UNksz uKgomotso Malope, umsunguli weMotso Designed ehlobisa izakhiwo yaseFourways, eGauteng

Izithombe: Zithunyelwe

Ukhuthaza abantu ukuthi bangalusabi ushintsho osenebhizinisi emkhakheni omusha emva kokushiya umsebenzi awufundela. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UKUSHIYA umsebenzi wokuba yi-medical technologist yinto ayengakaze ayiphuphe ngisho elele osenenkampani eyenza umsebenzi wobuciko bokuphucula nokuhlobisa izakhiwo. 

UNksz uKgomotso Malope, oneminyaka ewu-43 , usenenkampani yakhe eyenza lo msebenzi, iMotso Designed. Uyisungule eminyakeni emihlanu edlule.

Uthi wavele wavuka ekuseni nje wathatha isinqumo sokuthi usefuna ukuba yi-interior designer, njengoba manje esenenkampani aqashe abantu abathathu kuyona, okuyi-graphic designer, okhangisa ngomsebenzi nowenza yonke into.

“Ukukhula ngeminyaka yama-80s elokishini iThembisa, Ekurhuleni, (eGauteng) sasinenkolelo yokuthi ubuciko ngobabantu besilisa, thina njengabesifazane simelwe ukwenza ezinye izinto. 

“Nokho emqondweni wami ngangihlale ngazi ukuthi ubuciko ngiyabuthanda kodwa ngangingakwazi ukudweba, okwaholela ekutheni ngithathe umkhakha wesayensi,” kukhumbula yena.

Uthi ubehlale enothando lwezindlu ezenziwe futhi zahlotshiswa kahle kanti umkhakha we-interior design ubuhlale usenhlizweni yakhe, okwagcina kuphethe ngokuthi athathe isinqumo sokuyoyifundela eDesign School SA, wenza iziqu zawo eshiya isayensi.

“Kodwa-ke ngoba ngangingakwazi ukudweba. Kwakumele ukuthi ngifunde konke kahle phansi,” kusho uNksz uMalope.

Omunye wemisebenzi iMotso Designed eziqhenya ngayo

Usesebenze kuzo zonke izifundazwe zaseNingizimu Afrika nakwamanye amazwe e-Afrika, abale kuwona iKenya neZimbabwe. Omunye wemisebenzi ayenza endaweni yokudlela eseBryanston, eGoli, uwuchaze njengowamgeza igilo kakhulu.

“Le ndawo yokudlela yayincikene nesakhiwo sezingqungquthela futhi kuyona ngenza yonke into kusukela ekwenzeni i-countertop nefenisha yakhona. Engakuthanda ngalo msebenzi wukuthi kwakungokokuqala ngenza yonke into kusukela ekuqaleni kuze kufinyelele emaphethelweni.

“Ngenxa yokuthi abaqokanga muntu ozoqondana nokwenziwa kwalo msebenzi, ngazenzela konke mina ngokwami,” kuchaza uNksz uMalope. Uthi kwamjabulisa kakhulu ukubona amakhasimende egculisekile ngomsebenzi wakhe.

Uthi okwenza umsebenzi wakhe ube sezingeni elicokeme wukuthi uxhumana kahle namakhasimende akhe ukuze aqinisekise ukuthi uwenzela okungaphezu kwakulindele.

“Ngiyathanda ukubona amakhasimende ami ejabulile uma esebona into eqale njengomcabango, isiphenduka into yangempela. Kuyawathinta kakhulu lokho kangangokuthi aze angikhombise ukuthi ngenze ngaze ngadlulela kangakanani kwasuke ekulindele,” kuphetha uNksz uMalope.

Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za 

Facebook: Motso Designed

Twitter: @MotsoDesigned

Instagram: motsodesigned

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo 

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page