Uhlanganisa isayensi nezokukhangisa ebhizinisini elichuma usuku nosuku. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UMSUNGULI wenkampani eyenza izikhangiso isebenzisa kakhulu ulwazi nezibalo enalo ngamakhasimende, phecelezi i-data), wangena kwezamabhizinisi eneminyaka ewu-13 njengoba wayesekwazi ukusebenzisa ikhamera, nayeyisebenzisa ukushutha abangani bakhe izithombe bese ebadayisela.

Ukugulelwa yingane kuholele ekutheni asungule ibhizinisi eselisiza nezinye izingane. Umsunguli walo uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KUTHIWA lapho izinto zimapeketwane khona yilapho okukhona ithuba lokwenza izinto ezintsha ngoba kusuke kudingeka isisombululo. Loku kumsebenzele owesifazane osemncane njengoba kuholele ekutheni asungule ibhizinisi eseliwole nemiklomelo yamabhizinisi ezwenikazi i-Afrika.

Ukuswela amandla okuyofundela ayefisa ukukufundela esikoleni akumvimbanga umthungi wasemakhaya ukuthi afeze iphupho lakhe. Uxoxe noLANGA KHANYILE

UKUKHULA ebona umshini wokuthunga uduvile, ulele uthuli kubo kwenza insizwa yaseNdawana, e-Underberg, KwaZulu-Natali, ibe nesifiso sokukwazi ukuwusebenzisa. Lo mshini owenza indaba kwakungokagogo wale nsizwa eqhamuke nomqondo wokuthunga amajakhethi angavamile.

Uneminyaka ewu-10 aqala ibhizinisi lokwenza izicathulo namabhande kwesikhumba kodwa usazishayela ngonyawo lonwabu ekukhuliseni ibhizinisi njengoba ethi akajahe ndawo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UNEMINYAKA eyishumi eziphilisa ngokwenza izikhwama, izicathulo namabhande ngesandla kwesikhumba uMnu uHlobo Mbube weHlobo Mbube Creatives eBhayi, eMpumalanga Kapa.

Ukuvama ukuhamba noyise uma eya enkampanini yakhe yokwakha kwatshala imbewu izelamani eziyibone isiqhuma kuzona njengoba nazo sezisebenza kulo mkhakha. USLINDILE KHANYILE uxoxe nesinye sazo

PHAKATHI kuka-2016 no-2018 uNksz uKedibone Tsiloane weRamtsilo Trading ubegoduka ngempelasonto asuke eGauteng alibangise eSasolburg, eFree State, afike axove usimende nenhlabathi bakha ama-blocks nodadewabo uKekeletso, ababambisene naye kule nkampani.

Ukuqaphela ukuthi iphepha elisetshenziswa ehhovisi lihlale liqhamuka ezinkampanini ezimbili kuphela kugqugquzele owesifazane omnyama nomncane ukuthi akhiqize iphepha. USLINDILE KHANYILE uxoxe naye

WAGCINA eseyihlaya lapho ayebambe itoho khona ngesikhathi esaqhubeka nezifundo zokuqeqeshelwa umsebenzi ngoba wayenganqeni ukufaka izicelo zomsebenzi okwakusuke kufuneka izikhulu eziphezulu kuwona yize wayesuke azi kahle ukuthi akanawo amava alowo msebenzi.

Ukuzibophezela ukuthi amalokishi angasali ngaphandle ezintweni ezithinta ubuchwepheshe kudlondlobalisa umsebenzi weNjinjiCom, uSLINDILE KHANYILE uyabika

NGISHO umuntu obengakuqondi kahle ukubaluleka kobuchwepheshe ukubonile ngesikhathi izwe livaliwe ngenxa yokuqubuka kweCOVID-19. Kodwa okunye okugqamile ngalesi sikhathi yindlela izindawo zabantu abamnyama ezisasele ngayo emuva uma kukhulunywa ngobuchwepheshe besimanjemanje.

Odade abaqala ngebhakede lamakhekhe, sebevule isitolo samakhekhe aneNkosi phakathi emicimbi emikhulu njengemishado. Balandise uLANGA KHANYILE

UMA ufika e-Uhuru Shopping Centre, inxanxatheleni yezitolo eClermont, eThekwini, uzozithela emabhizinisini ajwayelekile ezindaweni zabantu njengesitolo nendawo yokucwala izinwele. Kodwa kunolunye uhlobo lwamabhizinisi ozoluthola kule ndawo eqanjwe ngegama le-nightclub eyake yanedumela “eSkomplazi” namaphethelo eTheku, eliyisiSwahili nelisho ukuthi “inkululeko”. Kule ndawo uzothola isitolo samakhekhe ekhethelo, phecelezi ama-novelty cake, isitolo esikhanda amakhompyutha nendawo ebhucunga necwala abantu besifazane.

Uzimisele ngokushintsha indlela okusetshenzwa ngayo ezimayini ngobuchwespheshe besimanje ukuze kunciphe nesibalo sabashonayo emgodini. Unjiniyela wasezimayini osewusomabhizinisi uxoxe noSLINDILE KHANYILE

OSOMABHIZINISI abasafufusa kumele bathi begxilile ekukhuliseni amabhizinisi abawathandayo kodwa bathole nokunye okuzongenisa imali ngesikhathi besaphemba; ukugwema ukuwa kwamabhizinisi abo

Izibiliboco zakhe azehli esiphundu kuphela kodwa zinobuciko endleleni ezihlelwa ngayo oseziphilisa ngothando lwakhe lokupheka futhi obhizinisi lakhe livuthwa ngesivinini. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngalo

EMVA kweminyaka kuwumsebenzi awenza eceleni ngoba ubesaqashiwe, uNksz uNomvuyo Gwamanda uqunge isibindi kulo nyaka wakhetha ukugxila enkampanini yakhe yokudla, iDelicious Lab ezinze eGoli, eGauteng.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page