Ibhizinisi lomsebenzi wezandla selimhambise laze lamfaka ebukhosini bamaNgisi ohlobisa ngobuhlalu. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

UMSEBENZI wezandla wawuyingxenye yezemfundo eminyakeni edlule. Abafundi babefundiswa ukuthunga neminye imisebenzi yezandla njengokuluka amacansi nokuthunga esifundweni i-home economics.
Lwamngena kanjalo uthando lomsebenzi wezandla umnikazi weGugu’s Mobile Boutique, enesitolo eThekwini, KwaZulu-Natali. Leli bhizinisi lisungulwe ngo-2016. Kuhlanganiswa ubuhlalu bokuhloba bese kudayiselwa abantu imikhiqizo ephuma lapho. Kwenziwa amabhengela obuhlalu, izinkehli eziyizinhlobo ezehlukene, amabhayi, amacici obuhlalu nokunye.
UNkk uGugu Bhengu uthi: “Ngiqale ngisemncane ukubona ukuthi nginekhono lokusebenzisa izandla zami, ngoba ngikhule vele ekhaya kunamabhizinisi emisebenzi yezandla.
“Akubanga lula ukuqala ibhizinisi. Kuningi engidlule kukona njengoba namhlanje leli bhizinisi selaziwa futhi selihlonishwa,” kusho yena.
IGugu’s Mobile Boutique isebenzisana nabesifazane basezindaweni ezehlukene, njengaKwaMhlabuyalingana, abenza imisebenzi yezandla, bacobelelane ngolwazi.
“Ngisebenza nabantu abaningi. Kunethimba eligxile ekuthungeni ngelala, abanye babhekene nobuhlalu – ukubufaka, nokubuthungela, ngakho senza izinto ezehlukene ezenziwa ngesandla,” kulanda uNkk uBhengu.

Uthi benza nezinto zokuhlobisa endlini, obhasikidi abenziwe ngelala kanti basanda kuqala uhlelo lwezinto zokuhlobisa itafula emicimbini.
IGugu’s Mobile Boutique ike yahlonishwa kwi-Afrika London Fashion Week ngezicholo nokokuhloba. Nezindondo iyazitamuzela kuzona njengoba ihlomule ngendondo ye-Women Owned Business Award kaMasipala waseThekwini ngo-2019, ngo-2018 wadla umhlanganiso ngendondo yeRegional Business Achievers ye-IB Association of SA.
“Umsebenzi wami uke wasetshenziswa nakwikhalenda yoKhozi FM ngo-2019, lapho abasakazi babehlobe ngobuhlalu obabenziwe yiGugu’s Mobile Botique. Into emqoka ebhizinisini wukuvula umqondo ukuze ufunde izinto ezintsha nokubekezela,” kusho yena.
Ngenxa yomsebenzi wakhe omuhle, uNkk uBhengu useke wavakashela e-United Kingdom eyohlangana neNdlunkulu uMeghan Markle, oganele ebukhosini bamaNgisi, ubhasikidi welala nokhamba oluhlotshiswe ngobuhlalu obugqamile.

Nakuba besimama emsebenzini futhi belikizela imiklomelo ngomsebenzi wabo kepha kunezinto asezifundile ngebhizinisi, ikakhulukazi ngesikhathi sezinselelo. “Into engiyibonile ngalesi sikhathi esikusona seCOVID-19 wukuthi njengebhizinisi kumele nathi sibe nomqondo oguquguqukayo, sihambisane nesikhathi samanje nokubheka ukuthi yiziphi izinto (ezisesitayeleni) ngalesi sikhathi. Kumele sishintshe indlela yokukhangisa futhi sigxile ezintweni abantu abazidingayo manje,” kusho yena.
IGugu’s Mobile Boutique inezinhlelo ezinkulu njengoba izingxoxo zokuqala isikole esizofundisa umsebenzi wezandla iGugu Art and Craft Academy sezisemaphethelweni.
“Ngijabule kakhulu ngaloku engimatasa ngako osekusemaphethelweni. (Maduze) ngizovula isikole lapho ngithi ake sicobelelane ngolwazi singabesifazane nabesilisa, sifundise abanye esesikwazi thina ukuze sonke senze imisebenzi yezandla (eyehlukene),” kuphetha uNkk uBhengu.
Facebook: GUGU MOBILE BOUTIQUE
Instagram: gugumobileboutique
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo.