UMnu uKwandile Hadebe, umsunguli weWothi Thothi Publishers, eshicilela izincwadi, yaseMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Ukushicilelwa kwencwadi yakhe yokuqala ngendlela engamgculisi kwenze wazibambela mathupha waqala inkampani eshicilela izincwadi

NGUSIMANGALISO NTSHANGASE

AMAPHUTHA nokungagculisi kwendlela okwakwenziwe ngayo incwadi yakhe yokuqala kwenze wanquma ukuzibambela mathupha ekushicileleni.

UMnu uKwandile Hadebe wumphathi weWothi Thothi Publishers, inkampani eshicilela izincwadi, ayisungule ngonyaka odlule.

UMnu uHadebe, wakwaR eMlazi, eThekwini, uwumbhali wezincwadi nembongi yezinkondlo zesiZulu. Ngokwemfundo wenze izifundo ze-Mechanical Engineering eMangosuthu University of Technology, aziphothula ngo-2015.

Ezinye zezincwadi zeWothi Thothi Publishers

Elanda ngokusungula kwakhe iWothi Thothi Publishers, uthi ukungeneliseki ngendlela okwakwenziwe ngayo incwadi yakhe yokuqala ngo-2019, esihloko sithi Ikhwezi: 1st Edition, kwenza wanquma ukuzibambela mathupha.

“Angigculisekanga neze ngendlela okwenziwa ngayo incwadi yami yokuqala. Ngabona ukuthi bengingenza kangcono kakhulu. Ngibe sengenza ucwaningo ngizihlupha ngolwazi lokuthi zishicilelwa kanjani izincwadi, ngazinothisa nangolwazi lwemigudu efanele nelandelwayo uma ufuna ukuqala ibhizinisi lokushicilela izincwadi,” kusho yena.

Uthi ukufunda izincwadi zababhali abehlukene nezishicilelwe yizinkampani ezinkulu kahle kumsizile.

“Ngizihluphe kakhulu ngolwazi ngisebenzisa i-internet ukucosha ulwazi engiludingayo ukuze ngiqale le nkampani,” kusho uRadebe.

Uthi ziyisishiyagalombili izincwadi asezishicilele enkampanini yakhe, ezimbili ezibhalwe nguye. Enye ithi Ikhwezi, enye ithi Uswazi, asanda kudla umhlanganiso wembongi yesiZulu evelele kwiBook Behind Awards.

Usanda kudla umhlanganiso kwiBook Behind Awards

Uthi eqala inkampani ubengenayo imali kodwa wasebenzisa okuncane ayenakho ngethemba lokuthi iphupho lakhe lizofezeka.

“IWothi Thothi ngiyiqale ngingenamali kodwa ngokufuna ukushicilela izincwadi ngezinga elicokeme, ngisize ababhali abasakhula,” kuqhuba yena.

Uthi amanani okushicilela eWothi Thothi aqala kuR4 000 kuyakuR12 500, kuye ngokuthi incwadi ayishicilelayo inamakhasi amangaki nokuthi umbhali uzodinga amakhophi amangaki.

Uthi ukwenza incwadi kuvame ukuthatha inyanga kuya kwezintathu. Uthi okwamanje ezincwadini asezishicilele zisatholakala kubabhali bazo kuphela ngaphandle kwethi Imfundo Yikusasa Lethu nethi Uswazi ezitholakala nase-Adams Booksellers.

Uthi ukuba wusomabhizinisi sekumfundise ukubekezela, ukusebenza kanzima nokuzihlupha ngolwazi. “Nokuthi ukusebenza nabantu kuyinselelo enkulu, ngakho kuyasiza ukubeka umoya phansi ngaso sonke isikhathi.”

Ulukeke abafisa ukuqala ibhizinisi ukuthi benze ucwaningo, bakulungele ukubhekana nanoma iyiphi inselelo bese bese bezikhandla ukusimamisa ibhizinisi.

Uthi ufisa ukukhulisa iWothi Thothi Publishers igcine isibalwa nezinkampani zokushicilela izincwadi ezinkulu ezweni.

“(Ngifisa) ukuba nendawo yokusebenzela, njengoba okwamanje ngisasebenzela ekhaya, bese ngiba nemali eyanele yokuthenga imishini yokugaya, ngiqashe nabantu abazongilekelela ukuqhuba umsebenzi,” kuphetha uHadebe.

Facebook: Kwandile Hadebe

Instagram: kwandilehadebe

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngabo ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page