UMnu uMenzi Mtshali, umsunguli weMenzi’s Perfumes yaseSikhawini, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Ukuzithanda kwenze waqala inkampani edayisa iziqholo. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UBUGCOKAMA nokuchazwa wukuthaphuka kamnandi kuholele ekutheni ibhungu eliyiqhathanzipho lisungule inkampani ekhiqiza, idayise iziqholo.

UMnu uMenzi Mtshali, odabuka eNingini, KwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natali kodwa osezinze eSikhawini eNyakatho yeKwaZulu-Natali, asungule iMenzi’s Perfurmes. 

Elanda ngokusungula iMenzi’s Perfumes, ayiqale ngo-2018, uthi ngemva kokuqeda i-BCom in Banking e-University of Zululand ngo-2007, wafudukela eThekwini ukuyozama amathuba omsebenzi awufundele. Nokho izinto azihambanga njengokufisa kwakhe ngenxa yokuba yindlala komsebenzi.

“Ngibe sengisebenza kwenye inkampani ngo-2012, engigcine ngishiya kuyona nyakenye. Ngaphambi kwaloko bengivele ngithengisa iziqholo ezihlukene ngenxa yokuthi ngiwumuntu ozithandayo nochazwa wukuthaphuka kamnandi ngiyibhungu,” kusho yena.

Uthi ngokubona abantu bethakasela iziqholo ayebadayisela zona ube esesungula iMenzi’s Perfumes, ayibhalise ngo-2018. Kuyona usebenzisana nenye inkampani yaseThekwini ekhiqiza iziqholo ezihlukene.

Amanye amakha eMenzi’s Perfumes

“Yiyo-ke engithenga kuyona ezinye zeziqholo engizithengisayo kuphinde kube nenye yaseDubai engisebenzisana nayo. Nginezinhlobo eziningi zeziqholo engizisebenzisayo futhi amakhasimende ami akhombisa ukuzithakasela kakhulu,” kusho uMtshali.

Amakha abantu besilisa eMenzi’s Perfumes

Uthi okwamanje usebenzisana nabantu abane abamsiza kakhulu ekumaketheni iziqholo zakhe zabantu besilisa nezabesifazane. Lezi ziqholo zibiza kusukela kuR200 kuyakuR2 000.

Nawabesifazane amakha akhona eMenzi’s Perfumes

Ukuba nomusa emakhasimendeni abebuye awathengisele ngesikweletu uthi kumdalele izinkinga eziningi. Uthi amanye abebuye angakhokhi ngesikhathi, okwenza kungasebenzeki kahle.

“Ngigcina ngiba nenkinga uma sekumele ngi-ode ngenxa yokungakhokhi kwabanye ngesikhathi kodwa-ke ngifundile kuloko. Ngenxa yokuthi le nto engiyenzayo ngiyayithanda angipheli moya uma kufika izimo ezizamazamisa ibhizinisi,” kusho yena.

Weluleke abafisa ukuqala amabhizinisi ukuthi baqaphele ukuthi abakwenzayo bangenzeli abanye abantu, kunaloko baqinisekise ukuthi into abayenzayo isuka ngaphakathi kubona.

“Nokuthi bengazeli ibhizinisi ngomqondo wemali ngoba ukuphatha ibhizinisi akulula njengoba iningi labantu licabanga. Kuhambisana nezinselelo eziningi,” kweluleka yena.

Uthi ufisa ukuthi iMenzi’s Perfumes igcine isinesitolo eRichards Bay ngonyaka ozayo, athi usevele uphezu kwezinhlelo zako.

“Ngiyafisa futhi nokuthi ngasekhaya KwaNongoma sigcine sesikhona nakhona isitolo engizokhiqiza kusona iziqholo ezithi mina,” kuphetha uMnu uMtshali.

Facebook: Menzi’s Perfumes

Instagram: Menzi’s Perfumes

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page