UNkk uZama Ngcobo, umsunguli weZanothando Natural Cosmetics nebhizinisi lokukhanda izicathulo

Izithombe: Zithunyelwe

Usenza izinto ezihlukene okhuthazwe wukufuna isisombululo ezinkingeni abehlangabezana nazo. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

UKUNGAKUTHOLI okokugcoba okufanele isikhumba sakhe kwaholela ekutheni agcine eseqala ibhizinisi lokuhlanganisa amafutha ngoba ebheka isimonyo esimfanele. 

Kwase kuguge iphakethe kuNkk uZama Ngcobo, odabuka eMpangeni kodwa osezinze eThekwini, ezama loku nalokuya ayalelwa kona ukuthi akusebenzise kodwa kungalungi.

Ukuzihlanganisela kuholele ekutheni avule ibhizinisi lezimonyo iZanothando Natural Cosmetics. Leli bhizinisi uliqale ngo-2012 kanti ubeloku elikhulisa ngokwenza izimonyo ezehlukene ezenzela yena kwakhe.

“Ngiwumuntu obeba nenkinga yezinto zokugcoba ebusweni nasemzimbeni. Konke abanye abebengiyalela kona ukuthi kuyasiza, mina cha, akuzange kungisize. Kunaloko ngangivele ngonakale kakhulu ebusweni.

“Ngithe sengihlupheke kakhulu, ngithenga izinto ezingangisebenzeli, ngase ngizibuza ukuthi yini konje engingazihlanganisela yona mina ukuze izwane nesikhumba sami. Ngacabanga kona ukuhlanganisa izithako ezifana ne-coconut oil namafutha angeyona inkinga esikhunjeni,” kulanda yena.

Yize ibhizinisi lakhe esalenzela ekhaya kodwa unesifiso sokuthi ligcine lisabalalele kwezinye izindawo. Lo mama wabantwana ababili uthi ngenkathi abantu bencoma futhi bemkhuthaza ngemikhiqizo yakhe wabe esezifunela ulwazi ngokucwaninga kabanzi ngamakha emvelo nokokugcoba esikhunjeni.

“Into ebengigxile kuyona futhi bekuba wukufundisa abanye abantu besifazane indlela yokuhlanganisa amafutha ukuze bakwazi ukuzenzela bona bangahlupheki,” kusho uNkk uNgcobo.

Ebhizinisi lakhe ukhiqiza izimonyo ezifana ne-tissue oil esiza ukuthambisa isikhumba esomile nokunye okusiza emzimbeni nasebusweni.

Izimonyo zeZanothando Cosmetics

Akagcini uNkk Ngcobo ngaleli bhizinisi njengoba ngo-2016 esungule elokulungisa izicathulo. Waliqala emva kokuyeka emsebenzini ngoba enezinkinga emphefumulweni, ezazimphazamisa.

Uthi yingaleyo nkathi athi ezihlalele kwakhe, wavula ikhabethe lezicathulo zakhe, wabona ukuthi izicathulo zakhe eziningi zazingekho esimweni esihle sokugqokwa. Uthi waphatheka kabi ngoba wabe esazithanda kakhulu.

Uthi: “Ngazithatha zonke izicathulo, ngahlala egaraji. Ngacabanga ukuthi konje ngingazilungisa kanjani ukuze zibe zinhle. Ngafikelwa wumqondo wokuzipenda, ukuzikhuhla, ukuzikhava nokwaba yindlela yami lena engangilwa ngayo (ne-depression).”

Manje umatasa kakhulu nokuhlanganisa izimonyo, umsebenzi wokulungisa izicathulo nokwakha amavasi nezibi ezivuselelwe kabusha, phecelezi i-recyling.

Lo somabhizinisi uthi kubalulekile ukuthi abantu besifazane bakhuthale ukusebenzisa izandla zabo ngoba kuningi abangafunda ukuthi bangakwenza.

Uthi uma engahleli nomnyeni wakhe nabantwana, usuke ematasa kwakhe ebheka ukuthi yikuphi angakuguqula esebenzisa izandla zakhe nomqondo wakhe.

Facebook: Zama KaSotobe Ngcobo

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhiznisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page