Izimpawu zokubona baku‘shayile’ online, kuloba uZama Simelane
EMASONTWENI amabili edlule sinabe ngemizamo namasu okuphepha online kodwa-ke njengoba kuhlale kushiwo ukuthi ayikho into eyimfihlo online, kuyiqiniso ukuthi ngeke uthembele kuphela ekuvikelweni yi-anti-virus software ngoba nakuyona iphutha liyenzeka kanti futhi izigilamkhuba ze-internet ziyakwazi ukuyidida ngokuqhamuka namasu amasha okugadla angakavinjwa kwi-software yokuvika ingozi. Ngakho-ke usengangena engozini esizwe ngayo ezingosini ezedlule.
Ebantwini bezobuchwepheshe abanjengami, kungaba lula ukubona uma uzo“shaywa” ngesikhashana kodwa wazi kanjani uma enye yama-account yakho ishayiwe noma isengozini yokushaywa? Ngezansi nazi ezinye zezimpawu ongazibheka uma usola ukuthi “udatshuliwe”.
Uthola umyalezo we-ransomware
Esikhaleni kuvela i-screen esikutshela ukuthi yonke idatha ine-encryption (noma i-coded) ngakho kudingeka inkokhelo ukuze ivuleke. Amabhizinisi amancane namakhulu, izibhedlela, iziteshi zamaphoyisa namadolobha imbala ake ame nse emiswa yi-ransomware kanti uhhafu wabo uyayikhokha le “nhlawulo”. Noma kunjalo ukukhokha akusona isiqiniseko sokuthi izinto zizosebenza kahle.
Uthola umyalezo we-antivirus owumbombayi
Kuvela umyalezo ozishaya sa-antivirus, uthi uthole ama-virus amaningi kwi-computer yakho. Loku kwenzeka uma ivele isengozini kodwa-ke akuhlale kunjalo.
Unama-toolbar amaningi angadingeki
Ukuba nama-toolbar amasha amaningi okwenza abukeke ewusizo kuwuphawu lwengozi.
Ama-internet search aya kwenye indawo
Izimpisi ziyakhokhelwa ngokwenza ukuthi ama-click akho avele kwi-website yomunye umuntu, aphila ngokuyisa i-browser lapho ungaqondile khona. Loku kwenzeka ngendlela ehleleke kakhulu kanti akubonakali kumuntu onganakile, ngakho kudingeka ube neso elibukhali ukuze ukubone.
Uvama ukubona ama-pop-up esikhaleni
Loku kufana nokungqongqozelwa emnyango obhalwe ukuthi “Do Not Disturb”, ngenye yezinto ezinesicefe. Uma ubona ama-browser pop-up kuma-website angajwayele ukuba nawo, kusho ukuthi i-computer yakho izulelwa ngamanqe.
Abangani bakho nabakini bathola izimemo zakho ezinkundleni zokuxhumana ongazange uzithumele
Imvamisa uma i-hacker isingene kwi-account yakho ezinkundleni zokuxhumana ivele yenze i-account entsha efana (ngokubukeka) ne-account endala bese ithumela izimemo ebantwini ovele uxhumene nabo ezinkundleni zokuxhumana. Uma kungenjalo, kubonakala nge-hacker isithinta abangani bakho ibacela izinto ongeke uzicele kodwa loku ikwenza ngezindlela ezikholakalayo. Uze wazi ngoba kukhona umngani wakho othukayo bese ekwazisa ngaloku.
I-password yakho ayisebenzi
Uma unesiqiniseko sokuthi uyibhale kahle i-password kodwa ingasebenzi, kusho ukuthi “ushayiwe”. Loku kuvame ukwenzeka uma kunguwena ophendule i-email evela kubantu obasebenzisayo noma othenga kubona.
Esikhaleni uthola ama-software installation
Ama-software installation ongawadingi nenzeka esikhaleni kwi-computer yakho awuphawu lokuthi ugqekezelwe. Azifaka wona njenge-software yangempela kodwa ngenye indlela, ngakho funda izivumelwano zelayisensi kunoma iyiphi i-software oyifakayo.
I-mouse yakho iyazihambela ikhethe izinto ongazikhethanga
Kujwayelekile ukuthi ama-mouse azintantele ngenxa yezinkinga. Kodwa usuke ushayiswe uma i-mouse yakho izikhethela umathanda bese uyakhetheka.
I-Antimalware, iTask Manager noma iRegistry Editor ayisebenzi
Uma uqaphela ukuthi i-antivirus yakho ayisebenzi, ekubeni wazi ukuthi akwenziwanga uwena kusho ukuthi i-computer yakho isengozini, ikakhulukazi uma iTask Manager noma iRegistry Editor yakho ingavumi noma anyamalala ngemva kwemizuzwana uwavulile.
Ubona kuphume imali ongakwenzanga
Kuphuma imali ongayazi kwi-account yakho. Enye imali ephumayo ngeke inakeke kanti kokunye kuphuma imali enkulu; imali ongeke uyisebenzise noma kube yizindodla eziya emabhange aphesheya.
Kuputshuka imininingwane eyimfihlo
Imvamisa izinhlangano ezinkulu (njengamabhange, izibhedlela nezinye) esizisebenzisayo ezinemininingwane ngathi zihlaselwa yizimpisi ze-internet, uzwe kuthiwa kuputshuke imininingwane eyimfihlo eningi yaputshukela ezandleni zamaqola. Loku kuvame ukuzwakala ezindabeni. Ngenxa yokuthi lapha kusuke kuthinteka ama-account amaningi ungaba nenhlanhla usinde amaqola engakafinyeleli kweyakho, lezo zinhlangano sezithathe izinyathelo zokukuvikela.
Lezi yizimpawu zokuthi uhlale uqaphile, kuthi uma kukhona okubonayo usukume ngokunika i-hacker imvume noma uvike uma usushayekile. Ngokuzayo sizobheka ukuthi wenzenjani uma i-account noma i-computer yakho igqekeziwe.
- UNksz uSimelane uwungoti wezobuchwepheshe nomunye wabaqondisi eVuyoM
Facebook: EZamangwane Ziphelele