Ulwazi aluncele kumngani wakhe lwenze waqala ibhizinisi lokudayisa imibhede, uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UKUWA kwenye, kwasho ukuvuka kwenye ngemva kokudilizwa komngani wakhe enkampanini eyenza imibhede. Kwaholela ekutheni angene ebhizinisini. Basebenzise ulwazi aluncele ebhizinisini lokudayisa imibhede.
UMnu uMandla Radebe uthi ukusebenza nomngani wakhe ebhizinisini lokudayisa imibhede kwenza wancela ulwazi oluningi kuyena, okuyilona alusebenzisa ukuqala iHawaii Bedding, inkampani ekhiqiza nedayisa imibhede.
URadebe, osungule iHawaii Bedding ngo-2015, uthi ngenkathi eyiqala, isazinze Emndeni naseProtea Glen, eSoweto, wayengenalo ulwazi lwebhizinisi kodwa wayiqala noma kunjalo.
“Sinomngani wami saqala ngokudayisa imibhede kodwa angangagculiseka ngokudayisa imibhede nje kuphela. Ngangifuna ukwenza ibhizinisi lami lokuzenzela imibhede, ngiyidayise. Yena kwakumenelisa ukuyi-oda ayidayise kuphela, sabe sesihlukana mina sengiqoka ukuzimela,” kulanda yena.
Uthi imibhede yakhe uyidayisela amahhotela nemiqasho yezitshudeni eSoweto kanti unesitolo eProtea Glen, lapho abantu bekwazi ukuza khona bezozibonela bathenge uhlobo lwemibhede abayifunayo ngamanani angambi eqolo.
Uthi umbhede nombhede awudayisayo wenziwe ngendlela ezogculisa ikhasimende ngalinye.
“Imibhede ngiyenza ngendlela yokuthi yehluke… engiyenzela izindawo zezitshudeni, amahhotela nabantu nje ngoba yonke ngokwehlukana kwayo yenzelwe ukufeza inhloso ethile.
“Isibonelo nje, uma umuntu engena esitolo efuna umbhede, ngiyasibhekisisa isisindo sakhe, esomuntu azwana naye nesikhathi umbhede ozokwazi ukubaqhuba sona, bese ngengenza u-20kg ngaphezulu uma sengenza umbhede,” kusho uRadebe.

Uthi amanye amakhasimende anenkinga yamathambo, yingakho eminye imibhede eyenza ngendlela yokuthi akwazi ukulala kahle kuyona.
Uthi eqala leli bhizinisi wayehlose ukudayisa imibhede kwabaqashisela izitshudeni amakamelo namahhotela kuphela kodwa lagcina likhula ngenxa yokugculiseka kwamakhasimende, agcina etshela nabanye ngezinga lemibhede yakhe.
“Amakhasimende kuyenzeka angishayele ucingo angazise ukuthi alale kahle kanjani emibhedeni yami emahhotela. Kwenye inkathi kube wukuthi atshelwe umnikazi wehhotela ngami bese anda kanjalo-ke,” kuqhuba yena.
Uthi ukwanda kwamakhasimende kwenze wavula elinye igatsha leHawaii Bedding eProtea Glen.
Ukuze akwazi ukuqhudelana nezimbangi zakhe kuleli bhizinisi, uthi wenze amanani emibhede aba phansi ukuzidlula zonke.
“Loko ngakwenza ngoba ngingafuni ukubizisa imibhede yami ebantwini abahlala elokishini,” kuchaza yena.
Uthi umbhede umuntu angawuthenga kwenye indawo ngoR5 000 kanti eHawaii Bedding itholakala ngenani elingaphansi kukaR3 000.
“Abanye baze bancamele imibhede yethu ngoba bengakholwa wukuthi bangakwazi ukuthola imibhede esezingeni eliphezulu kangaka ngamanani angabizi bese begxuma behlala kulelo thuba uma sebebona ukuthi inofozela futhi ibiza kahle kangakanani,” kuphetha uRadebe.
Facebook: Mandla Nhlakanipho Radebe
Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngabo ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo