UNkk uQinisile Mnqayi, umsunguli weQuetee Boutique neBlackwood Bakehouse kwaseRichards Bay, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Wadela imali yokuya eholidini nomndeni, wancamela ukuthenga isitoko ongene shi emabhizinisi ehlukene. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

UFUNDE ukuba wumholi esakhula njengoba ethi ukuba yingane yokuqala kwenza ukuthi abazali bakhe bangamtotosi kusukela eneminyaka eyisikhombisa.  

Lobu buholi buyamsiza ekukhuliseni nasekuphatheni amabhizinisi akhe uNkk uQinisile Mnqayi. Lo somabhizinisi uwumnikazi weQuetee Boutique nenkampani ebhakayo iBlackwood Bakehouse.

Usezakhele igama ngalezi zinkampani zakhe njengoba enanamakhasimende adumile okubalwa nabaholi bepolitiki kuwona.

UNkk uMnqayi ohlala eRichards Bay, eNyakatho yeKwaZulu-Natali, uthi kusukela esewuthisha wayeyikhonzile impilo entofontofo futhi wayehlale edayisa ukuze angavaleki.

“Esikoleni ngangidayisa amagwinya, uswidi namapeni. Angikhumbuli kukhona isikhathi lapho ngangenza into eyodwa kuphela,” kulanda yena. 

Uthando lwebhizinisi nokukhuthala yinto ayincela kubo njengoba eqhamuka emndenini wosomabhizinisi ababenamabhusha nesitolo sokucima ukoma.  

Uthi uthando lokuzisebenza lwakhula ngamandla ngenkathi kubo bevakashela eKapa, nokulapho anquma khona ukuthi ngeke ahambe nomndeni kodwa uzothatha imali ayibeke. 

“Bahamba ekhaya baya eKapa, nokulapho bafika khona babona izimboni zezimpahla zokugqoka base bengiphathela ukuze ngidayise,” kukhumbula uNkk uMnqayi.

Uthi lezo zimpahla zadayisa zaphela, nokwamenza waba umuntu ojwayela eKapa ukuyothenga izimpahla azozidayisa.

“Ngalesikhathi ngiqala ukudayisa izimpahla zaseKapa, ngangivele senginendawo KwaSithebe, eMandeni, engangithenga kuyona izimpahla ezifana nama-tracksuit nezikibha,” kusho yena.

Yazaleka kanjalo iQuetee Boutique. Leli bhizinisi ligqokisa abesifazane nabesilisa izimpahla ezinhle nezisesitayeleni sesimanje. 

Uthi uhamba kakhulu amazwe afana neChina naseTurkey, nalapho ethenga khona izimpahla zakhe eziningi. “Kubalulekile ukuthi esitolo sami ngingakudayiseli nje ingubo noma isudi bese uhamba kanjalo. Ngiyaqinisekisa ukuthi ikhasimende ngiyaleluleka, ngibheke indlela umzimba walo ome ngayo, ibala lesikhumba nobude bomzimba womuntu ukuze akhethe into ezomfanela ibe yinhle.”

Akagcini futhi ngokudayisa izimpahla zokugqoka kuphela kodwa uphinde abe wumeluleki ngezokugqoka, i-stylist, osezakhele igama ngokugqokisa ngisho izikhulu zikahulumeni.

Umsebenzi kaNkk uMnqayi wokuba yi-stylist nomdayisi udinga iso elibukhali

Uthe nakuye kwaba nzima ngenkathi kuvalwa izwe ngenxa yeCOVID-19 njengoba nokuhambela amanye amazwe kwakuvaliwe.

“Ngikhumbula usuku umengameli ememezela ukuvalwa kwezwe, ngabamba ikhanda ngizibuza ukuthi kanjani? Izimpahla zizothengwa wubani abantu bengasayi (nasesontweni). Kodwa uNkulunkulu waletha iqhinga elisha, kwazaleka ibhizinisi lami lesibili eseliqede unyaka iBlackwood Bakehouse.”

I-Blackwood Bakehouse uyiqale ngoba enesikhathi esiningi sokupheka nokubhaka. Uthi wabona kungekuhle ukukhala wacabanga enye indlela yokungenisa imali ukuze akwazi ukuqhubeka aphile impilo emnandi abeyiphila.

Manje ibhizinisi lakhe libhaka amakhekhe emishado nemicimbi, liphinde lipheke emicimbini emikhulu. Nakulona leli bhizinisi lokupheka nokubhaka uthi kuningi akufunde kwasebenolwazi emkhakheni wezokupheka nabahlale bezimisele ukumsiza ngolwazi aludingayo.

Amanye amakhekhe ekhethelo aseBlackwood Bakehouse

“Ukuba nebhizinisi noma elinjani kumele nje ukhuthale futhi ube nothando. Enye into ebalulekile wukuhlonipha abantu nokuba nendlela yokuzehlisa uma kukhona iphutha elenzekile,” kweluleka uNkk uMnqayi.

Unabantu abane abaqashile ezinkampanini zombili.

Ukhuthaza abafisa ukuzisebenza ukuthi bangazibambezeli kodwa bazethembe esinqumweni sabo bese bezimisela nokufunda ngebhizinisi nsuku zonke. 

Izibiliboco zaseBlackwood Bakehouse

Uthi uma uzodayisa kumqoka nokwazi kabanzi ngendlela yenani ozolibiza abantu ukuthi lingabi ngaphezu kwemali abantu abangakwazi ukuyikhokha. 

Izingubo zakhe ziqala kuR500, amakhekhe wona aqala kuR350

Ugcizelela ukuthi akekho umuntu okumele aphile ngeholo elilodwa. “Inkinga enkulu ngathi singabantu abamnyama, wukuthi sithi siyasaba. Kumele sizibuze ukuthi uma singasusa ukusaba kungenzakalani ezimpilweni zethu? Mina angisabi ukuzama izinto ngoba kwasekukhuleni kwami ngikhule ngivele abazali bami bengifaka kuzona zonke izindawo ukuze ngibe ngowesifazane onomgogodla oqinile,” kuphetha uNkk uMnqayi. 

Instagram: blackwood_bakehouse/queteeboutique

Facebook: Blackwood Bakehouse/QueTee Boutique

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhiznisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page