Izimpawu zobuciko ziqale enza onodoli osekhiqiza izimpahla zabesifazane. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

INHLANSI yomlimo wothando asenalo ngokuthunga iqale esemncane enza onodoli bamaphepha.
UNksz uNoluthando “Thando” Khumalo, umnikazi weBlack Barbie by Thando Khumalo, ethunga izimpahla zokugqoka ezihlukene zabantu besifazane.
UNksz uKhumalo uzalwa eMlaza, eThekwini, kodwa ukhulele eMgungundlovu, lapho ephothule khona umatikuletsheni eRussell High School ngo-2015. Une-Diploma in Fine & Applied Art yaseTshwane University of Technology (iTUT) ePitoli aziphothule ngo-2018.
Elanda ngokusunguleka kweBlack Barbie by Thando Khumalo, uthi izimpawu zekhono lakhe lokuthunga zaqala ukubonakala esafunda u-Grade 4.
“Ngifunda u-Grade4 bengivame ukwenza onodoli ngamaphepha, ngize ngibahlobise babukeke njengento yangempela. Lwaqala lapho-ke uthando lwami lobuciko bokusebenzisa noma yini ukwenza noma yini, okungezinye zezinto engizifunde enyuvesi,” kusho yena.
Ngemva kokuphothula izifundo zakhe eTUT ube esehlala izinyanga eziyisikhombisa esahlwaya umsebenzi, okuyilapho ethe wafikelwa khona wumcabango wokuqala iBlack Barbie by Thando Khumalo esebenzisa ubuciko bakhe besidalo nayekufunde enyuvesi.
“(Ngiyiqale kanjalo-ke mhla ka-29 Agasti ngo-2019. Kuze kube manje konke kuhamba kahle kakhulu, futhi namakhasimende ami ayawuthokozela umkhiqizo wami. Amanye sengiwazi nangamagama njengoba esebuye izikhawu eziningi ezothungisa izimpahla kithina, yize ngingakaze ngiwabone ngamehlo,” kusho uNksz uKhumalo.

Uthi ngenxa yokuzikhandla eminyakeni emibili usekwazi ukuba nesitolo sokusebenzela esisePitoli, lapho esehlala khona.
Uqashe abantu abane manje abamlekelelayo emsebenzini. “Kuke kwanzima nokho esikhathini esedlule njengoba ngike ngenza iphutha lokuqasha abantu abangawazi umsebenzi. Loko kuphoqe ukuthi ngiqashe, ngidilize kaningi ngenxa yokuthi bekusebenzeka kanzima,” kusho le ntokazi.
Amanani ezimpahla zabo aqala kuR150 kuye ngokuthi ufuna ukuthungisa hlobo luni lwempahla.
Esitolo sakhe, asivule kulo nyaka, kuneshashalazi alenzele ukuthi umuntu akwazi ukuhamba kulona azibuke ukuthi impahla imfanela kanjani, aphinde abe negumbi lokukala impahla nama-printer.

Ukwenza into oyithandayo, ukungaxhamazeli, ukungayeki ukuzicija nokuzihlupha ngolwazi ngezinye zezeluleko azibhekise kwabahlela ukusungula ibhizinisi.
Uthi akubheke kakhulu manje wukuqhubeka nomsebenzi anakekele nezidingo zezisebenzi zakhe.
“Ngifuna nokuthi ngigcine senginamagatsha eBlack Barbie by Thando Khumalo kwezinye izindawo, ngikwazi ukulondoloza imali eyanele ukuthi ngithenge yonke imishini yokusebenza engiyidingayo. Njengomuntu okhonze ukwenza, hhayi ukukhuluma nje kuphela, okunye kwaloku engikushoyo sengivele ngiqalile ngiyakwenza kumanje,” kuphetha uNksz uKhumalo.
Facebook: Black Barbie by Thando Khumalo
Instagram: Black Barbie by TK
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo.