Wakhula ekhuthazwa wunina oseloku kwathi nhlo iphupho lakhe wukuba sembonini yokwakha. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

WAKHUTHAZWA wukubona unina enezindlela eziningi zokungenisa imali osenenkampani yakhe yama-blocks. Kanti ukubonga unina oyisibuko kuyena noyise inkampani uyiqambe ngezinhlamvu zokuqala zamagama abazali bakhe.
UNksz uSbahle Sithole, umqondisi weSMAIS uthi: “Kade isifiso sami kwaba wukungena embonini yezokwakha nokuba ngowesifazane omncane embonini.
Uthi ukhuthazwa wunina empilweni. “Umama wayewuthisha, enenkampani ephekayo, ehlobisayo, neqashisa ngamatende, ene-tuck shop nakuba ayesebenza futhi efunda.
“Ngafunda ukuphokophela nokungazinqindi. Wangifundisa ukwenza imali ngesikhathi sami. Ngayiqamba ngaleli gama ngoba ukuba akusikona ngenxa yabo, ngabe angikho lapha, ngabe akunaSMAIS,” kusho yena.
Elanda ngokuthi wangena kanjani kule mboni okukhonya abantu besilisa kuwo wonke amazinga, uthe: “Umama wathola ithuba lokuthenga umshini wokweza ama-blocks, kanti ngenkathi lifika leli thuba, waxoxela thina bantabakhe ngalo, mina ngalithatha njengethuba lami lokungena emkhakheni wezokwakha.
“Ngangifisa ukungena emkhakheni ogcwele abantu besilisa, ngifuna umkhakha onzima, hhayi olula,” usho kanje uNksz uSithole, engxoxweni yakhe neVutivi.
Inkampani yakhe, ayisungula ngoJanuwari wango-2020, ikhiqiza ama-N140 blocks nezitini.

UNksz uSithole uthi ulwazi lwakhe namava kwi-accounting kumsize kakhulu ukuphatha ibhizinisi ngenxa yezinto efundisana zona. “Kubaluleke kakhulu ukwazi (i-accounting) njengoba nababesifundisa enyuvesi babesitshela ukuthi izinkampani eziningi zithatha ama-chartered accountant ukuthi abe yizikhulu eziphezulu ngoba izinombolo ziwukhiye wako konke. Kumqoka kuwo wonke umuntu ukuba nolwazi oluyisisekelo ukukwazi ukuphatha imali.”
I-SMAIS inezisebenzi eziyisishiyagalolunye.
UNksz uSithole uthi kube nzima ukuqala ibhizinisi lakhe ngaphambi kokuhlasela kobhubhane i-COVID-19 njengoba ayexoxisana nezitolo zezimpahla zokwakha ukuthi azidayisele ama-blocks. Nokho akazange azithambise kanti manje uhlinzeka izitolo zokwakha ezintathu eNewcastle namaphethelo. Amanye amakhasimende akhe ngabantu abazifikela lapho besebenzela khona nezinkampani zokwakha.
“Babeyingcosana abantu abenza ama-blocks endaweni ababenemishini, ngagxuma ngahlala. Kunezinto ezihlukene zokwenza ama-blocks njengosimende, i-crusher dust nokunye. Ezinye izinkampani zisebenzisa umlotha, isihlabathi sasemfuleni nempuphu emnyama yamalahle.

“Asizisebenzisi izinto eziningi ezisetshenziswa ngabanye abantu kodwa sikhiqiza ama-blocks asezingeni eliphezulu naphasisiwe uma ehlolwa futhi amanani wethu awabizi uma ubheka ukuthi awama-blocks asezingeni eliphezulu,” kusho uNksz uSithole.
Uthi imvamisa amakhasimende nezitolo zokwakha bavame uku-oda ama-blocks acela ku-2 000 i-oda ngalinye kanti izitini zi-odwa nge-pallet, elivame ukuba nezitini eziwu-500.
Facebook: Smais Bricks
Twitter: @Sibz_Jolie
Instagram: sibz_jolie
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivinews.co.za
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo.