UNksz uVuyokazi Majozi, umsunguli weV-Fancymodelgrooming, isikole sokumodela esiseThekwini, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Usungule isikole esifundisa ngokumodela ofuna ukukhuthaza abantu ukuthi bathande imizimba yabo. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

ABAFUNDI abaningi abasezikhungweni zemfundo ephakeme bahlale bematasa nezifundo zabo futhi balungiselela nezivivinyo. Kodwa kukhona umfundi ohlukile kontanga yakhe. Usheba izifundo nokukhulisa ibhizinisi, okuyisikole esifundisa ukumodela.

UNksz uVuyokazi Majozi, oneminyaka ewu-19, usungule iV-Fancymodelgrooming ngoba ekhuthazwa wukuqonda indlela umzimba womuntu omnyama owakhiwe ngayo.

UNksz uMajozi, wakwaMashu, eThekwini, usungule lesi sikole kulo nyaka. Wenza unyaka wesibili weziqu zobumeli eVarsity College.

Ngabe umqondo wokuvula lesi sikole uqhamuke kanjani? “Ngesikhathi ngifunda amabanga aphezulu nganginesifiso sokuba nesikole sami esibheke ukumodela nokufundisa abanye ngezinto ezimqoka (nokumele) bangazenzi uma bengena kulo mkhakha. Konke loku kungiqhamukele ngoba vele nami bengimodela isikhathi esiningi ngaphambilini,” kulanda yena.

I-V-Fancymodelgrooming yisikole esithatha abafana namantombazane abaneminyaka ephakathi kwewu-13 newu-24. Okwenza yehluke kwezinye, imvamisa okungezabamhlophe, wukuthi ayibheki ubukhulu bomzimba womuntu noma ibala lesikhumba. 

“Iphupho lami wukukhombisa abantu ukuthi kumele bayithande imizimba yabo, bazamukele nayo futhi bazethembe ngayo. Thina samukela zonke izinhlobo zemizimba, uma nje umuntu ethanda ukuthi afunde ngokumodela,” kusho uNksz uMajozi.

NgoJuni lesi sikole siqale ikilasi lokuqala lezinyanga ezimbili kanti abafundi ababhalisile babe wu-17. Bonke labafundi sebephothulile futhi bathweswa neziqu.

UNksz uMajozi, ophakathi, neqoqo lokuqala elithwese iziqu eV-Fancymodelgrooming

“Izinto ezifundwa kulezi zinyanga ezimbili kuba yindlela umuntu okumele ahambe ngayo uma esesiteji emodela, sibafundisa nangokwenza ubuso bomuntu omodelayo nokubaluleka kokuziphaqula, izinto umuntu omodelayo okumele azenze nokungamele azenze nokuthi nje kuyini ukumodela.”
Ukubhalisa eV-Fancymodelgrooming wuR400 bese izinyanga ezimbili zokufunda ziba wuR2 500. 

“Ngijabulile kakhulu ukuthi sithe sivulwa isikole baba baningi abantu abakhombise uthando, babhalisa nokuthi baphase bonke bathole izitifiketi. Kimina loko kuyimpumelelo yokuqala ekhombisa ukuthi liya kude leli bhizinisi,” kusho yena.

UNksz uMajozi ukholwa wukuthi kuningi umkhakha wezokumodela ongakunikeza intsha yaseNingizimu Afrika. Uthi amabhizinisi abathungi abamnyama aye abheke abantu abazomodela bakhangise ngezingubo zabo. Uthi akusho ukuthi kumele umodele emicimbini nasemabhizinisini amakhulu kuphela kodwa ungazakhela igama ngokuqala ubheke amabhizinisi amancane.

Uthi ngaphandle kokuzethemba uma uqala ibhizinisi kuhle nokusondelana nabantu abakukhuthazayo nabakwelulekayo kosuke ukuphokophele.

I-V-Fancymodelgrooming iba namakilasi ngezimpelasonto uma engayi esikoleni ukuze akwazi ukuzibambela uNksz uMajozi.

Instagram: @v_fancymodelgrooming
Twitter : @majozi_vuyokazi

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page