UMnu uZamani Bhengu, umsunguli we-AmaBhengu Fashion Watch

Izithombe: Zithunyelwe

Ukhiqiza amawashi abesilisa athi yena anemfihlo phakathi. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

ISO elibukhali lokuthi abantu badingani nentshisekelo yokucwaninga ngezinto sekuthele izithelo kusomabhizinisi waseMgungundlovu, KwaZulu-Natali.

UMnu uZamani Bhengu usungule i-AmaBhengu Fashion Watch, inkampani yakhe ekhiqiza amawashi abesilisa ezinga eliphezulu.

UBhengu uthi umcabango wokudayisa amawashi waqala ngo-2016 ngenkathi ethwasela umsebenzi emNyangweni wezeZimali esifundazweni,  lapho aqala khona ukudayisela ezinye izinkampani amawashi engakalenzi elakhe.

UBhengu, one-diploma ye-financial management yaseMgungundlovu FET College, uthi okwamenza wangena ebhizinisini elifana naleli wukuqaphela kwakhe ukuthi abantu besilisa ayesebenza nabo babekhonze ukuhloba ngamawashi.

“Ngenza ucwaningo, ngathola ukuthi yize bebaningi abantu abathenga amawashi kodwa iningi lawo lisebenza nge-battery, okuba inkinga ngoba ama-battery ayaphela,” kusho yena.

Amawashi anomkhuba phakathi e-AmaBhengu Fashion Watch

Ngemva kocwaningo lwakhe, isinyathelo sokuqala kwaba wukuzethula njengomthengisi wamawashi ezinga eliphezulu. Waqala wadayisa amawashi ayisithupha ayewathenge ezinkampanini ezihlukene bese ewadayisa emigwaqweni yangakubo eMgungundlovu.

Ukuthengwa ubuthaphuthaphu kwawo kwenza waqala wenza aba maningana esewathenga ezinkampanini eziningi, lokho okwenza wakha ubudlelwano wazana nabantu abaningi.

“Ngatshala lonke isenti engangilenze ngokudayisa lawo mawashi ebhizinisini lami,” kusho uBhengu, osebenzisana nenkampani yaseMelika eyenza iwashi lakhe.

Uthi okwenza elinye lamawashi akhe legolide i-Automatic Watch ZI Gold lihluke wukuthi aliyidingi i-battery, okwenza libe intandokazi emakhasimendeni.

“Leli washi lisebenzisa amagiya nesondo okuwayindwayo ngezinkathi ezithile. Njalo ekuseni umnikazi walo kumele aliwayinde bese eyaligqoka,” kusho uBhengu, owethule i-Amabhengu Fashion Watch ngoMashi nonyaka.

“Ngenxa yegciwane leCOVID-19 angikwazanga ukulethula ngonyaka owedlule, kodwa ngenkathi sengilethula kulo nyaka abantu balithakasela ngendlela engangingayilindele, bafaka ama-oda amaningi kanye kanye,” kusho yena.

Leli washi elibiza uR1 300 uthi uhlela ukwenyusa isibalo somkhiqizo walo njengoba sebebaningi abalifunayo kwamanye amazwe. Uthe liyatholakala noma ngabe ukuphi nezwe ngokufaka i-oda kwi-website ethi: www.amabhengu.co.za

“Ngikholwa wukuthi amawashi yiwona aphelelisa ukubukeka kahle komuntu wesilisa. Umuntu wesilisa kudingeka abe newashi esihlakaleni sakhe ukuze aphelelise isiyatela sakhe nokubukeka kwakhe,” kusho uBhengu.

UBhengu uthi uhlela ukukhiqiza amawashi abantu besifazane njengoba bevele bebebaningi abawafunayo.

Instagram: @AmaBhengu Fashion

Lolu daba luqale lwashicilelwa ku:www.vutivibusiness.co.za 

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page