UNksz uKarabo Rametse, umsunguli we-Ekasi Supersoft Tissue yaseSoweto, eGoli, eGauteng

Izithombe: Zithunyelwe

Uziphilisa ngebhizinisi elikhiqiza i-toilet paper owabona isikhala emakethe. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UKUQONDA ukuthi wonke umuntu uyalidinga iphepha lasendlini encane nokushisekela ukubamba iqhaza ekwakheni amathuba omsebenzi kumenze wasungula inkampani.

UNksz uKarabo Rametse usungule i-Ekasi Supersoft Tissue, ekhiqiza iphepha lasendlini encane, ngo-2019. Izinze ePretoria Glen, eSoweto, eGauteng.

Ngenxa yokuzikhandla kwakhe, iphepha labo selitholakala eGauteng nasezifundazweni ezingomakhelwane bayo, iMpumalanga neLimpopo.

Uthi eqala ukungena kwezamabhizinisi ubenezitolo ezincane eSoweto edayisa khona ikota nama-chips. Kuthe ngokuqhubeka kwesikhathi, wabona isidingo sephepha lasendlini encane, okuholele ekusungulekeni kwe-Ekasi Supersoft Tissue.

Wathenga umshini okhipha umoya wokomisa iphepha alisebenzisa ukwenza iphepha lasendlini elincane.

“Uma senza iphepha lasendlini encane sisebenzisa uhlobo lwephepha elisuke lingakasetshenziselwa lutho nelimhlophe elisuke livele liwumqingo owodwa noma lihlukaniseke kabili noma sisebenzise umshini wokomisa ukulomisa nokuligoqa kahle,” kulanda yena.

I-toilet paper yase-Ekasi Supersoft isilungele ukuya emakhasimendeni
I-toilet paper yase-Ekasi Supersoft isilungele ukuya emakhasimendeni

Umsebenzi ususimeme kangangokuthi usenethimba lezisebenzi ezinhlanu eziqashwe ngokugcwele neziyisithupha eziyitoho.

Uthi eqala leli bhizinisi phakathi kwezinto azifunda ngalo wukuthi iphepha lasendlini encane kulula kangakanani ukuthi lonakale, loko okudinga ukuthi liphathwe ngesinono.

“Ngazithola sengihleli nenqwaba yamaphepha asendlini encane onakele, nayengeke esasebenziseka, kodwa esikhundleni sokuwalahla, ngawadayisa enjalo ngamanani aphansi,” kukhumbula uNksz uRametse.

Uyakhala ngezibhelu zangoJulayi zokutapa impahla eGauteng, athi kulikhinyabezile ibhizinisi lakhe. Uthi: “Iningi lamabhizinisi engisebenzisana nawo alimala ngenxa yezibhelu zokutapa impahla kodwa-ke nakuba ngashayeka kodwa futhi ibhizinisi lami likwazile ukuzisimamisa lona ngoba abantu bebewadinga amaphepha asendlini encane futhi bengiqhubeka nokubakhiqizela wona.”

Uthi izinto ezimbili azithatha njengempumelelo ye-Ekasi Supersoft Tissue wukuthuthela kwenye yezindawo zezimboni ezinkulu eGoli, lapho asekwazi ukukhiqiza iphepha eliningi khona. Okwesibili, uthenge imoto yokudilivela amakhasimende.

“Ngiyaziqhenya kakhulu ngami ngoba bekunezikhathi lapho ebengicabanga ngisho ukuphosa ithawula. Kwafanele ukuthi ngizikhumbuze ukuthi ibhizinisi alisikhona ukuphosa ithawula ngezikhathi ezinzima kodwa liwukubhekana nazo ngomoya wokuphokophela,” kwelukeka yena.

“Engikuthanda ngephepha lasendlini encane wukuthi liyakwazi ukuhlala emashalofini isikhathi eside, lingonakali. Loko kusho ukuthi asibi khona isidingo sokuthi ngilahle isitoko salo ngenxa yokuthi ngisuke ngingeke ngisakwazi ukulisebenzisa,” kuphetha uNksz uRametse.

Facebook: Ekasi super soft tissue

Umbele unesivumelwano noLIndo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngabo ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page