Ithimba leLokshini Kitchen Braai Shack yaseYeoville, eGoli, eGauteng

Izithombe: Zithunyelwe

Abashadile bazama ukuvuselela ubuhle beYeoville ngebhizinisi labo lokudla. Baxoxe noMOIPONE MALEFANE

BENZA indlala ibe ngabakhwekazi abanikazi bebhizinisi lokudla eliseBellevue East, eGoli. Ngaleli bhizinisi elibude buduze neYeoville, eyake yasesitayeleni, benza impilo ibe lula ebantwini abafuna ukudla kwaselokishin edolobheni.

UMnu uVictor Ngwenya nomkakhe uNkk uThandi Ngwenya ngabanikazi beLokshini Kitchen Braai Shack. UNkk uNgwenya enaba ngeLokshini Kitchen Braai Shack, uthi ebhizinisini labo bagxile kakhulu ekudleni kwansuku zonke, abakuthaka kahle nangendlela emnandi benzela amakhasimende abo.

Uthi ngaleli bhizinisi abagcini ngokuthokozisa amakhasimende nje kuphela kepha ngalo beze nomehluko endaweni yaseYeoville ebisidume ngobugebengu nezinto ezingezinhle.

ILokshini Kitchen Braai Shack idle ngemfudumalo ngaphakathi

“Kuningi okukhona eYeoville ngaphandle kobugebengu nobubha. Lapho abantu bebona khona umlotha, thina sibona umhlaba ovundile,” kusho yena.

Uthi iLokishini Kitchen isikwaze ukuheha abantu bezinhlanga ezihlukene eGoli namaphethelo, wathi okusezinhlelweni zabo wukuba usizo ebantwini basemjondolo. Ngendlela abakhathalela ngayo amakhasimende abo kuthi uma efika, emukelwe ngesiphuzo se-gemmer (i-ginger beer) namahewu.

Uma sekuziwa ekudleni nakhona kukhetha uKhethi. Kokunye ukudla abakudayisayo kunenyama ephekwe eziko, isitambu, inyama yenkukhu yesiNtu, ichomolia, idombolo, ichakalaka nesitshulu senyama yenkomo.

“Ukudla kwethu okuhamba phambili yinhloko yemvu, okuyiyona eyintandokazi yamakhasimende ethu. Yenziwa ngothando,” kusho uNgwenya. 

Okunye ukudla kweLokshini Kitchen Braai Shack

Uthi indawo yabo inezipesheli zempelasonto, lapho bethengisa khona i-oxtail, isitshulu senyama yembuzi nedili likaMkhipheni ngeSonto. Uthi iLokishini Kitchen ikwazi ukumumatha abantu abawu-36.

Indlela abaphatha ngayo leli bhizinisi wukuba wumngani namakhasinde, njengoba sebevele beqalile ukuba nemicimbi yomculo nezinhlelo, ngenhloso yokuthuthukisa amaciko asafufusa.

Yize kusazoba wumqansa ukwenza indawo yaseYeoville ibuyele kweyayaziwa ngakho kodwa labosomabhizinisi bazama ukwenza loko ngokubuyisa isikhathi sobumnandi kule ndawo ngebhizinisi labo lokudla.

Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za 

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page