Ukubambela ozakwabo emsebenzini kwamholela lapho athola khona ubizo lwakhe osebalwa nabaphaquli bobuso abayinyama. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

AKUJWAYELEKILE ukuthi umuntu ongenalwazi lwento ethile futhi angayifundelanga agcine esefana nochwepheshe kuyona. Nokho kunjalo kumnikazi webhizinisi lokuphaqula abesifazane nabesilisa ukuze babukeke kahle.
UNksz uNontobeko Molefe usungule i-Okebonton Makeup, ibhizinisi eliphaqula ubuso ngo-2018 ngemva kweminyaka eminingi esebenzela izinkampani zobuhle njengomphaquli wobuso.
Emva kokuphothula isikole uNksz uMolefe, waKwaNyuswa, entshonalanga yaseThekwini, ubhalisele izifundo ze-Management eDUT. Kodwa uthi kwacaca ukuthi wayengenalo uthando lwazo indlela ezazilukhuni ngayo.
“Zaba nzima kakhulu izifundo zami ngoba umkhakha engabe ngingene kuwona wawunezifundo engabe ngingazenzanga kanti futhi kusenjalo umama wami wadlula emhlabeni, nokwaphoqa ukuthi ngizame izindlela zokwenza imali ngoba kwasekunzima ukuqhubeka nomkhakha engingawuthandi futhi owawulukhuni kumina,” kulanda yena.
Waba nenhlanhla yokuqashwa esinye sezitolo ezinkulu zezimpahla zokugqoka ezinengxenye yokuziphaqula ngaphakathi nakuba yena wayengasebenzi kuyona.
UNksz uMolefe uthi: “Ngangithanda kakhulu indlela ozakwethu ababesebenza kwezobuhle namakha, ababeba bahle ngayo, isikhumba sabo, ubuso nendlela ababenuka kamnandi ngayo. Ngaze ngacela umphathi angisuse ezimpahleni zokugqoka.”
Kodwa umphathi wakhe akasinakanga lesi sicelo. Kwaze kwaba yingelinye ilanga mhla izisebenzi ezimbili lapho kuphaqulwa khona zingekho emsebenzini, kwaphoqa ukuthi kubhekwe abazovala isikhala.
“Ngilukhumbula kahle lolo suku. KwakuwuMgqibelo wokugcina enyangeni. Ngasebenzisa lelo thuba ngasebenzisa okohlanya. Ngangingenalo ulwazi lwemikhiqizo yezobuhle namakha kodwa ngangibafutha abathengi ngibanxenxe ukuthi bathenge ngoba amakha ayenuka kamnandi,” kukhumbula yena.
Zanyuka izibalo zemikhiqizo edayisiwe, waphuma kanjalo ekudayiseni izimpahla zokugqoka.
Ulwazi ubelokhu eluncela ngaphakathi ezitolo abesebenza kuzona, wagcina esejoyine nenkampani egxile kuloku iKryolan.
“Ngafunda kakhulu nokusebenza efilimini nokuthi uma ngabe sisebenzisa iziphaquli efilimini (nakwithelevishini) yikuphi okumqoka okumele ukugweme,” kusho yena.
Uqale ukuzisebenza uma esezibona ephuthwa yimisebenzi emikhulu ngenxa yokuthi wayeqashiwe. I-Okebonton Makeup yibhizinisi eselizakhele igama ngokuphaqula nasemicimbini emikhulu njengakumaSafta, emdlalweni wethelevishini Imbewu: The Seed nakwi-KCap kwi Film Festival.
“Kusukela ngiqale ukuzimela ngokomsebenzi ngihlale ngimatasa futhi ngisebenza manje nasemafilimini amakhulu njengoba kunamafilimu amabili nje ebengimatasa nawo angakavezwa,” kusho uNksz uMolefe.
Useke wathola nethuba lokuphaqula lowo owabe ewuMiss Universe ngo-2019 uZozibini Tunzi nenkakha yomlingisi uConnie Chiume, okumanje udlala indawo kaSonto kwiGomora.

Echaza ngokumphumelelisayo uthi: “Into ehlukile nge-Okebonton wukuthi ngiyakwazi ukuphatha kahle amakhasimende ami futhi ngiyaqinisekisa ukuthi ikhasimende ngilibheke emva kwesikhathi ukuzwa nje impilo nokuthi lahamba kahle yini. Enye into ebalulekile nje kulo mkhakha wukuzazi ukuthi ngiwubani. Mina ngiwuNontobeko ongumphaquli wezobuhle, angiyena nje usaziwayo.”
Uqala ukuphaqulana kusukela kuR450.
Uphinde afundise abesifazane izindlela zokwenza ubuso ezifana nendlela okuyiyona yokudweba ishiya. Ubanamakilasi ezindaweni ezehlukene efundisa ngokuqondisa izinkophe nokufaka kahle i-foundation.

Usuka kude uNksz uMolefe. Uthi esaqala wayevama ukulala nasezihlalweni, inqobo nje uma ngabe ikhasimende lakhe lijabulile ngomsebenzi wakhe.
“Into enye engiyithanda kakhulu ngomsebenzi wami wukuthi kuyahanjwa kakhulu. Ngiwumuntu othandayo ukuya ezindaweni ezehlukene kanti futhi ibhizinisi lami selingibeke ezindaweni eziphezulu engangingakaze ngizicabange ngikuzona njengokulala emahhotela aphambili uma ngiyosebenza,” kuphetha uNksz uMolefe.
Facebook: Nonto MaMolefe Nontobeko
Instagram : okebonton_makeup/makeupbynonto
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhiznisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo.


