Owasukunyiswa wuthando lokufunda indlela elula yokunakekela izinwele zemvelo uyadlondlobala ebhizinisini lokucwala izinwele. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

UKUNAKEKELA izinwele zemvelo yinto abanye abayibona inzima nokungakho begcina bezifaka amakhemikhali okuzithambisa ukuze zingabi buhlungu. Yiloku kanye okwakhuthaza umnikazi wenkampani yemithi yezinwele.
UNkk uNontsikelelo Magwaza, umnikazi weMrs Hairfidence, uthi ekukhuleni kwakhe unina wayebathengela umuthi wokuthambisa izinwele yena nodadewabo.
“Kwakuthi uma kuvalwe izikole mina nosisi bami sigcobe umuthi wokwenza i-perm. Sasishintshana ngawo, usuke ekhanda likasisi wami, uye kolandelayo uze ufike kumina ngoba sasifuna ukuba nezinwele ezithambile,” kukhumbula yena.
Yiloku okwamenza wagxila ekwenzeni ucwaningo ngezinwele zabantu abamnyama, waqala wahlanganisa amafutha ehlukene ukuze izinwele zikameke kahle. Amafutha akhe wayewasebenzisa emadodakazini akhe amathathu, nokwenza ukuthi abantu babuzane ukuthi uwagcobani. Wabe esesungula iMrs Hairfidence ngo-2017, esisabalale KwaZulu-Natali.
“Ngifunde eMangosuthu (University of Technology), ngenza izifundo zezolimo. Ngangithanda ukuba nepulazi. Kodwa loko kwagcina kungenzekanga ngase ngibheka ezinweleni,” kusho uNkk uMagwaza.
Manje iMrs Hairfidence inama-salon amahlanu lapho kubhekwa khona izinwele zomuntu omnyama zemvelo. Imikhiqizo yokuzithambisa nokuzigeza itholakala kula magatsha abo okucwala izinwele nakwezinye izindawo abasebenzisana nazo.
“I-Mrs Hairfidence ayigcini lana eThekwini kuphela kodwa naseMpangeni, Olundi, ePinetown siyatholakala. Lapho kune-salon khona imikhiqizo ikhona futhi phakathi. Bese kuba izindawo engisebenzisana nazo njengasePort Shepstone, imikhiqizo itholakala ePlanet Nails,” kusho yena.

UNkk uMagwaza uthi akubanga lula ekuqaleni njengoba imikhiqizo yakhe yokuthambisa izinwele waqala ezenzela ekhaya esebenzisa isitofu ukuyipheka. Uthi waba nesibindi sokulandela leli phupho lakhe emva kokushona kukanina. Uthi emva komngcwabo wanquma ukuyeka emsebenzini ukuze agxile ebhizinisini.
“I-salon yami yokuqala yabe iseMorningside (eThekwini). Ngaqala ngezihlalo ezimbili nomcwali wezinwele oyedwa kuphela. Kodwa namhlanje kunabantu abangu-15 abasebenzayo nasefemini lapho kukhiqizwa khona.
“Njengamanje sinemikhiqizo abantu abangiyithenga esitolo esi-online uma bethanda. Umkhiqizo wethu obiza kancane uwuR45.”

UNkk uMagwaza uthi ukwesaba yisitha esikhulu sabantu abaningi, nokwenza ukuthi bangazethembi ngezinto abafisa ukuzenza. Ukhuthaza abantu ukuthi baqeqeshe imiqondo yabo ukuthi ngaso sonke isikhathi icabange izinto ezinhle neziphumelelisayo. Uthi futhi kumqoka uma ungena ebhizinisini ukuthi uthembele kuNkulunkulu, okunguyena omholile endleleni yakhe kuze kube manje.
Le nkampani iqokwe kweminye imiklomelo ehlonipha iqhaza labesifazane kanti isike yacelwa elinye lamakolishi azimele ukuthi iyofundisa futhi icobelelane ngolwazi lokucwala izinwele kubafundi ngaphansi kohlelo lwe-learnership.
UNkk uMagwaza usezinhlelweni zokuthi leli bhizinisi ligcine seliyi-franchise nokuzonika abanye abantu ilungelo lokusebenzisa igama lalo. Kumanje umatasa nezinhlelo zokuphothula loku nabameli bakhe.
Facebook: Mrs Hairfidence
Instagram: mrs_hairfidence
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo.