UMnu uYandisa Zulu, umsunguli weketela iZuluish

Izithombe: Zithunyelwe

Kufezeke iphupho leminyaka kosungule iketela lokuqala lomuntu omnyama eNingizimu Afrika. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

KUFEZEKE iphupho leminyaka eyisikhombisa koqophe umlando eba wusomabhizinisi wokuqala omnyama kuleli ukusungula iketela elithi yena.

UMnu uYandisa Zulu, waseMgungundlovu, KwaZulu-Natali, echaza ngokusunguleka kwenkampani yakhe ekhiqiza amaketela iZuluish Appliances & Automation, uthi kwaphoqa ukuthi athengise i-smart mirror yakhe ukuze akwazi ukusungula leli bhizinisi, obese kumthathe iminyaka eyisikhombisa ukucwaninga kabanzi ngalo.

“Isibongo sami wuZulu ngakho ngibe sengibiza leli bhizinisi ngeZuluish ngoba bekuhlale kuyiphupho lami futhi sekuyisifiso sami ukwakha inkampani enjengalena ezohweba emhlabeni wonke,” kusho uMnu uZulu, owethule iZuluish kulo nyaka.

Uthi ngemva kokuyethula ngokusemthethweni, abantu baqale bafaka ama-oda ubuthaphuthaphu ezweni lonke nasemhlabeni wonke jikelele. Uthi ngenkathi esungula leli bhizinisi emqondweni wakhe wayecabanga ngabantu abahlala emalokishini nasezindaweni zasemakhaya.

“Lapha eNingizimu Afrika sinenkinga yentengo kagesi emba eqolo, ngakho ngalungisa leyo nkinga ngokusungula iketela elonga ugesi. Ngaphezu kwalokho leli ketela likhulu ngo-70% uma uliqhathanisa namaketela avamile, wona awu-1.7 litres,” kusho yena.

Ngale kokonga ugesi, iZuluish igabe ngokuba nkulu

Uthi iketela elifana naleli lizosiza kakhulu abantu abahlala ezindlini ezinegumbi elilodwa nabahlala ezindaweni zasemakhaya, ompilo yabo incike kakhulu ekubiliseni amanzi ukuze bageze benze nezinye izinto ezidinga amanzi abilile. 

Uthi iketela lakhe lenziwe ngobuchwepheshe bezinga elicokeme, njengoba longa ugesi ngo-75%, ligcine amanzi eshisa isikhathi eside kunajwayelekile.

UMnu uZulu, osebenzela iQuatre Saisons Interior Design and Furniture inkampani edweba amapulani efenisha, uthi kwaphoqa ukuthi adayise i-smart mirror yakhe kwelinye lamakhasimende enkampani ayisebenzelayo ukuze ahlanganise imali yokuqala ibhizinisi.

“Leli khasimende lalakha indlu eGauteng kanti lalifuna ifenisha nezinye izinto zasendlini. Ngalitshela nge-smart mirror nokuthi lingayisebenzisa kanjani endlini yonke ukulalela umculo, ukungena kwi-internet nokunye.

“Lawuthanda lowo mqondo, sabe sesenza isibuko esicishe sithi asibe amamitha amabili ubude, ngase sengithatha leyo mali ngaqala ngayo ibhizinisi lami,” kusho yena. 

“Imishini efana naleli ketela ayenziwa ezweni, ngaleyo ndlela ngifisa ukukushintsha lokho bese ngenza abantu baseNingizimu Afrika bakholwe wukuthi nabo bangakwenza abakholwa ukuthi ngeke bakwazi ukukwenza,” kuphetha uMnu uZulu.

Facebook: Zuluish Appliances & Automation

Twitter: @Zuluish_

Instagram: Zuluish

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo.

Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page