Odlondlobalayo ebhizinisini lobuciko usefisa ukucija abanye babe ngabadwebi abavelele. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUHAMBA ezinyathelweni zikaninakhulu owayewumdwebi nokucija isiphiwo nekhono lakhe esikoleni kugcine kwenze intokazi ewumdwebi yabona ithuba lokungena ebhizinisini.
UNksz uThandeka “uThandekaMArt” Mahlangu yiciko eliziphilisa ngokudweba. UNksz uMahlangu ungowaKwaMhlanga, eMpumalanga. Ufundele i-Arts and Design, ayiphothule ngo-2016 eTshwane North College.
Echaza ngekhono lakhe lokudweba, uthi uninakhulu wayenekhono elimangalisayo lokudweba, athi kwenza ukuthi naye agcine esenothando lokwenza imidwebo, akuqala eneminyaka eyisikhombisa.
“Ngikhule ngidweba, lapho mina engangifunda nabo esasivame ukudweba opopayi. Kuthe ngemva kokuphothula umatikuletsheni, ngathi ukuma kancane ekudwebeni ngenza izifundo ze-Theology eMukhanyo Theological College ngo-2010,” kulanda yena.
Esephothule lezo zifundo, wakhumbula ukuthi unekhono lokudweba wase eyolicija eTshwane North College. Uqale ukuziphilisa ngaleli khono kusukela ngo-2016 kuze manje.

“Kuthe ngo-2018 ngaqala inkampani yami iLwanduthando Trading Enterprise, ngaphansi kwayo engibuye ngenze imisebenzi ye-graphic design,” kusho uNksz uMahlangu.
Uthi esanda kuqala ukwenza ukudweba njengebhizinisi ubebiza phakathi kukaR100 kuya kuR200 isithombe ngasinye. Manje imidwebo yakhe isiqala kuR1 000 kuya kuR8 000 isithombe ngasinye, kuye ngokuthi nhloboni yomdwebo futhi ungakanani.
“Khona akusiyo into elula, ikakhulukazi kimina njengomuntu wesifazane, ngoba ukudweba kwaziwa njengobuciko babantu besilisa futhi kuwubuciko obuthatha isikhathi sami esiningi ngoba kudinga isineke. Kodwa-ke kuyenzeka ngoba yinto engaphakathi kimi,” kusho yena.
Uthi ukusebenza kwakhe kanzima sekumdonsele amakhasimende akwamanye amazwe njengase-United Kingdom, eSwatini, eBotswana naseLesotho.

Uthi ukuba yiciko nosomabhizinisi kumfundise ukuhlonipha umsebenzi, kwenza waqonda nokuthi kumele aphokophele kukona konke akwenzayo ukuze amakhasimende akhe ahlale egculisekile.
Weluleke abasafisa ukungena kwezamabhizinisi, ikakhulukazi elobuciko, ukuthi benze into abayithandayo bese bengagxamalazi kepha bagxile entweni eyodwa ngesikhathi.
“Okunye futhi wukuthi kumele bazinikele kwabakwenzayo bese bezinika isikhathi esanele sokwenza umsebenzi wabo,” kwelukeka uNksz uMahlangu.
Ngaphandle kokufisa ukucija intsha enamakhono ezobuciko, uthi okunye azimisele ngokukufeza eminyakeni ezayo wukugcina esenendawo okuzotholakala kuyona imidwebo yakhe enhlobonhlobo.
UNksz uMahlangu uphethe ngokuthi: “Ngifuna nokwakha izikhungo zobuciko ezimbalwa kulo lonke leli (zwe) ukuze ngikwazi ukufaka isandla ekucijeni izingane ezingamaciko.”
Facebook: Thandeka M Mahlangu/ Thandeka M Mahlangu Art
Instagram: thandekammahlangu