellenbosch University; 
  • Ukhonze ukunikela emphakathini;
  • Ukhonze ukupheka kanti ukudla akhipha ngako unyawo yidombolo ne-oxtail;
  • Uwumlandeli wokuqina we-Orlando Pirates.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page