Uthando lwamabhizinisi lwenze waqala iwayini noshokoledi okuthi yena. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UCHAZE uthando analo ngewayini njengesikhali asisebenzisele ukunqoba zonke izithiyo ebezenza ukuthi angakwazi ukungena kwezamabhizinisi.
UNksz uPuleng Sekekete, onenkampani ekhiqiza iwayini iDinako Wines, ayisungule ngo-2019, yaqala ukusebenza ngonyaka odlule.
Uthi akagcini ngeDinako Wines kuphela. Kuthe ngemva kokuyisungula waqala ukusebenzisana noMnu uNyakallo Mokoena, umphathi weMcofana Coffee Shop, abambisane naye ukusungula iDintle Chocolate, ibhizinisi labo likashokoledi.
“Kwakunzima ukuthola uhlobo lwemboni yewayini eyayikhiqiza iwayini lami, kodwa kuthe ngokuqhubeka kwesikhathi ngaqala ukusebenza kwenye imboni yewayini eNtshonalanga Kapa okuyiyona ekhiqiza leli elami,” kuchaza uNksz uSekekete, waseGoli.
Uthe ushokoledi wabo uhlukaniswe izinhlobo ezintathu, okuyi-Milk Chocolate, i-Salted Caramel ne-Mcofana Coffee. Ushokoledi ubiza uR45 umunye.

IDinako Wines itholakala ngezinhlobo ezinhlanu,i-sweet red, i-sweet rose, i-dry red, i-dry white ne-sparkling wine. Ibhodlela ngalinye liwuR90, kuthi i-sparkling wine yona ibe wuR150 bese i-dry red ibe wuR95.
“UMnu uMokoena wangitshela ukuthi ufuna inkampani ekhiqiza ushokoledi ezohambisana neyakhe yekhofi. Sabe sesiqala ukuhlanganisa izinto zethu ukuqala iDintle Chocolate,” kusho yena.
Uthi ukuhlanganisa imali yezithako ezinjengo-cocoa, odingeka uma kwenziwa ushokoledi, ngezinye zezingqinamba ababhekana nazo ebhizinisi, ngenxa yokumba eqolo kwamanani azo.
“Nakuba kunjalo sisebenzise yonke imali obekudingeka ukuthi siyisebenzise ukuze sikwazi ukuba nohlobo lukashokoledi esaziwa nesithandwa ngawo. Ushokoledi wethu uyakwazi ukuwuthola noma ngabe ukuphi nezwe, futhi ungakwazi ukuthola ama-angaphezu kwayisihlanu ngosuku futhi nesibalo siyakhula. Siphinde sidayise nakwesinye sezitolo esiseSasolburg, eFree State,” kusho uNksz uSekekete.

Uthokoze kakhulu ngokuxegiswa kwemithetho yokusebenza kwezinye izinto ezweni, okwenziwe wuhulumeni njengemizamo yokunqanda ukubhebhetheka kwegciwane leCOVID-19, athe ukuxegiswa kwayo kuzokwenza akwazi ukusebenza ebhizinisini ngendlela ejwayelekile.
“Manje esesikubhekile wukuthi sidayise iwayini lethu emakhasimendeni ethu, oningi lawo bese livele lilinde ukuthi kuxegiswe imithetho yokuvalwa kwezwe ukuze akwazi ukuthola umkhiqizo weDinako Wines,” kuphetha uNksz uSekekete.
Instagram: @dinakowines
@dintlechocolate
Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo.