Usenamabhizinisi ehlukene okhule ethanda impilo ewubukhazikhazi nosekumenze wakwazi ukushintsha impilo yakubo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UKHULE ephupha ngempilo ewubukhazikhazi ayeyibona kuthelevishini nasemabhukwini ayewafunda komunye womakhelwane bakubo ngoba wayefisa ukushintsha isimo sakubo. Nakuba babemhleka uma exoxa ngaleli phupho kodwa ukubambelela kulo kugcine kumenze usomabhizinisi.

Ukukhula kwebhizinisi lakhe lokudla sekwenze wathuthela ekhishini elikhulu emva konyaka esebenzela kwakhe. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

AKUJWAYELEKILE ukuthi ubaba wekhaya kube wuyena ocabangela owakwakhe ukuthi avule ibhizinisi ngento ayithandayo njengokupheka. Kwenzeka kanjalo kubanikazi bebhizinisi lokupheka iHomecooked esizakhele igama KwaMashu, eThekwini, KwaZulu-Natali.

Usungule isikole esifundisa ngokumodela ofuna ukukhuthaza abantu ukuthi bathande imizimba yabo. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

ABAFUNDI abaningi abasezikhungweni zemfundo ephakeme bahlale bematasa nezifundo zabo futhi balungiselela nezivivinyo. Kodwa kukhona umfundi ohlukile kontanga yakhe. Usheba izifundo nokukhulisa ibhizinisi, okuyisikole esifundisa ukumodela.

Uvala igebe embonini yezimali ogxile enkampanini elekelela osomabhizinisi abaphila ngamathenda kahulumeni ukuthi bangawi. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KWAKUMKHATHAZA ukuzwa inzalo emba eqolo abantu abayikhokhiswa ngomashonisa. Okunye obekumphatha kabi wukuwa kwamabhizinisi abantu abamnyama abathembele kakhulu ekutholeni umsebenzi kuhulumeni ngenxa yokungakhokhelwa ngesikhathi noma ngenxa yokuthi uma sebekhokhelwe imali eningi igcina iphelele komashonisa.

Inkolelo yokuthi abantu kufanele badle zikhathi zonke futhi badle okuhambisana nesikhathi esithile kwenze wasungula ibhizinisi lokudla. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

“NSUKU ZONKE abantu kumele badle, kungaba yisekuseni, yisemini noma ebusuku. Zonke izinsuku nangazo zonke izimpelasonto, umuntu egubha into ethile kungaba wusuku lokuzalwa noma okuthile akuzuzile, konke lokho kudinga ukudla, ikhekhe nesiphuzo esizohambisana nakho.”

Uhlangane nezimonyo ngendlela, wazifundisa ngazo, lwakhula uthando oseluzale ibhizinisi lemikhiqiziso esidayiswa nakwamanye amazwe. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

UMUNTU nomuntu ube nephupho kodwa ubizo lwakhe ngeke alubalekele. Kube njalo nakumphaquli wobuso futhi onebhizinisi lezimonyo waseMlaza, eThekwini. Wafundela omunye umkhakha ukufeza iphupho lakhe kepha namuhla usengene shi emkhakheni ohlukile kunalowo awufundela esikoleni.

Usizi losomabhizinisi abancane, indlala, ububha nokuntuleka kwemisebenzi kusazothi bhe eNingizimu Afrika. USLINDILE KHANYILE noSIMANGALISO NTSHANGASE bayabika

KUSENZIMA nokuchaza kahle ngobukhulu bomonakalo owenzeke kugqekezwa isakhiwo sebhizinisi labo lokuhlanza amanzi bese bewakhiqiza esewuhlobo lwe-still ne-alkaline kuMnu uMondli Xaba waseRichards Bay, eNyakatho yeKwaZulu-Natali.

Owaqala ezithungela izingubo ngoba engenayo imali yokuzithengela umswenko usethunga imisiko edle ngokukhanga nokuhluka. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

UBUHLUNGU bokungakwazi ukuthenga ingubo entsha yokuya emcimbini yinto abanye abantu besifazane abake babuzwe. Kokunye basuke bengenamali yokuthenga kanti kwenye inkathi wukuthi izimpahla ezikhona aziwufanele umcimbi abamenywe kuyona.

INYANGA yentsha siyisonga ngomuntu omusha osanda kusungula ibhizinisi lamakhekhe elihlukile njengoba lihambisana nezipho. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ULULEKWE wuyise ukuthi akangapholisi maseko ngokuqala ibhizinisi ngoba usezibonile ukuthi unothando lwalo. Le ntokazi isilandelile lesi seluleko njengoba isinenkampani ethi yona nakuba ineminyaka ewu-17.

Bahlanganiswe wubungani, nokuthe uma kufika umqondo webhizinisi banquma ukulisebenza ndawonye. Manje basezinhlelweni zokuvula amagatsha ezweni lonke. Omunye wabo uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

UBUNGANI babo nothando lwezinto ezifanayo yikona okwenze ukuthi izinsizwa zaseThekwini zisungule ibhizinisi lokuwasha nokunakekela amateku nezicathulo elikhula ngamandla.

Ukubalekela ukubhuquza ekhaya ngenkathi esafuna umsebenzi kwamenza wachitha isizungu ngokubhaka. Umndeni nabangani bameluleka ukuthi aqale ibhizinisi lokubhaka. Manje lisimama wena owabona inhlama ikhukhumala. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UQALE ukubhaka ngoba echitha isizungu emva kokungawutholi umsebenzi eseqede ukuqeqeshwa. Wayenzela umndeni nabangani bakhe nobekuthi uma bemncoma bavele bamkhuthaze ukuthi akawadayise amakhekhe ngoba ehla esiphundu.

Uwumuntu wokuqala omnyama onekhofi lakhe kanti usengenise ngamandla ezitolo zokudla ezweni lonke. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

WAQALA evubela ikhofi esebenzela enye yezinkampani ezihamba phambili ekukhiqizeni ikhofi kanti manje usenekhofi elithi yena. UMnu uSihle Magubane usizwe wukubekezela ngenkathi elinde izinto ukuthi zihlangane njengoba esenekhofi lakhe iSihle’s Brew, nokuyikhofi lokuqala lomuntu omnyama eNingizimu Afrika.

Wenza ezibukwayo onebhizinisi lobuciko bokuphaphamisa izakhiwo. Wafundela lo mkhakha engaqondile kanti uzothola ukuthi uyawuthanda. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

WAYEFISA ukufundela ukudweba amapulani ezindlu kodwa kwaba nezimo zempilo ezingavumanga nokwagcina ngokuthi abhalisele i-interior design ngoba ethi ufuna into ethi ayicishe isondelana naleli phupho lakhe.

Ukusukumela ukunciphisa isisindo somzimba kumvulele iminyango esikhiqize inqwaba yamabhizinisi emikhakheni ehlukene. Umsunguli weMabliza Lifestyle uxoxe noSLINDILE KHANYILE

EKHULA wayazi ukuthi unesifiso sokujimisa abantu noma ayengaqondi kahle ukuthi wumsebenzi owenziwa kanjani futhi ofundelwa kuphi. Kodwa wathi uma eyibika indaba kunina akangayizwa kahle wase ekhetha omunye umkhakha.

Bangabafana bandawonye, bagabe ngeziqu zemikhakha ehlukene namakhono ehlukene. Bazithela ethubeni lebhizinisi lokukhiqiza amalahle angambiwa phansi. ULANGA KHANYILE uxoxe noyedwa

INDABA yaqala ngemva kokuthi abafana bandawonye beyoshaywa wumoya. Kulelo holidi labo ngo-2016 ithuba lokuqala ibhizinisi laziveza. Namuhla ibhizinisi selihlangene wena owabona sekuhlangana amalahle omlilo.

Uthando lokwenza imisiko nokuthunga lwayingena isafunda isikole intokazi. Nokho enyuvesi izishiye phakathi izifundo zokuthunga, yaqala ezomunye umkhakha ngeposi. Ixoxe noLANGA KHANYILE

INTO ayiqale esikoleni kwaGrade 8 ukuchitha isizungu, useziphilisa ngayo. Kanti uza kabi. Usethungela abantu imisiko abafika nayo, ayidwebile kanti umsebenzi ususimeme kangangokuthi usethunga imifaniswano yesikole.

Osomabhizinisi baseNingizimu Afrika abake bahlala phesheya babone isidingo sokusungula uhlelo lokusiza abasikingqephu abasafufusa. UZANELE MTHETHWA uxoxe nabo

IBHIZINISI lemfashini lingelinye elibhekene nezingqinamba ngenxa yezinga eliphezulu lokuncintisana nokungasekwa kwabasikingqephu baNingizimu Afrika.

Uthando lokupheka, ukuba yisiphekepheke nesizungu esibangwe wumgonqo kumholele ekusunguleni ibhizinisi lokwenza ujamu owehla esiphundu. Umnikazi walo uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UKUFUNA into ehlukile angachitha ngayo isizungu ngesikhathi sikathaqa kumzalele ibhizinisi elikhula ngamandla.

UNksz uPhumelele Myeza, umsunguli wePure Elegance @Home usehlale ematasa ediliva izinhlobo zikajamu awenza ekhaya amakhasimende akhe angawuvali umlomo ngawo.

Ukubalekela ubungozi bokutheleleka nge-coronavirus nokunqena isiminyaminya endaweni yokuwasha imoto akusho ukuthi hlala nemoto exathukayo. Sekune-car wash yezinsizwa ezincane eza kuwena ekhaya, kuloba uSLINDILE KHANYILE

UKUWA kwenye wukuvuka kwenye. Sisho njalo isiZulu. Kunenqwaba yosomabhizinisi abakhalayo ngenxa yokuqubuka kweCovid-19 ngoba kuholele ekuweni kwamabhizinisi abo kodwa kukhona abahleka bodwa ngenxa yeminyango evulekile.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page